IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Ngimfunile kodwa angimtholanga. +
Ngimfunile kodwa angimtholanga.
3 Abalindi abazungeza idolobha bangithola. +
‘Anisibonanga yini isithandwa sami?’*
4 Ngangisanda kudlula nje kubo
Lapho ngithola isithandwa sami.*
Ngambamba ngangamdedela
Kwaze kwaba yilapho ngimngenisa endlini kamama, +
Ekamelweni elingaphakathi lalowo owangikhulelwa.
5 Ngiyanifungisa madodakazi aseJerusalema,
Ngobuhle bezinyamazane nobezinyamazane zezinsikazi zasendle:
Ningazami ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona.” +
6 “Kuyini lokhu okukhuphuka kuvela ehlane okubukeka njengamafu entuthu,
Kuqholwe ngamakha emure nempepho,
Ngazo zonke izimpushana ezinamakha zomthengisi?” +
7 “Bheka! Usofa kaSolomoni.
Uzungezwe amadoda anamandla angamashumi ayisithupha,
Avela emadodeni anamandla akwa-Israyeli, +
8 Wonke ahlome ngezinkemba,
Wonke aqeqeshelwe impi,
Ngayinye inenkemba ethangeni layo
Ukuze imqaphe ezingozini zasebusuku.”
10 Izinsika zalo yazenza ngesiliva,
Izisekelo zalo yazenza ngegolide.
Isihlalo salo senziwe ngoboya obuphephuli;
Ingaphakathi lalo lalihlotshiswe kahle
Ngamadodakazi aseJerusalema.”
11 “Phumani madodakazi aseZiyoni,
Nibuke iNkosi uSolomoni
Ithwele umqhele womshado eyawenzelwa unina +
Ngosuku lwayo lomshado,
Ngosuku lokujabula kwenhliziyo yayo.”