U-Isaya
24 Bheka! UJehova uyaligeqa izwe,* ulenza incithakalo. +
Ulibhekisa phansi *+ ahlakaze abahlala kulo. +
2 Kuyokwenzeka okufanayo kuwo wonke umuntu:
Abantu kanye nabapristi,
Inceku nenkosi yayo,
Incekukazi nendlovukazi yayo,
Umthengi nomthengisi,
Umbolekisi nobolekayo,
Okweletisayo nokweletayo. +
4 Izwe liyalila; *+ liyaphela.
Umhlaba uyabuna; uyashabalala.
Izikhulu zezwe ziphela amandla.
6 Yingakho izwe liba yincithakalo ngenxa yesiqalekiso, +
Nalabo abahlala kulo babekwa icala.
Yingakho linciphile inani lezakhamuzi zezwe,
Bambalwa kakhulu abantu abasele. +
7 Iwayini elisha liyalila,* izihlahla zamagilebhisi ziyabuna, +
Bonke abathokozayo enhliziyweni bayabubula. +
8 Ukujabula ngamathamborini kuphelile;
Umsindo wabajabulayo unqamukile;
Umsindo omnandi wehabhu uphelile. +
9 Baphuza iwayini ngaphandle kwengoma.
Utshwala buyababa kulabo ababuphuzayo.
10 Idolobhana elishiyiwe libhidlikile; +
Zonke izindlu zivaliwe ukuze kungangeni muntu.
11 Bayamemeza befuna iwayini emigwaqweni.
Konke ukujabula kuphelile;
Injabulo ayisekho ezweni. +
12 Idolobha selingamanxiwa;
Isango licekelwe phansi laba yimvithi. +
13 Ngoba yile ndlela okuyoba ngayo ezweni, phakathi kwezizwe:
Njengalapho kuvuthuzwa isihlahla somnqumo, +
Njengokukhothoza lapho ukuvunwa kwamagilebhisi sekuphelile. +
14 Bayomemeza,
Bayomemeza ngenjabulo.
Bayomemezela ngobuhle bukaJehova + kusukela olwandle.*
15 Yingakho beyokhazimulisa uJehova esifundeni sokukhanya; +
Eziqhingini zolwandle bayokhazimulisa igama likaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli. +
16 Sizwa izingoma zivela emkhawulweni womhlaba:
Kodwa ngithi: “Ngiphelelwa amandla, ngiphelelwa amandla!
Maye kimi! Abakhohlisayo bakhohlisile;
Ngenkohliso abakhohlisayo bakhohlisile.” +
17 Ukwesaba nomgodi nezicupho kukulindile, wena owakhe ezweni. +
18 Noma ubani obaleka ngenxa yomsindo owesabisayo uyowela emgodini,
Nanoma ubani ophuma emgodini uyobanjwa yisicupho. +
Ngoba amasango ezikhukhula aphezulu ayovuleka,
Nezisekelo zezwe ziyozamazama.
20 Izwe liyadiyazela njengomuntu odakiwe,
Liya ngapha nangapha njengendlwana inyakaziswa umoya.
Lisindwa yiseqo salo, +
Liyowa lingaphinde livuke.
21 Ngalolo suku uJehova uyolahlulela ibutho elisendaweni ephakeme
Namakhosi omhlaba aphezu komhlaba.
22 Bayobuthelwa ndawonye
Njengeziboshwa zibuthelwa emgodini,
Bayovalelwa ejele eliwumgodi;
Ngemva kwezinsuku eziningi bayokwahlulelwa.*