Levitikusi
2 “‘Uma othile eletha kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu, + umnikelo wakhe kumele ube ufulawa ocolekile futhi kufanele athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka yempepho phezu kwawo. + 2 Uzobe esewuletha emadodaneni ka-Aroni, abapristi, futhi umpristi uzocaphuna ngesandla ufulawa ocolekile namafutha nayo yonke inhlaka yawo yempepho, uzowushunqisa phezu kwe-altare njengomelela wonke umnikelo, *+ umnikelo oshiswa emlilweni oyiphunga elimnandi* kuJehova. 3 Noma yikuphi okusele komnikelo wokudla okusanhlamvu kungokuka-Aroni namadodana akhe, + njengento engcwelengcwele + evela eminikelweni kaJehova eshiswa emlilweni.
4 “‘Uma uletha umnikelo wokudla okusanhlamvu okubhakwe kuhhavini, kufanele ube okafulawa ocolekile, olofu bezinkwa abangenamvubelo abamise okwesongo abanamafutha noma izingcezwana ezingenamvubelo ezigcotshwe ngamafutha. +
5 “‘Uma umnikelo wakho ungumnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe esigazingweni, + kufanele ube okafulawa ocolekile, ufulawa ongenamvubelo onamafutha. 6 Kufanele uhleshulwe ube izingcezu futhi kufanele uthele amafutha kuwo. + Ungumnikelo wokudla okusanhlamvu.
7 “‘Uma umnikelo wakho ungumnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe ngepani, kufanele wenziwe ngofulawa ocolekile onamafutha. 8 Kufanele ulethe kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe ngalezi zinto, uzolethwa kumpristi ozowusondeza e-altare. 9 Umpristi uzophakamisa omunye walo mnikelo wokudla okusanhlamvu njengomelela wonke umnikelo *+ awushunqise e-altare njengomnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova. + 10 Okusele kwalo mnikelo wokudla okusanhlamvu kungokuka-Aroni namadodana akhe, njengokuthile okungcwelengcwele kweminikelo kaJehova eyenziwa ngomlilo. +
11 “‘Akukho mnikelo wokudla okusanhlamvu eniwuletha kuJehova okufanele ufakwe imvubelo, + ngoba akumele nishunqise inhlama ebilile noma uju njengomnikelo kaJehova oshiswa emlilweni.
12 “‘Ningakuletha kuJehova njengomnikelo wesivuno sokuqala, + kodwa akumele kulethwe e-altare njengephunga elimnandi.*
13 “‘Yonke iminikelo yokudla okusanhlamvu oyenzayo kufanele uyinonge ngosawoti; futhi akumele ungabi khona usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho emnikelweni wakho wokudla okusanhlamvu. Uyoletha usawoti kanye nayo yonke iminikelo yakho. +
14 “‘Uma uletha kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu wesivuno sokuqala, kufanele ulethe ukudla okusanhlamvu okusha* okugazingwe emlilweni, izinhlamvu ezintsha ezingacolisekile, njengomnikelo wokudla okusanhlamvu wesivuno sokuqala. + 15 Kufanele uthele amafutha kuwo futhi ubeke inhlaka yempepho phezu kwawo. Ungumnikelo wokudla okusanhlamvu. 16 Umpristi uzowushunqisa njengomelela wonke umnikelo, *+ okungukuthi, okunye kokudla okusanhlamvu okungacolisekile namafutha nayo yonke inhlaka yawo yempepho, njengomnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova.