Numeri
17 Manje uJehova wathi kuMose: 2 “Khuluma nama-Israyeli futhi uthathe kuwo induku eyodwa yendlu yoyise ngayinye, esikhulwini sendlu yoyise ngayinye, + izinduku ezingu-12 sezizonke. Ubhale igama lesikhulu ngasinye endukwini yaso. 3 Kufanele ubhale igama lika-Aroni endukwini kaLevi ngoba kunenduku eyodwa yenhloko yendlu yoyise ngayinye. 4 Kufanele ubeke izinduku etendeni lokuhlangana phambi koMphongolo wobuFakazi, + lapho ngivame ukuzibonakalisa khona kini. + 5 Induku yendoda engizoyikhetha + iyohluma futhi ngiyokuqeda nya ukububula kwama-Israyeli, + abubula ngami nangani.” +
6 Ngakho uMose wakhuluma nama-Israyeli, zonke izikhulu zawo zamnika izinduku—induku yesikhulu ngasinye sendlu yoyise, izinduku ezingu-12—induku ka-Aroni yayiphakathi kwezinduku zazo. 7 Ngemva kwalokho uMose wabeka lezi zinduku phambi kukaJehova etendeni lobuFakazi.
8 Ngosuku olulandelayo, lapho uMose engena etendeni lobuFakazi, induku ka-Aroni yendlu kaLevi yayihlumile futhi iqhakaza izimbali ithela nama-alimondi avuthiwe. 9 UMose wabe esekhipha zonke izinduku phambi kukaJehova wazikhiphela bonke abantu bakwa-Israyeli. Bazibheka, yileyo naleyo ndoda yathatha induku yayo.
10 UJehova wathi kuMose: “Buyisela induku ka-Aroni + phambi koMphongolo WobuFakazi njengento okumele igcinwe ibe uphawu + kubantwana abadlubulundayo, + ukuze kuphele ukububula kwabo ngami futhi bangafi.” 11 Ngokushesha uMose wenza njengoba nje uJehova ayemyalile. Wenza kanjalo nje.
12 Ngemva kwalokho ama-Israyeli athi kuMose: “Manje sizofa, nakanjani sizoshabalala, sonke sizoshabalala! 13 Noma ubani ozoke asondele etabernakele likaJehova uzofa! + Ingabe kumele sigcine sife ngaleyo ndlela?” +