IzAga
5 Ndodana yami, naka ukuhlakanipha kwami.
Kulalelisise ukuqonda kwami, +
2 Ukuze uqaphe ikhono lakho lokucabanga
Ukhulume okuvumelana neqiniso njalo. +
3 Ngoba izindebe zowesifazane ondindayo* ziconsa njengekhekheba lezinyosi, +
Nomlomo wakhe ubushelelezi kunamafutha. +
5 Izinyawo zakhe zehlela ekufeni.
Izinyathelo zakhe zilibangise khona kanye eThuneni.*
6 Akanandaba nendlela yokuphila.
Indlela yakhe iyanhlanhlatha, kodwa akazi ukuthi inhlanhlathela kuphi.
7 Manje ngilaleleni madodana ami
Ningasuki kwengikushoyo.
8 Hambela kude naye;
Ungasondeli emnyango wendlu yakhe, +
9 Ukuze ungahlazeki kwabanye uphelelwe isithunzi +
Noma uvune okubi ukuphila kwakho konke; +
10 Ukuze abanye abantu bangamunci amandla akho *+
Nalokho okusebenzele kanzima kungayi endlini yomuntu wesinye isizwe.
11 Ngale kwalokho uyobubula ekugcineni
Lapho inyama yakho nomzimba wakho kuwohloka +
12 Bese uthi: “Yeka indlela engisizonde ngayo isiyalo!
Yeka indlela inhliziyo yami ekwedelele ngayo ukusolwa!
13 Angililalelanga izwi labangiyalayo
Futhi angibanakanga abafundisi bami.
16 Ingabe iziphethu zakho kufanele zisabalale ngaphandle,
Imifudlana yakho isabalale ezigcawini? +
17 Makube ngokwakho wedwa,
Kungabi ngokwabanye abantu. +
18 Kwangathi ungabusiswa umthombo wakho,
Ujabule ngomfazi wobusha bakho, +
19 Uyinyamazane yensikazi ethandekayo, nembuzi yentaba enhle. +
Amabele akhe mawakujabulise ngaso sonke isikhathi.
Kwangathi njalo ungabanjwa uthando lwakhe. +
21 Ngoba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova;
Uhlola zonke izindlela zakhe. +
22 Iziphambeko zomuntu omubi ziwugibe kuye,
Izono zakhe ziyofana nezintambo ezimbambile. +
23 Uyofa ngenxa yokuntula isiyalo
Aphambuke ngenxa yobuwula bakhe obukhulu.