Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Jeremiya 42
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Jeremiya Okuphakathi

      • Abantu bacela uJeremiya ukuba abathandazele acele isiqondiso (1-6)

      • UJehova uyaphendula: “Ningayi eGibhithe” (7-22)

Jeremiya 42:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 40:13, 14

Jeremiya 42:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 28:62

Jeremiya 42:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 41:16

Jeremiya 42:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngizodabuka.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 32:36; Jer 18:7, 8; Mik 7:18

Jeremiya 42:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 41:17, 18

Jeremiya 42:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 34:6

Jeremiya 42:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 43:4, 7

Jeremiya 42:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “niyohlala khona okwesikhashana.”

Jeremiya 42:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 28:45; Jer 44:12-14, 27, 28

Jeremiya 42:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:8-10; 2Kr 34:24, 25; 36:16, 17; IsiL 2:4
  • +Jer 29:18

Jeremiya 42:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 42:1, 2

Jeremiya 42:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 24:19; Neh 9:26; Zak 7:11

Jeremiya 42:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 43:10, 11

Okunye

Jer. 42:1Jer 40:13, 14
Jer. 42:2Dut 28:62
Jer. 42:8Jer 41:16
Jer. 42:10Dut 32:36; Jer 18:7, 8; Mik 7:18
Jer. 42:11Jer 41:17, 18
Jer. 42:12Eks 34:6
Jer. 42:14Jer 43:4, 7
Jer. 42:16Dut 28:45; Jer 44:12-14, 27, 28
Jer. 42:182Kh 25:8-10; 2Kr 34:24, 25; 36:16, 17; IsiL 2:4
Jer. 42:18Jer 29:18
Jer. 42:20Jer 42:1, 2
Jer. 42:212Kr 24:19; Neh 9:26; Zak 7:11
Jer. 42:22Jer 43:10, 11
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Jeremiya 42:1-22

UJeremiya

42 Ngakho zonke izinduna zamabutho, uJohanani + indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHoshaya nabo bonke abantu, kusukela komncane kunabo bonke kuye komkhulu kunabo bonke, basondela 2 bathi kuJeremiya umprofethi: “Sicela ulalele isicelo sethu sokuboniswa umusa usithandazele kuJehova uNkulunkulu wakho, uthandazele bonke laba abasele, + ngoba sesisele simbalwa njengoba nawe ubona. 3 Kwangathi uJehova uNkulunkulu wakho angasitshela indlela okufanele sihambe ngayo nalokho okufanele sikwenze.”

4 UJeremiya umprofethi wathi kubo: “Nginizwile, ngiyathandaza kuJehova uNkulunkulu wenu njengoba nicelile; ngizonitshela wonke amazwi uJehova aniphendula ngawo. Ngeke nginifihlele lutho.”

5 Baphendula bathi kuJeremiya: “Kwangathi uJehova angaba ngufakazi weqiniso nothembekile futhi asijezise uma singeke siwenze wonke amazwi uJehova uNkulunkulu wakho azokuthuma wona kithi. 6 Sizolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle ngoba silalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”

7 Ngemva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya. 8 Ngakho wathumela ukuba kubizwe uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikanye naye nabo bonke abantu, kusukela komncane kunabo bonke kuye komkhulu kunabo bonke. + 9 Wathi kubo: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, lowo enangithuma kuye ukuba ngicele anibonise umusa: 10 ‘Uma nakanjani nizohlala kuleli zwe, ngizonakha ngeke nginidilize, ngizonitshala ngeke nginisiphule, ngoba ngizozisola* ngale nhlekelele enginibangele yona. + 11 Ningayesabi inkosi yaseBhabhiloni, eniyesabayo.’ +

“ ‘Ningesabi ngenxa yayo,’ kusho uJehova, ‘ngoba nginani ukuze nginisindise futhi nginikhulule kuyo. 12 Ngiyonibonisa isihe, + nayo iyoba nesihe kini inibuyisele ezweni lenu.

13 “ ‘Kodwa uma nithi, “Cha, ngeke sihlale kuleli zwe!” futhi ningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, 14 nithi, “Cha, sizoya ezweni laseGibhithe, + lapho singeke sibone khona impi noma sizwe umsindo wophondo obiza amasosha ukuba aye empini noma siswele ukudla; yilapho esiyohlala khona,” 15 ngakho yizwani izwi likaJehova nina enisele kwaJuda. Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Uma nifuna ngenkani ukuya eGibhithe bese nihamba niyohlala khona,* 16 khona-ke yona kanye inkemba eniyesabayo iyonithola khona lapho ezweni laseGibhithe, nayo kanye indlala eniyesabayo iyonilandela lapho eGibhithe, niyofela khona. + 17 Wonke amadoda azimisele ngokuyohlala eGibhithe ayofa ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe. Ayikho kuwo eyosinda noma eyophunyuka enhlekeleleni engiyowalethela yona.” ’

18 “Ngoba yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: ‘Njengoba nje intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwezakhamuzi zaseJerusalema, + kanjalo ulaka lwami luyothululelwa phezu kwenu uma niya eGibhithe, niyoba yisiqalekiso, into eshaqisayo, into yokuthukwa nehlazo, + ngeke niphinde nibuye kule ndawo.’

19 “UJehova ukhulume ngokumelene nani nina enisele kwaJuda. Ningayi eGibhithe. Kufanele nazi nakanjani ukuthi nginixwayisile namuhla 20 ukuthi isiphambeko senu siyonilahlekisela ngokuphila kwenu. Ngoba yini enangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu, nathi, ‘Sithandazele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu akushoyo, sizokwenza.’ + 21 Ngiyanitshela namuhla, kodwa ngeke nililalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu noma nenze noma yini angithume ukuba nginitshele yona. + 22 Manje kufanele nazi nakanjani ukuthi niyofa ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe endaweni enifisa ukuya kuyo ukuze nihlale khona.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela