Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 Samuweli 13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

1 Samuweli Okuphakathi

      • USawule ukhetha ibutho lempi (1-4)

      • USawule uyagabadela (5-9)

      • USamuweli usola uSawule (10-14)

      • U-Israyeli akanazo izikhali (15-23)

1 Samuweli 13:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Inombolo ayibhalwanga embhalweni wesiHebheru.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 13:21

1 Samuweli 13:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 18:1; 2Sa 1:4; 21:7
  • +Jos 18:28; 1Sa 10:26

1 Samuweli 13:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 13:2, 3; 1Sa 9:16
  • +Jos 21:8, 17
  • +Hlu 3:26, 27; 6:34; 2Sa 2:28

1 Samuweli 13:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 5:9; 1Sa 11:14

1 Samuweli 13:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 20:1
  • +Jos 7:2; 18:11, 12; 1Sa 14:23

1 Samuweli 13:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 14:11

1 Samuweli 13:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Num 32:1, 33; Jos 13:24, 25

1 Samuweli 13:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 15:22, 23

1 Samuweli 13:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 13:6, 8
  • +1Sa 13:5

1 Samuweli 13:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “angikabuthambisi ubuso bukaJehova.”

1 Samuweli 13:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 15:11

1 Samuweli 13:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 15:28
  • +1Sa 16:1; 2Sa 7:15; IHu 78:70; IzE 13:22
  • +Gen 49:10; 2Sa 5:2; 7:8; 1 IziKr. 28:4
  • +IzA 11:2

1 Samuweli 13:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 13:7; 14:2

1 Samuweli 13:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 13:3
  • +1Sa 13:2

1 Samuweli 13:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 10:11

1 Samuweli 13:21

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Induku efakwe insimbi ecijile phambili, okwakuqhutshwa ngayo izinkabi.

  • *

    Isisindo sasendulo, esasicishe sibe yizingxenye ezimbili kwezintathu zeshekeli.

1 Samuweli 13:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 17:47, 50

1 Samuweli 13:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Amasosha.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 13:2; 14:4, 5

Okunye

1 Sam. 13:1IzE 13:21
1 Sam. 13:21Sa 18:1; 2Sa 1:4; 21:7
1 Sam. 13:2Jos 18:28; 1Sa 10:26
1 Sam. 13:3Jos 13:2, 3; 1Sa 9:16
1 Sam. 13:3Jos 21:8, 17
1 Sam. 13:3Hlu 3:26, 27; 6:34; 2Sa 2:28
1 Sam. 13:4Jos 5:9; 1Sa 11:14
1 Sam. 13:5Dut 20:1
1 Sam. 13:5Jos 7:2; 18:11, 12; 1Sa 14:23
1 Sam. 13:61Sa 14:11
1 Sam. 13:7Num 32:1, 33; Jos 13:24, 25
1 Sam. 13:91Sa 15:22, 23
1 Sam. 13:111Sa 13:6, 8
1 Sam. 13:111Sa 13:5
1 Sam. 13:131Sa 15:11
1 Sam. 13:141Sa 15:28
1 Sam. 13:141Sa 16:1; 2Sa 7:15; IHu 78:70; IzE 13:22
1 Sam. 13:14Gen 49:10; 2Sa 5:2; 7:8; 1 IziKr. 28:4
1 Sam. 13:14IzA 11:2
1 Sam. 13:151Sa 13:7; 14:2
1 Sam. 13:161Sa 13:3
1 Sam. 13:161Sa 13:2
1 Sam. 13:18Jos 10:11
1 Sam. 13:221Sa 17:47, 50
1 Sam. 13:231Sa 13:2; 14:4, 5
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
1 Samuweli 13:1-23

Eyokuqala KaSamuweli

13 USawule wayeneminyaka engu-. . .* ubudala lapho eba yinkosi + kwa-Israyeli. Ngemva kokubusa iminyaka emibili, 2 uSawule wakhetha amadoda angu-3 000 kwa-Israyeli; angu-2 000 ayekanye noSawule eMikimashi nasezintabeni zaseBhethele, angu-1 000 ekanye noJonathani + eGibheya + kwaBhenjamini. Bonke abanye abantu wathi abahambe, yilowo nalowo aye etendeni lakhe. 3 UJonathani wabulala iviyo lamaFilisti + elaliseGeba, + amaFilisti ezwa ngakho. USawule wayesethumela izithunywa kulo lonke elakwa-Israyeli ukuba zishaye uphondo + zibize amadoda akwa-Israyeli, zithi: “Wonke amaHebheru mawalalele!” 4 Wonke u-Israyeli wezwa ukuthi uSawule ubulale ibutho lamaFilisti, nokuthi amaFilisti aseyamzonda u-Israyeli. Ngakho abantu babizwa ukuba balandele uSawule baye eGiligali. +

5 AmaFilisti nawo aqoqana ukuze ayolwa no-Israyeli, enezinqola zempi ezingu-30 000, abagibeli bamahhashi abangu-6 000 namabutho ahamba ngezinyawo amaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle; + akhuphuka afike amisa amatende eMikimashi empumalanga yeBheti-aveni. + 6 Amadoda akwa-Israyeli abona ukuthi asenkingeni ngoba kwakungawahambeli kahle; ngakho abantu bacasha emihumeni, + emigodini, emaweni, ezinqabeni ezingaphansi komhlaba nasemithonjeni. 7 Amanye amaHebheru aze awela ngisho neJordani aya ezweni lakwaGadi nakwaGileyadi. + Kodwa uSawule wayeseseGiligali, bonke abantu ababemlandela babethuthumela. 8 Wayelokhu elindile izinsuku eziyisikhombisa kwaze kwafika isikhathi uSamuweli ayesibekile, kodwa uSamuweli akafikanga eGiligali, nabantu base beqala ukuhlakazeka bemshiya. 9 Ekugcineni uSawule wathi: “Lethani lapha umhlatshelo oshiswayo nemihlatshelo ehlanganyelwayo.” Ngemva kwalokho wanikela umhlatshelo oshiswayo. +

10 Kodwa ngokushesha nje lapho eqeda ukunikela umhlatshelo oshiswayo, uSamuweli wafika. Ngakho uSawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela. 11 USamuweli wathi: “Yini le oyenzile?” USawule wathi: “Ngibone ukuthi abantu bayangishiya, + nokuthi nawe awufikanga ngesikhathi esibekiwe, futhi amaFilisti abeqoqana eMikimashi. + 12 Ngakho ngithe enhliziyweni yami, ‘Manje amaFilisti azokwehla azolwa nami eGiligali, kanti angikawuceli umusa kaJehova.’* Ngakho ngizizwe ngiphoqelekile ukunikela umhlatshelo oshiswayo.”

13 USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula. Awuwulalelanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho. + Ukube ubuwulalelile, uJehova ubeyowuqinisa unomphela umbuso wakho phezu kuka-Israyeli. 14 Kodwa manje umbuso wakho ngeke uhlale isikhathi eside. + UJehova uzozitholela umuntu ojabulisa inhliziyo yakhe, + uJehova uzommisa abe ngumholi wabantu bakhe, + ngoba awukugcinanga lokho uJehova akuyale ngakho.” +

15 Ngemva kwalokho uSamuweli wasuka eGiligali wakhuphukela eGibheya kwaBhenjamini, uSawule wabala abantu; labo ababengamshiyanga kwakungamadoda angaba ngu-600. + 16 USawule, uJonathani indodana yakhe kanye nabantu ababengabashiyanga babeseGeba + kwaBhenjamini, amaFilisti wona ayemise amatende eMikimashi. + 17 Ibutho labaphangi lalisuka ekamu lamaFilisti lingamaviyo amathathu. Iviyo lokuqala lalithatha umgwaqo oya e-Ofira, ezweni laseShuwali; 18 iviyo lesibili lalithatha umgwaqo oya eBheti-horoni; + kanti iviyo lesithathu lalithatha umgwaqo oya emngceleni obhekene nesigodi saseZeboyimi, ngasehlane.

19 Ngaleso sikhathi kwakungekho ngisho noyedwa umuntu osebenza ngensimbi kwa-Israyeli, ngoba amaFilisti ayethe: “Asifuni amaHebheru enze izinkemba noma imikhonto.” 20 Wonke ama-Israyeli kwakudingeka aye kumaFilisti ukuze alolelwe amageja, amagejambazo, izimbazo noma amasikela. 21 Ukulola amageja, amagejambazo, izimfologo, izimbazo nokulungisa izinkandi* zezinkabi kwakubiza ipimi.* 22 Lapho kuyiwa empini akukho muntu owayesuke enenkemba noma umkhonto kubantu ababekanye noSawule noJonathani; + uSawule noJonathani indodana yakhe kuphela abebenezikhali.

23 Iviyo* lamaFilisti laliphumile laya endaweni yokuwela emhosheni waseMikimashi. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela