Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • AbaHluleli 12
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

AbaHluleli Okuphakathi

      • Ingxabano nabakwa-Efrayimi (1-7)

        • Isivivinyo ngegama elithi Shibholeti (6)

      • AbaHluleli u-⁠Ibhizani, u-⁠Eloni no-Abhidoni (8-15)

AbaHluleli 12:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma kungaba, “awelela ngasenyakatho.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 8:1

AbaHluleli 12:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umphefumulo wami esandleni sami.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 11:29

AbaHluleli 12:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 3:12, 13

AbaHluleli 12:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 3:28; 7:24

AbaHluleli 12:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 2:16

AbaHluleli 12:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 36:12; Eks 17:16; Num 13:29; 1Sa 15:2

Okunye

AbaHl. 12:1Hlu 8:1
AbaHl. 12:3Hlu 11:29
AbaHl. 12:4Dut 3:12, 13
AbaHl. 12:5Hlu 3:28; 7:24
AbaHl. 12:8Hlu 2:16
AbaHl. 12:15Gen 36:12; Eks 17:16; Num 13:29; 1Sa 15:2
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
AbaHluleli 12:1-15

AbaHluleli

12 Amadoda akwa-Efrayimi abizelwa ndawonye, awelela eZafoni* athi kuJefta: “Kungani ungasibizanga ukuba sihambe nawe lapho uyolwa nabakwa-Amoni? + Sizokushisela endlini yakho.” 2 Kodwa uJefta wathi kuwo: “Mina nabantu bakithi besisempini enkulu nabakwa-Amoni. Ngalucela usizo kini, kodwa anizange ningisindise esandleni sabo. 3 Lapho ngibona ukuthi anizimisele ukungisindisa, nganquma ukubeka ukuphila kwami engozini,* ngahamba ngayolwa nabakwa-Amoni. + UJehova wabanikela esandleni sami. Pho kungani nizolwa nami namuhla?”

4 UJefta wabe eseqoqela ndawonye wonke amadoda aseGileyadi, + balwa no-Efrayimi; amadoda aseGileyadi amnqoba u-Efrayimi, owayethe: “Ningababaleki abasuka kwa-Efrayimi, nina bantu baseGileyadi enihlala kwa-Efrayimi nakwaManase.” 5 AbaseGileyadi bavimba u-Efrayimi emazibukweni aseJordani; + kwakuthi lapho amadoda akwa-Efrayimi ezama ukubaleka, athi: “Ngicela ukuwela”; amadoda aseGileyadi ayebuza ngamunye athi: “Ingabe ungumEfrayimi?” Lapho ethi, “Cha!” 6 ayethi kuye: “Sicela uthi Shiboleti.” Kodwa yena wayethi, “Siboleti,” njengoba ayengakwazi ukulibiza kahle leli gama. Ayebe esembamba ambulale emazibukweni aseJordani. Ngakho kwafa abakwa-Efrayimi abangu-42 000 ngaleso sikhathi.

7 UJefta wahlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha, okwathi ngemva kwalokho uJefta waseGileyadi wafa wangcwatshwa edolobheni lakubo eGileyadi.

8 Ngemva kwakhe u-Ibhizani waseBhetlehema wahlulela u-Israyeli. + 9 Wayenamadodana angu-30 namadodakazi angu-30. Wavumela amadodakazi akhe ukuba ayoshada namadoda esinye isizwe, wathathela amadodana akhe abafazi abangu-30 abavela kwesinye isizwe. Wahlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa. 10 U-Ibhizani wayesefa, wangcwatshwa eBhetlehema.

11 Ngemva kwakhe u-Eloni wakwaZebhuloni wahlulela u-Israyeli; wahlulela u-Israyeli iminyaka eyishumi. 12 U-Eloni wakwaZebhuloni wayesefa wangcwatshwa e-Ajaloni ezweni lakwaZebhuloni.

13 Ngemva kwakhe u-Abhidoni indodana kaHileli umPirathoni wahlulela u-Israyeli. 14 Wayenamadodana angu-40 nabazukulu babafana abangu-30 ababegibela izimbongolo ezingu-70. Wahlulela u-Israyeli iminyaka engu-8. 15 U-Abhidoni indodana kaHileli umPirathoni wafa, wangcwatshwa ePirathoni ezweni lakwa-Efrayimi entabeni yomAmaleki. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela