Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • AbaHluleli 18
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

AbaHluleli Okuphakathi

      • AbakwaDani bafuna izwe (1-31)

        • Izithixo zikaMika nompristi wakhe kuyathathwa (14-20)

        • ILayishi liyanqotshwa bese liqanjwa ngokuthi kukwaDani (27-29)

        • KwaDani kukhonzwa isithixo (30, 31)

AbaHluleli 18:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ifa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 8:23; 1Sa 8:4, 5
  • +Jos 19:40
  • +Jos 19:47, 48; Hlu 1:34

AbaHluleli 18:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 19:41, 48
  • +Hlu 17:1, 5

AbaHluleli 18:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “indlela yokukhuluma yensizwa.”

AbaHluleli 18:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 17:9, 10

AbaHluleli 18:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 19:47, 48; Hlu 18:29
  • +Hlu 18:27

AbaHluleli 18:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 15:20, 33; Hlu 18:2

AbaHluleli 18:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 18:7, 27
  • +Eks 3:8; Dut 8:7-9

AbaHluleli 18:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 18:2

AbaHluleli 18:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “IKamu LakwaDani.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 7:1
  • +Hlu 13:24, 25

AbaHluleli 18:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 17:1, 5

AbaHluleli 18:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “onkulunkulu bomndeni; izithixo.”

  • *

    Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 18:2, 29
  • +Dut 27:15; Hlu 17:4, 5

AbaHluleli 18:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 17:7, 12; 18:30

AbaHluleli 18:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 18:11

AbaHluleli 18:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “onkulunkulu bomndeni; izithixo.”

  • *

    Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 18:2
  • +Eks 28:6; Hlu 8:27
  • +Gen 31:19
  • +Lev 19:4; Dut 27:15; Hlu 17:3-5
  • +Hlu 17:12

AbaHluleli 18:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “onkulunkulu bomndeni; izithixo.”

  • *

    Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”

AbaHluleli 18:19

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umeluleki.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 17:12
  • +Hlu 18:30

AbaHluleli 18:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “onkulunkulu bomndeni; izithixo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 17:4, 5

AbaHluleli 18:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 19:47, 48; Hlu 18:29
  • +Hlu 18:7, 10

AbaHluleli 18:28

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “lisethafeni eliphansi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Num 13:17, 21

AbaHluleli 18:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 19:47, 48; Hlu 20:1; 1Kh 4:25; 12:28, 29
  • +Gen 30:6; 32:28
  • +Hlu 18:7

AbaHluleli 18:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 17:1, 4; 18:18
  • +Hlu 17:12
  • +Eks 2:21, 22

AbaHluleli 18:31

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 40:2; Jos 18:1; 1Sa 1:3

Okunye

AbaHl. 18:1Hlu 8:23; 1Sa 8:4, 5
AbaHl. 18:1Jos 19:40
AbaHl. 18:1Jos 19:47, 48; Hlu 1:34
AbaHl. 18:2Jos 19:41, 48
AbaHl. 18:2Hlu 17:1, 5
AbaHl. 18:4Hlu 17:9, 10
AbaHl. 18:7Jos 19:47, 48; Hlu 18:29
AbaHl. 18:7Hlu 18:27
AbaHl. 18:8Jos 15:20, 33; Hlu 18:2
AbaHl. 18:10Hlu 18:7, 27
AbaHl. 18:10Eks 3:8; Dut 8:7-9
AbaHl. 18:11Hlu 18:2
AbaHl. 18:121Sa 7:1
AbaHl. 18:12Hlu 13:24, 25
AbaHl. 18:13Hlu 17:1, 5
AbaHl. 18:14Hlu 18:2, 29
AbaHl. 18:14Dut 27:15; Hlu 17:4, 5
AbaHl. 18:15Hlu 17:7, 12; 18:30
AbaHl. 18:16Hlu 18:11
AbaHl. 18:17Hlu 18:2
AbaHl. 18:17Eks 28:6; Hlu 8:27
AbaHl. 18:17Gen 31:19
AbaHl. 18:17Lev 19:4; Dut 27:15; Hlu 17:3-5
AbaHl. 18:17Hlu 17:12
AbaHl. 18:19Hlu 17:12
AbaHl. 18:19Hlu 18:30
AbaHl. 18:20Hlu 17:4, 5
AbaHl. 18:27Jos 19:47, 48; Hlu 18:29
AbaHl. 18:27Hlu 18:7, 10
AbaHl. 18:28Num 13:17, 21
AbaHl. 18:29Jos 19:47, 48; Hlu 20:1; 1Kh 4:25; 12:28, 29
AbaHl. 18:29Gen 30:6; 32:28
AbaHl. 18:29Hlu 18:7
AbaHl. 18:30Hlu 17:1, 4; 18:18
AbaHl. 18:30Hlu 17:12
AbaHl. 18:30Eks 2:21, 22
AbaHl. 18:31Eks 40:2; Jos 18:1; 1Sa 1:3
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
AbaHluleli 18:1-31

AbaHluleli

18 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. + Isizwe sakwaDani + sasifuna indawo* yokuhlala, ngoba kuze kube yileso sikhathi sasingakayitholi indawo eyanele eyifa laso phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli. +

2 AbakwaDani bathumela amadoda amahlanu esizwe sakubo ukuba ayohlola izwe alibhekisise, amadoda angamaqhawe, esuka eZora nase-Eshitawoli. + Bathi kuwo: “Hambani niyohlola izwe.” Lapho efika ezintabeni zakwa-Efrayimi, endlini kaMika, + alala khona ngalobo busuku. 3 Ngesikhathi esondela endlini kaMika, ezwa izwi alaziyo lensizwa* engumLevi, abe eseya kuyo afike athi: “Ubani okulethe lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?” 4 Yabatshela lokho uMika ayeyenzele khona, yathi: “Ungiqashile ukuze ngibe umpristi wakhe.” + 5 Athi kuye: “Sicela usibuzele kuNkulunkulu ukuthi uhambo lwethu luzophumelela yini.” 6 Umpristi wathi kuwo: “Hambani ngokuthula. UJehova unani ohambweni lwenu.”

7 Ngakho la madoda amahlanu aqhubeka aze afika eLayishi. + Abona indlela abantu bakhona ababehleli ngayo ngokuzethemba ngendlela okwakwenza ngayo abaseSidoni. Babenokuthula, bengasoli lutho, + kungenamuntu ocindezelayo owayehlasela izwe ukuze abaphazamise. Babekude kakhulu nabantu baseSidoni, bengenabudlelwane namuntu.

8 Lapho la madoda ebuyela kubafowabo eZora nase-Eshitawoli, + abafowabo bathi kuwo: “Nihambe kanjani?” 9 Wona athi: “Masikhuphuke siyolwa nabo, ngoba sibonile ukuthi izwe lihle kakhulu. Kungani ninqikaza? Phuthumani ningene nithathe izwe. 10 Lapho nifika, niyothola abantu abazikhululekele nje + kanti nezwe libanzi impela. UNkulunkulu ulinikele esandleni senu, liyizwe elingaswele lutho.” +

11 Ngemva kwalokho amadoda angu-600 ahlomele impi esizwe sakwaDani, asuka eZora nase-Eshitawoli. + 12 Enyuka amisa amatende eKiriyati-jeyarimi + kwaJuda. Yingakho leyo ndawo, esentshonalanga yeKiriyati-jeyarimi, ibizwa ngokuthi iMahane-dani *+ kuze kube namuhla. 13 Asuka lapho adlulela ezintabeni zakwa-Efrayimi aze afika endlini kaMika. +

14 Amadoda amahlanu ayekade ehambile eyohlola izwe laseLayishi + athi kubafowabo: “Benazi yini ukuthi kulezi zindlu kukhona i-efodi, izithombe zamatherafi,* umfanekiso oqoshiwe nesithombe sensimbi? *+ Manje nicabanga ukwenzenjani?” 15 Ngakho ama lapho angena endlini yale nsizwa engumLevi, + emzini kaMika, ayibuza impilo. 16 Sonke leso sikhathi, amadoda angu-600 akwaDani + ahlomele impi ayemi esangweni. 17 Amadoda amahlanu ayekade eyohlola izwe + angena endlini ayothatha umfanekiso oqoshiwe, i-efodi, + izithombe zamatherafi *+ nesithombe sensimbi. *+ (Umpristi + wayemi esangweni namadoda angu-600 ahlomele impi.) 18 Angena endlini kaMika athatha umfanekiso oqoshiwe, i-efodi, izithombe zamatherafi* nesithombe sensimbi.* Umpristi wathi kuwo: “Nenzani?” 19 Kodwa athi kuye: “Thula. Yeka ukulokhu ukhuluma, hamba nathi ukuze ube ubaba* nompristi wethu. Yikuphi okungcono kuwe phakathi kokuba umpristi endlini yomuntu oyedwa + nokuba umpristi esizweni nasemndenini wakwa-Israyeli?” + 20 Umpristi wagculiseka ngalokho, wayesethatha i-efodi, izithombe zamatherafi* nomfanekiso oqoshiwe + wahamba nalaba bantu.

21 Ngemva kwalokho aqhubeka nendlela yawo, ahambisa izingane, imfuyo nempahla yawo eyigugu phambi kwawo. 22 AbakwaDani base behambe ibangana ukusuka emzini kaMika lapho amadoda angomakhelwane bakaMika ebuthana futhi ebalandela. Ekugcineni abafica. 23 Lapho ebamemeza abakwaDani, baphenduka bathi kuMika: “Kwenzenjani? Kungani uze nabantu abaningi kangaka?” 24 Ngakho wathi: “Nithathe onkulunkulu bami engizenzele bona, nathatha nompristi nahamba naye. Yini engisasele nayo? Manje ningasho kanjani kimi ukuthi, ‘Kwenzenjani?’ ” 25 AbakwaDani bathi kuye: “Ungasithethisi; ngale kwalokho, amadoda athukuthele angase akulimaze, bese uyafa wena nomndeni wakho.” 26 Ngakho abakwaDani baqhubeka nendlela yabo; uMika ebona ukuthi banamandla kunaye, wajika wabuyela emzini wakhe.

27 Ngemva kokuthatha lokho uMika ayekwenzile nompristi wakhe, bahamba baya eLayishi, + kubantu ababezihlalele ngokuthula bengasoli lutho. + Bababulala ngenkemba, bashisa idolobha labo ngomlilo. 28 Kwakungekho muntu ozolikhulula, ngoba lalikude kakhulu neSidoni, lingenabudlelwane namuntu futhi lisethafeni* laseBheti-rehobe. + Ngemva kwalokho balakha kabusha lelo dolobha base behlala kulo. 29 Ngaphezu kwalokho, baqamba leli dolobha ngokuthi kukwaDani, + belibiza ngegama likayise uDani, owayezalwa u-Israyeli. + Kodwa ekuqaleni igama laleli dolobha kwakuyiLayishi. + 30 Ngemva kwalokho abakwaDani bazimisela umfanekiso oqoshiwe, + uJonathani + indodana kaGereshomu, + indodana kaMose, namadodana akhe baba ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba isikhathi sokudingiswa. 31 Bawumisa lapho umfanekiso oqoshiwe owawenziwe uMika, wahlala lapho zonke izinsuku indlu kaNkulunkulu weqiniso eyaqhubeka ngazo iseShilo. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela