U-Isaya
18 Maye ngezwe lezinambuzane ezibhuzayo ezinamaphiko,
Elisesifundeni semifula yaseTopiya! +
2 Lithumela izithunywa ngolwandle,
Zihambe emanzini ngemikhumbi yemihlanga, lithi:
“Hambani, nina zithunywa ezinejubane,
Niye esizweni esinabantu abade nabanesikhumba esihle,*
Esizweni esesatshwa yonke indawo, +
Esizweni esinamandla nesinqobayo,*
Izwe laso elikhukhulwe yimifula.”
3 Nina nonke enakhe ezweni nani nonke enihlala emhlabeni,
Eniyokubona kuyoba njengesibonakaliso* esiphakanyiswe ezintabeni,
Niyozwa umsindo onjengowokushaywa kophondo.
4 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi:
“Ngizohlala ngingaphazamisekile futhi ngibheke indawo* yami emisiwe,
Njengomoya oshisayo ohambisana nokukhanya kwelanga,
Njengamazolo ekushiseni kwangesikhathi sokuvuna.
5 Ngoba ngaphambi kokuvuna,
Lapho izimbali seziqedile ukuqhakaza futhi ziba amagilebhisi avuthwayo,
Amahlumela ayonqunywa ngesikele sokuthena izihlahla
Imiliba iyosuswa.
6 Izidumbu zabo ziyoshiyelwa izinyoni zasezintabeni ezidla inyama
Nezilwane zasemhlabeni.
Izinyoni ezidla inyama ziyohlala kuzo ehlobo,
Nazo zonke izilwane zasemhlabeni ziyohlala kuzo ngesikhathi sokuvuna.