Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 Samuweli 10
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

1 Samuweli Okuphakathi

      • USawule uyagcotshwa ukuba abe yinkosi (1-16)

      • USawule wethulwa kubantu (17-27)

1 Samuweli 10:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 16:13; 2Kh 9:2, 3
  • +1Sa 9:16; IzE 13:21
  • +Eks 19:5; Dut 32:9

1 Samuweli 10:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 35:19
  • +1Sa 9:3, 5

1 Samuweli 10:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:19, 22

1 Samuweli 10:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “endaweni ephakeme.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

1 Samuweli 10:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Num 11:25
  • +1Sa 10:10

1 Samuweli 10:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 7:15, 16; 11:14

1 Samuweli 10:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 14:5, 6; 1Sa 11:6; 16:13
  • +1Sa 10:6; 19:23

1 Samuweli 10:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “isaga.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 19:24

1 Samuweli 10:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 9:3

1 Samuweli 10:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 7:5

1 Samuweli 10:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 13:14; Dut 4:34

1 Samuweli 10:19

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nangamaqembu enu abantu abayinkulungwane.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 8:7; 12:12

1 Samuweli 10:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 7:16-18; IzE 1:24
  • +1Sa 9:21

1 Samuweli 10:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 13:21

1 Samuweli 10:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 1:1; 20:18, 28; 1Sa 23:2

1 Samuweli 10:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 9:2

1 Samuweli 10:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 17:14, 15; 1Sa 9:17

1 Samuweli 10:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 8:11-18

1 Samuweli 10:27

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “Kodwa waba njengesimungulu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 11:12
  • +1Kh 10:1, 10; 2Kr 17:5

Okunye

1 Sam. 10:11Sa 16:13; 2Kh 9:2, 3
1 Sam. 10:11Sa 9:16; IzE 13:21
1 Sam. 10:1Eks 19:5; Dut 32:9
1 Sam. 10:2Gen 35:19
1 Sam. 10:21Sa 9:3, 5
1 Sam. 10:3Gen 28:19, 22
1 Sam. 10:6Num 11:25
1 Sam. 10:61Sa 10:10
1 Sam. 10:81Sa 7:15, 16; 11:14
1 Sam. 10:10Hlu 14:5, 6; 1Sa 11:6; 16:13
1 Sam. 10:101Sa 10:6; 19:23
1 Sam. 10:121Sa 19:24
1 Sam. 10:141Sa 9:3
1 Sam. 10:171Sa 7:5
1 Sam. 10:18Eks 13:14; Dut 4:34
1 Sam. 10:191Sa 8:7; 12:12
1 Sam. 10:20Jos 7:16-18; IzE 1:24
1 Sam. 10:201Sa 9:21
1 Sam. 10:21IzE 13:21
1 Sam. 10:22Hlu 1:1; 20:18, 28; 1Sa 23:2
1 Sam. 10:231Sa 9:2
1 Sam. 10:24Dut 17:14, 15; 1Sa 9:17
1 Sam. 10:251Sa 8:11-18
1 Sam. 10:271Sa 11:12
1 Sam. 10:271Kh 10:1, 10; 2Kr 17:5
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
1 Samuweli 10:1-27

Eyokuqala KaSamuweli

10 USamuweli wathatha isigubhu samafutha wawathela ekhanda likaSawule. + Wamqabula wayesethi: “UJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi + wefa lakhe. + 2 Uma usuka lapha kimi namuhla, uzothola amadoda amabili eduze kwethuna likaRaheli + endaweni yakwaBhenjamini eZeliza, azothi kuwe, ‘Izimbongolo obuyozifuna zitholakele, kodwa manje uyihlo useyiyekile indaba yezimbongolo + usekhathazeke ngawe. Uthi: “Ngizokwenzenjani ngendodana yami?” ’ 3 Ubodlula lapho uze uyofika esihlahleni esikhulu esiseThabori, lapho uzohlangana namadoda amathathu ekhuphukela kuNkulunkulu weqiniso eBhethele, + enye iphethe amazinyane amathathu, enye iphethe izinkwa ezintathu, enye iphethe imbiza enkulu yewayini. 4 Azokubuza impilo bese ekunika izinkwa ezimbili, kumele uzithathe lezo zinkwa. 5 Ngemva kwalokho uzofika egqumeni likaNkulunkulu weqiniso, lapho kukhona khona ibutho lamaFilisti. Lapho ufika edolobheni, uzohlangana neqembu labaprofethi lehla livela endaweni engcwele,* njengoba liprofetha phambi kwalo kuzobe kudlalwa insimbi yomculo enezintambo, ithamborini, umtshingo nehabhu. 6 Umoya kaJehova uzokunika amandla + uprofethe kanye nalo, uzoshintsha kube sengathi ungomunye umuntu. + 7 Lapho zonke lezi zibonakaliso sezenzekile, yenza noma yini onamandla okuyenza, ngoba uNkulunkulu weqiniso unawe. 8 Ngemva kwalokho, hamba udlulele eGiligali, + ngizokwehla ngize kuwe ukuze nginikele imihlatshelo eshiswayo nemihlatshelo ehlanganyelwayo. Kufanele ulinde izinsuku eziyisikhombisa ngize ngifike kuwe. Ngizobe sengikutshela lokho okufanele ukwenze.”

9 Kwathi nje lapho uSawule ephenduka esuka kuSamuweli, uNkulunkulu waqala ukushintsha inhliziyo yakhe yaba njengeyomunye umuntu, zonke lezi zibonakaliso zagcwaliseka ngalolo suku. 10 Ngakho basuka lapho baya egqumeni, wafike wahlangana neqembu labaprofethi khona. Ngaso leso sikhathi umoya kaNkulunkulu wamnika amandla, + waqala ukuprofetha + kanye nalo. 11 Lapho bonke labo ababemazi bembona eprofetha kanye nabaprofethi, bathi omunye komunye: “Kwenzekeni endodaneni kaKishi? Ingabe noSawule uphakathi kwabaprofethi?” 12 Enye indoda eyayilapho yathi: “Obani oyise balaba abanye abaprofethi?” Ngakho kwaba khona isisho* esithi: “Ingabe noSawule uphakathi kwabaprofethi?” +

13 Lapho eqeda ukuprofetha, waya endaweni ephakeme. 14 Kamuva umfowabo kayise kaSawule wathi kuye nasesikhonzini sakhe: “Beniyephi?” Wathi: “Besiyofuna izimbongolo, + kodwa asizitholanga, ngakho sihambile saya kuSamuweli.” 15 Umfowabo kayise kaSawule wathi: “Ngicela ungitshele, utheni uSamuweli kini?” 16 USawule wathi kumfowabo kayise: “Usitshele ukuthi izimbongolo sezitholakele.” Kodwa uSawule akamtshelanga ngalokho okwakushiwo uSamuweli ngendaba yobukhosi.

17 USamuweli wabe esebizela abantu ndawonye kuJehova eMispa + 18 wathi kuma-Israyeli: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: ‘Yimi engakhipha u-Israyeli eGibhithe nowanikhulula esandleni seGibhithe + nasesandleni sayo yonke imibuso eyayinicindezela. 19 Kodwa namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu + owayenguMsindisi wenu kukho konke okubi okwanehlela nasosizini lwenu, nathi: “Cha, kufanele usibekele inkosi ezosibusa.” Manje yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangemindeni yenu.’ ”*

20 Ngakho uSamuweli wacela ukuba zonke izizwe zakwa-Israyeli zisondele, + kwakhethwa isizwe sakwaBhenjamini. + 21 Wayesecela ukuba kusondele isizwe sakwaBhenjamini ngemindeni yaso, kwakhethwa umndeni wamaMathiri. Ekugcineni kwakhethwa uSawule indodana kaKishi. + Kodwa lapho behamba beyomfuna, abamtholanga. 22 Ngakho babuza uJehova + bathi: “Ingabe usefikile lapha lowo muntu?” UJehova wathi: “Nangu laphaya ecashe phakathi kwemithwalo.” 23 Ngakho bagijima bayomlanda. Lapho ema phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abanye abantu. + 24 USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona yini lowo uJehova amkhethile, + ukuthi akekho noyedwa onjengaye phakathi kwabo bonke abantu?” Bonke abantu bamemeza bathi: “Mana njalo nkosi!”

25 USamuweli wakhuluma nabantu ngelungelo elifanele lamakhosi, + walibhala encwadini wayibeka phambi kukaJehova. Ngemva kwalokho uSamuweli wabadedela bonke abantu bahamba, yilowo nalowo waya endlini yakhe. 26 USawule naye wahamba waya kubo eGibheya, ehamba namaqhawe uJehova ayethinte izinhliziyo zawo. 27 Kodwa amadoda angelusizo lwalutho, athi: “Uzosisindisa kanjani lo?” + Ambukela phansi, awamnikanga sipho. + Kodwa akashongo lutho ngalokho.*

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela