uJobe
28 “Kukhona indawo yokumba isiliva
Nendawo yegolide abalicwengayo; +
2 Insimbi ithathwa emhlabathini,
3 Umuntu ukhanyisa endaweni emnyama;
Uya endaweni emnyama bhuqe,
Eyofuna amatshe ayigugu.
4 Umba umgodi kude nalapho kuhlala khona abantu,
Ezindaweni ezilibalekile, kude nalapho kuhamba khona abantu;
Abanye bayehla balenge ngezintambo ezibabambile.
5 Ukudla kumila phezu komhlaba;
Kodwa ngaphansi kwawo izinto zonakele njengokungathi zoniwe umlilo.*
6 Laphaya ematsheni kunesafire,
Uthuli lona lunegolide.
7 Akukho nyoni edla inyama eyazi indlela eya khona;
Neso likanhloyile aliyibonanga.
8 Azikho izilo ezinkulu ezihambe kuyo;
Iwundlu lebhubesi alizange lihambe kuyo.
9 Umuntu ushaya idwala eliqinile* ngesandla sakhe;
Agumbuqele izintaba ezisusa ezisekelweni zazo.
10 Uvula imisele yamanzi + emadwaleni;
Amehlo akhe abona zonke izinto eziyigugu.
11 Uvimba izizalo zemifula,
Obekufihlekile akulethe ekukhanyeni.
13 Akekho umuntu oqaphela ukubaluleka kwako, +
Akunakutholakala ezweni labaphilayo.
14 Amanzi ajulile athi, ‘Akukho kimi!’
Ulwandle nalo luthi, ‘Akukho kimi!’ +
15 Ngeke kuthengwe ngegolide elingaxutshiwe;
Futhi isiliva ngeke likalwe bese lishintshaniswa nako. +
16 Ngeke kuthengwe ngegolide lase-Ofiri +
Noma nge-onikisi eliyivelakancane nangesafire.
18 Ikhorali nekristalu ngeke kukhulunywe nakukhulunywa ngako, +
Ngoba isikhwama esigcwele ukuhlakanipha sibiza ukwedlula esigcwele amapharele.
19 Itopazi + laseKushe ngeke liqhathaniswe nako;
Ngeke kuthengwe ngisho nangegolide elingaxutshiwe.
20 Kodwa ukuhlakanipha kuvelaphi,
Ukuphi umthombo wokuqonda? +
21 Kufihliwe emehlweni azo zonke izinto eziphilayo, +
Kwafihlelwa nezinyoni zamazulu.
22 Ukubhubha nokufa kuthi,
‘Izindlebe zethu zizwe umbiko kuphela ngako.’
23 UNkulunkulu uyayiqonda indlela yokukuthola;
Uyena kuphela owazi lapho kuhlala khona, +
24 Ngoba ubheka emaphethelweni omhlaba,
Abone yonke into engaphansi kwamazulu. +
25 Lapho enika umoya amandla, *+
Ekala namanzi, +
26 Lapho enquma ukuthi imvula ina nini +
Nokuthi amafu esiphepho esinokuduma azohamba kuphi, +
27 Wabona ukuhlakanipha wakuchaza;
Wakwenza kwaba khona wayesekuhlola.
28 Wabe esethi kumuntu: