Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 29
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UJakobe uhlangana noRaheli (1-14)

      • UJakobe uthanda uRaheli (15-20)

      • UJakobe ushada uLeya noRaheli (21-29)

      • Amadodana kaJakobe amane awathola kuLeya: uRubeni, uSimeyoni, uLevi noJuda (30-35)

Genesise 29:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 27:42, 43; IzE 7:2

Genesise 29:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:29
  • +Gen 24:24; 31:53

Genesise 29:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:19; Rut 4:11

Genesise 29:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ukuqabula umuntu, njengasesihlathini, kwakuyindlela evamile yokubingelela.

Genesise 29:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ungumfowabo.”

Genesise 29:13

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ukuqabula umuntu, njengasesihlathini, kwakuyindlela evamile yokubingelela.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:29

Genesise 29:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “uyisihlobo sami segazi.”

Genesise 29:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ungumfowethu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:5
  • +Gen 30:27, 28; 31:7

Genesise 29:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rut 4:11

Genesise 29:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 31:41

Genesise 29:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 30:26; Hos 12:12

Genesise 29:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 16:1, 2; 30:9; 46:18

Genesise 29:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 31:7, 42

Genesise 29:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 31:41

Genesise 29:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 35:22
  • +Gen 30:1, 3

Genesise 29:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hos 12:12

Genesise 29:31

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “wayezondwa.”

  • *

    NgesiHebheru, “wavula isibeletho sakhe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:15; Rut 4:11
  • +Gen 30:22

Genesise 29:32

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Bheka, INdodana!”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 35:22; 37:22; 49:3, 4; Eks 6:14; 1 IziKr. 5:1
  • +Gen 30:20; 1Sa 1:5, 6; Luk 1:24, 25

Genesise 29:33

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Ukuzwa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 34:25; 49:5; 1 IziKr. 4:24

Genesise 29:34

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Ukunamathela; Okuhlangene.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 34:25; 49:5; Eks 6:16; Num 3:12; 1 IziKr. 6:1

Genesise 29:35

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Odunyisiwe; Odunyiswayo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 35:23; 37:26; 44:18; 49:8; 1 IziKr. 2:3; IsA 5:5

Okunye

Gen. 29:4Gen 27:42, 43; IzE 7:2
Gen. 29:5Gen 24:29
Gen. 29:5Gen 24:24; 31:53
Gen. 29:6Gen 46:19; Rut 4:11
Gen. 29:13Gen 24:29
Gen. 29:15Gen 28:5
Gen. 29:15Gen 30:27, 28; 31:7
Gen. 29:16Rut 4:11
Gen. 29:18Gen 31:41
Gen. 29:20Gen 30:26; Hos 12:12
Gen. 29:24Gen 16:1, 2; 30:9; 46:18
Gen. 29:25Gen 31:7, 42
Gen. 29:27Gen 31:41
Gen. 29:29Gen 35:22
Gen. 29:29Gen 30:1, 3
Gen. 29:30Hos 12:12
Gen. 29:31Gen 46:15; Rut 4:11
Gen. 29:31Gen 30:22
Gen. 29:32Gen 35:22; 37:22; 49:3, 4; Eks 6:14; 1 IziKr. 5:1
Gen. 29:32Gen 30:20; 1Sa 1:5, 6; Luk 1:24, 25
Gen. 29:33Gen 34:25; 49:5; 1 IziKr. 4:24
Gen. 29:34Gen 34:25; 49:5; Eks 6:16; Num 3:12; 1 IziKr. 6:1
Gen. 29:35Gen 35:23; 37:26; 44:18; 49:8; 1 IziKr. 2:3; IsA 5:5
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 29:1-35

Genesise

29 Ngemva kwalokho uJakobe waqhubeka nohambo lwakhe waya ezweni labantu baseMpumalanga. 2 Wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngoba babevame ukuphuzisa imihlambi kulowo mthombo. Kwakunetshe elikhulu phezu komlomo womthombo. 3 Lapho yonke imihlambi isiqoqelwe ndawonye emthonjeni, babeligingqa itshe balisuse emlonyeni womthombo, baphuzise imihlambi, bese bebuyisela itshe endaweni yalo phezu komlomo womthombo.

4 Ngakho uJakobe wathi kubo: “Bafowethu, nivela kuyiphi indawo?” Bona bathi: “Sivela eHarana.” + 5 Wathi kubo: “Niyamazi uLabani + umzukulu kaNahori?” + Bona bathi: “Siyamazi.” 6 Wabe esethi kubo: “Uyaphila?” Bona bathi: “Uyaphila. Nansi nendodakazi yakhe uRaheli + iza nezimvu!” 7 Ngemva kwalokho wathi: “Kusesemini. Akusona isikhathi sokuqoqa imihlambi. Phuzisani izimvu, bese niziyisa emadlelweni.” 8 Bathi: “Asivunyelwe ukwenza kanjalo kuze kube yilapho yonke imihlambi isiqoqelwe ndawonye, sagingqa itshe lasuka emlonyeni womthombo. Ngemva kwalokho singaziphuzisa izimvu.”

9 Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngoba wayezelusa. 10 Lapho uJakobe ebona uRaheli, indodakazi kaLabani umalume wakhe, nezimvu zikaLabani, uJakobe wasondela ngokushesha waligingqa itshe walisusa emlonyeni womthombo waphuzisa izimvu zikaLabani umalume wakhe. 11 UJakobe wabe esemqabula* uRaheli, waqala ukukhala kakhulu. 12 UJakobe watshela uRaheli ukuthi uyisihlobo* sikayise nokuthi uyindodana kaRebheka. URaheli wagijima wayotshela uyise.

13 Ngokushesha ngemva kokuba uLabani + ezwe umbiko ngoJakobe umshana wakhe, wagijima waya kuye. Wamanga wayesemqabula,* wamngenisa endlini yakhe. Watshela uLabani zonke lezi zinto. 14 ULabani wathi kuye: “Ngempela uyithambo lami nenyama yami.”* Ngakho wahlala naye inyanga yonke.

15 Ngemva kwalokho uLabani wathi kuJakobe: “Ingabe kufanele ungisebenzele mahhala ngenxa nje yokuthi uyisihlobo + sami?* Ngitshele, izoba yini inkokhelo yakho?” + 16 ULabani wayenamadodakazi amabili. Endala igama layo kwakunguLeya, encane kunguRaheli. + 17 Kodwa amehlo kaLeya ayebuthaka, kuyilapho uRaheli ayengowesifazane omuhle, omi kahle. 18 UJakobe wayesemthanda uRaheli, ngakho wathi kuLabani: “Ngizimisele ukukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngenxa yendodakazi yakho encane uRaheli.” + 19 ULabani wathi: “Kungcono ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda. Qhubeka uhlala nami.” 20 UJakobe wakhonza iminyaka eyisikhombisa ngenxa kaRaheli, + kodwa emehlweni akhe yaba njengezinsuku ezimbalwa ngenxa yendlela ayemthanda ngayo.

21 Ngemva kwalokho uJakobe wathi kuLabani: “Nginike umkami ngoba izinsuku zami seziphelile, ungivumele ngilale naye.” 22 Kulokho uLabani waqoqa wonke amadoda endawo wenza idili. 23 Kodwa kwathi kusihlwa wathatha indodakazi yakhe uLeya wayiletha kuJakobe ukuze alale nayo. 24 ULabani waphinde wathatha incekukazi yakhe uZilipha wayinika indodakazi yakhe uLeya ukuba ibe incekukazi yakhe. + 25 Ekuseni uJakobe wabona ukuthi kwakunguLeya! Ngakho wathi kuLabani: “Yini le ongenze yona? Angikusebenzelanga yini ngenxa kaRaheli? Pho ungikhohliseleni?” + 26 ULabani wathi: “Akulona isiko lethu lapha ukuganisa owesifazane omncane ngaphambi kwezibulo. 27 Lijabulele isonto lalona wesifazane. Ngemva kwalokho uzonikwa nalona omunye wesifazane ngokungisebenzela eminye iminyaka eyisikhombisa.” + 28 UJakobe wenza kanjalo walijabulela isonto lalona wesifazane, okwathi ngemva kwalokho uLabani wamganisela indodakazi yakhe uRaheli. 29 Ngaphezu kwalokho, uLabani wathatha incekukazi yakhe uBhiliha + wayinika indodakazi yakhe uRaheli ukuba ibe incekukazi yakhe. +

30 Ngemva kwalokho uJakobe walala noRaheli, wamthanda ngaphezu kukaLeya, wabe esesebenzela uLabani eminye iminyaka eyisikhombisa. + 31 Lapho uJehova ebona ukuthi uLeya wayengathandwa,* wamenza wakwazi ukukhulelwa,* + kodwa uRaheli wayeyinyumba. + 32 Ngakho uLeya wakhulelwa wazala indodana wayiqamba ngokuthi uRubeni,* + ngoba wathi: “Kungenxa yokuthi uJehova ulubonile usizi lwami, + ngoba manje umyeni wami usezoqala ukungithanda.” 33 Waphinde wakhulelwa wazala indodana wayesethi: “Kungenxa yokuthi uJehova uye walalela, ngoba bengingathandwa, ngakho wanginika nalena futhi.” Wabe eseyiqamba ngokuthi uSimeyoni.* + 34 Waphinde wakhulelwa wazala indodana wayesethi: “Manje umyeni wami usezonamathela kimi, ngoba ngimzalele amadodana amathathu.” Ngakho yaqanjwa ngokuthi uLevi.* + 35 Waphinda futhi wakhulelwa wazala indodana wayesethi: “Kulokhu ngizomdumisa uJehova.” Ngakho wayiqamba ngokuthi uJuda.* + Ngemva kwalokho akabange esazala.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela