Numeri
36 Izinhloko zemindeni yabantwana bakwaGileyadi indodana kaMakiri + indodana kaManase wemindeni yabantwana bakwaJosefa zasondela zakhuluma phambi kukaMose nezikhulu, izinhloko zemindeni yama-Israyeli. 2 Zathi: “UJehova wayala inkosi yami ukuba yabele ama-Israyeli izwe ngenkatho; + futhi inkosi yami yayalwa uJehova ukuba ifa likamfowethu uZelofehadi ilinike amadodakazi akhe. + 3 Uma eshada amadoda akwesinye isizwe sakwa-Israyeli, ifa lalaba besifazane liyokhishwa efeni lobaba linezelwe efeni lesizwe abayokuba ngabaso, liyokhishwa efeni lethu elalabiwe ngenkatho. 4 Manje ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli beba neJubili, + ifa lalaba besifazane liyokwenezelwa efeni lesizwe abayobe sebengabaso, ifa labo liyokhishwa efeni lesizwe soyise.”
5 UMose wayala ama-Israyeli ngomyalo kaJehova, wathi: “Lokhu okushiwo isizwe sabantwana bakwaJosefa kuyiqiniso. 6 Nanti izwi uJehova aliyalile ngamadodakazi kaZelofehadi: ‘Angashada nanoma ubani amthandayo. Nokho, kufanele ashade nomuntu osemndenini wesizwe soyise. 7 Alikho ifa lama-Israyeli okufanele lisuke kwesinye isizwe liye kwesinye, ngoba ama-Israyeli kufanele aligcine ifa lesizwe sokhokho bawo. 8 Wonke amadodakazi anefa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli kufanele ashadele esizweni soyise, + ukuze ama-Israyeli agcine ifa lokhokho bawo. 9 Alikho ifa okufanele lisuke kwesinye isizwe liye kwesinye ngoba izizwe zakwa-Israyeli kufanele zigcine ifa lazo.’”
10 Amadodakazi kaZelofehadi enza njengoba nje uJehova ayemyalile uMose. + 11 Ngakho uMahila, uTiriza, uHogila, uMilka noNowa, amadodakazi kaZelofehadi, + bashada namadodana abafowabo bakayise. 12 Baba abafazi bamadoda emindeni yakwaManase indodana kaJosefa, ukuze ifa labo liqhubeke lisesizweni somndeni kayise.
13 Leyo imiyalo nezinqumo zokwahlulela uJehova azinika ama-Israyeli ngoMose emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaseJordani eJeriko. +