Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • U-Abrama ubuyela eKhanani (1-4)

      • U-Abrama noLoti bayahlukana (5-13)

      • Isithembiso sikaNkulunkulu ku-Abrama siyaphindwa (14-18)

Genesise 13:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 12:9; 20:1

Genesise 13:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:34, 35

Genesise 13:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 12:8, 9; Jos 7:2

Genesise 13:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 10:19

Genesise 13:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 11:27

Genesise 13:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 19:28
  • +Gen 2:8, 9
  • +Gen 19:20-22

Genesise 13:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 19:28, 29

Genesise 13:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 18:20; 19:5; 2Pe 2:6-8; Jud 7

Genesise 13:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “nembewu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 12:7; 15:18; 24:7; Eks 33:1

Genesise 13:16

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “imbewu.”

  • *

    NgesiHebheru, “nembewu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 12:2; 15:1, 5; Eks 1:7; Heb 11:12

Genesise 13:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 18:1; 23:19; 25:9, 10; 35:27
  • +Gen 23:2
  • +Gen 12:7

Okunye

Gen. 13:1Gen 12:9; 20:1
Gen. 13:2Gen 24:34, 35
Gen. 13:3Gen 12:8, 9; Jos 7:2
Gen. 13:7Gen 10:19
Gen. 13:8Gen 11:27
Gen. 13:10Gen 19:28
Gen. 13:10Gen 2:8, 9
Gen. 13:10Gen 19:20-22
Gen. 13:12Gen 19:28, 29
Gen. 13:13Gen 18:20; 19:5; 2Pe 2:6-8; Jud 7
Gen. 13:15Gen 12:7; 15:18; 24:7; Eks 33:1
Gen. 13:16Gen 12:2; 15:1, 5; Eks 1:7; Heb 11:12
Gen. 13:18Gen 18:1; 23:19; 25:9, 10; 35:27
Gen. 13:18Gen 23:2
Gen. 13:18Gen 12:7
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 13:1-18

Genesise

13 Ngemva kwalokho u-Abrama wakhuphuka waphuma eGibhithe waya eNegebhi, + yena nomkakhe nakho konke ayenakho, kanye noLoti. 2 U-Abrama wayenemfuyo, isiliva negolide okuningi kakhulu. + 3 Wayelokhu ethutha esuka kwenye indawo aye kwenye njengoba ayeshiya iNegebhi eya eBhethele, kwaze kwaba yilapho efika endaweni okwakukhona kuyo itende lakhe phakathi kweBhethele ne-Ayi, + 4 endaweni ayakhe kuyo i-altare. U-Abrama walimemezela lapho igama likaJehova.

5 ULoti, owayehamba no-Abrama, naye wayenezimvu, izinkomo namatende. 6 Ngakho indawo ayibavumelanga ukuba bahlale bonke ndawonye; impahla yabo yayisiningi kakhulu kangangokuba babengasakwazi ukuhlala ndawonye. 7 Ngenxa yalokho, abelusi bemfuyo ka-Abrama nabelusi bemfuyo kaLoti baxabana. (Ngaleso sikhathi kwakuhlala amaKhanani namaPherizi ezweni.) + 8 U-Abrama wathi kuLoti: + “Ngiyacela, makungabikho kuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho ngoba wena ungumfowethu. 9 Ungakhetha noma iyiphi indawo ofuna ukuhlala kuyo kuleli zwe. Ngiyacela, masihlukane. Uma uya kwesobunxele, mina ngizoya kwesokudla; kodwa uma uya kwesokudla, mina ngizoya kwesobunxele.” 10 ULoti waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi sonke isifunda saseJordani + sasiyisifunda esinamanzi anele (uJehova engakalibhubhisi iSodoma neGomora), sasinjengensimu kaJehova, + sinjengezwe laseGibhithe kuze kufike eZowari. + 11 Ngemva kwalokho uLoti wazikhethela sonke isifunda saseJordani, wathuthela empumalanga. Ngakho bahlukana. 12 U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani, kodwa uLoti wahlala phakathi kwamadolobha esifunda. + Ekugcineni uLoti wamisa itende lakhe eduze kwaseSodoma. 13 Amadoda aseSodoma ayekhohlakele, eyizoni ezinkulu kuJehova. +

14 Ngemva kokuba uLoti esehlukene no-Abrama, uJehova wathi ku-Abrama: “Ngicela uphakamise amehlo akho ukuleyo ndawo okuyo, ubheke enyakatho naseningizimu, empumalanga nasentshonalanga, 15 ngoba lonke leli zwe olibonayo, ngiyolinika wena nenzalo* yakho libe ngelenu unomphela. + 16 Ngiyokwenza inzalo* yakho ibe ningi njengesihlabathi somhlaba: uma noma ubani engabala isihlabathi somhlaba, nenzalo* yakho iyokwazi ukubalwa. + 17 Suka, hambahamba ezweni ubone ubude nobubanzi balo, ngoba ngiyolinika wena.” 18 Ngakho u-Abrama waqhubeka ehlala ematendeni. Kamuva wahamba wayohlala phakathi kwezihlahla ezinkulu zikaMamre, + eziseHebroni, + wamakhela lapho uJehova i-altare. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela