AmaHubo
Ihubo likaDavide, lapho esehlane lakwaJuda. +
63 O Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngilokhu ngikufuna. +
Ngiyakulangazelela. +
Ngiphelelwe amandla ngenxa yokukulangazelela
Ezweni elomile neliwugwadule, lapho kungenamanzi khona. +
2 Ngakho ngikubhekile endaweni engcwele;
Ngiwabonile amandla akho nenkazimulo yakho. +
4 Ngizokudumisa ukuphila kwami konke;
Ngizophakamisa izandla zami ngibize igama lakho.
6 Ngiyakukhumbula lapho ngisembhedeni wami;
Ngizindla ngawe phakathi nobusuku. +
8 Ngibambelele kuwe;
Isandla sakho sokudla singibambe sangiqinisa. +
9 Kodwa labo abafuna ukungibulala
Bayokwehlela egodini.
10 Bayobulawa ngenkemba;
Bayoba ukudla kwezimpungushe.*
11 Kodwa inkosi iyojabula ngoNkulunkulu.
Wonke umuntu ofunga igama laKhe uyothokoza,*
Ngoba umlomo walabo abanamanga uyovalwa.