UJeremiya
30 Leli yizwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: 2 “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, ‘Bhala encwadini wonke amazwi engiwakhuluma kuwe. 3 Ngoba “bheka! kuza izinsuku,” kusho uJehova, “lapho ngiyoqoqa khona abantu bami abathunjiwe, u-Israyeli noJuda,” + kusho uJehova, “ngibabuyisele ezweni engalinika okhokho babo, liphinde libe ngelabo.” ’ ” +
4 Yilawa amazwi uJehova awasho ku-Israyeli nakuJuda.
5 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Sizwe ukukhala kwabantu abethukile;
Kugcwele ukwesaba, akukho ukuthula.
6 Ngicela nibuze ukuthi kuyenzeka yini ukuba indoda ibelethe.
Pho kungani ngibona wonke amadoda anamandla ebeke izandla zawo esiswini*
Njengowesifazane obelethayo? +
Kungani bonke ubuso buphaphathekile?
7 Maye! Ngoba lolo suku luyesabeka. *+
Alukho olufana nalo,
Luyisikhathi sokucindezeleka kuJakobe.
Kodwa ngiyomsindisa.”
8 “Ngalolo suku,” kusho uJehova wamabutho, “ngiyolephula ijoka ngilisuse entanyeni yakho, nezibopho* zakho ngizigqabule; abantu bakwamanye amazwe ngeke besamenza isigqila sabo.* 9 Abantu bami bayokhonza uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, engiyobamisela yena.” +
10 “Kodwa wena, nceku yami Jakobe ungesabi,” kusho uJehova,
“Ungethuki Israyeli. +
Ngoba ngizokusindisa ukude
Nenzalo yakho ezweni ethunjelwe kulo. +
UJakobe uyobuya ahlale ngokuthula angaphazanyiswa lutho,
Kungekho muntu omenza esabe.” +
11 “Ngoba nginawe,” kusho uJehova, “ukuba ngikusindise.
12 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo:
“Alikho ikhambi lokulimala kwakho. +
Inxeba lakho alelapheki.
13 Akekho ozokumela ecaleni lakho,
Ayikho indlela yokwelapha isilonda sakho.
Alikho ikhambi lokukwelapha.
14 Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe. +
Azisakufuni.
Ngoba ngikushaye njengokungathi ushaywe yisitha, +
Ngendlela umuntu onesihluku ajezisa ngayo,
Ngenxa yecala lakho elikhulu nezono zakho eziningi. +
15 Kungani ukhaliswa ukulimala kwakho?
Ubuhlungu bakho abelapheki!
Ngenxa yecala lakho elikhulu nezono zakho eziningi +
Ngenze lokhu kuwe.
Labo abanithathela izinto zenu ngenkani nabo bayothathelwa izinto zabo ngenkani,
Bonke abakuphangayo ngiyobanikela ekuphangweni.” +
17 “Kodwa ngiyokwenza ululame, ngipholise amanxeba akho,” + kusho uJehova,
“Nakuba bakubiza ngokuthi ungolahliwe:
‘IZiyoni, elingafunwa muntu.’ ” +
18 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Ngiqoqa abathunjiwe bamatende kaJakobe, +
Ngizohawukela amatabernakele akhe.
Idolobha liyophinde lakhiwe endundumeni yalo, +
Umbhoshongo oqinile uyokuma endaweni yawo efanele.
19 Bayobonga, bamemeze ngenjabulo. +
20 Amadodana akhe ayochuma njengakuqala,
Ngiyobenza babe isizwe esinamandla phambi kwami. +
Ngiyobajezisa bonke abamcindezelayo. +
21 Umholi wakhe uyovela kuye,
Phakathi kwakhe kuyophuma umbusi wakhe.
Ngiyomenza ukuba asondele, uyosondela kimi.”
“Ngale kwalokho, ngubani ongalokotha* asondele kimi?” kusho uJehova.
22 “Niyoba ngabantu bami, + mina ngibe nguNkulunkulu wenu.” +
23 Kuyophuma isivunguvungu sivela kuJehova, +
Ulaka lwakhe luyoba njengesiphepho esikhwishiza phezu kwamakhanda ababi.
24 UJehova ngeke ayinqande intukuthelo yakhe evuthayo
Kuze kube yilapho esekufezile akuhlosile. +
Ezinsukwini zokugcina niyokuqonda lokhu. +