Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Galathiya 4
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Galathiya Okuphakathi

      • Abasezona izinceku kodwa sebengamadodana (1-7)

      • Ukukhathazeka kukaPawulu ngabaseGalathiya (8-20)

      • UHagari noSara: izivumelwano ezimbili (21-31)

        • IJerusalema eliphezulu, umama wethu, likhululekile (26)

Galathiya 4:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Kol 2:8, 20-22

Galathiya 4:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 1:14; Heb 2:14
  • +Mat 5:17

Galathiya 4:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 7:23; Gal 3:13
  • +Joh 1:12; Rom 8:23

Galathiya 4:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Igama lesiHebheru noma lesi-Aramu elisho ukuthi “O Baba!”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 14:26
  • +Rom 5:5
  • +Rom 8:15

Galathiya 4:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 8:17; Gal 3:29; Efe 1:13, 14

Galathiya 4:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 8:3; Heb 7:18, 19
  • +Kol 2:20-22

Galathiya 4:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Kol 2:16

Galathiya 4:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gal 1:14

Galathiya 4:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ningikhafulele ngokungenyanya.”

Galathiya 4:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 23:5; Gal 6:11

Galathiya 4:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 4:15; 1Th 2:11; Flm 10

Galathiya 4:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “angikwazi okufanele ngikwenze ngani.”

Galathiya 4:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 16:15
  • +Gen 21:2, 3

Galathiya 4:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “engokwenyama.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 16:1, 2
  • +Gen 17:15, 16

Galathiya 4:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 19:20; 24:12

Galathiya 4:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 19:18

Galathiya 4:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 54:1

Galathiya 4:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 9:8; Gal 3:29

Galathiya 4:29

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “engokwenyama.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 21:9
  • +Gal 5:11; 2Ti 3:12

Galathiya 4:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 21:10

Okunye

Gal. 4:3Kol 2:8, 20-22
Gal. 4:4Joh 1:14; Heb 2:14
Gal. 4:4Mat 5:17
Gal. 4:51Ko 7:23; Gal 3:13
Gal. 4:5Joh 1:12; Rom 8:23
Gal. 4:6Rom 8:15
Gal. 4:6Joh 14:26
Gal. 4:6Rom 5:5
Gal. 4:7Rom 8:17; Gal 3:29; Efe 1:13, 14
Gal. 4:9Rom 8:3; Heb 7:18, 19
Gal. 4:9Kol 2:20-22
Gal. 4:10Kol 2:16
Gal. 4:12Gal 1:14
Gal. 4:15IzE 23:5; Gal 6:11
Gal. 4:191Ko 4:15; 1Th 2:11; Flm 10
Gal. 4:22Gen 16:15
Gal. 4:22Gen 21:2, 3
Gal. 4:23Gen 16:1, 2
Gal. 4:23Gen 17:15, 16
Gal. 4:24Eks 19:20; 24:12
Gal. 4:25Eks 19:18
Gal. 4:27Isay 54:1
Gal. 4:28Rom 9:8; Gal 3:29
Gal. 4:29Gen 21:9
Gal. 4:29Gal 5:11; 2Ti 3:12
Gal. 4:30Gen 21:10
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Galathiya 4:1-31

KwabaseGalathiya

4 Manje ngithi uma nje indlalifa iseyingane ayihlukile encekwini, nakuba iyinkosi yazo zonke izinto, 2 kodwa ingaphansi kwabaqondisi nabaphathi kuze kube usuku uyise alumisa kusengaphambili. 3 Ngokufanayo nathi, lapho siseyizingane, sasigqilazwe izinto zezwe zokucathula. + 4 Kodwa lapho kufika ukuphela kwaleso sikhathi, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa owesifazane + futhi eyayingaphansi komthetho, + 5 ukuze ibakhulule ngokubathenga labo abangaphansi komthetho, + ukuze samukelwe njengamadodana. +

6 Ngenxa yokuthi ningamadodana, uNkulunkulu uthumele umoya + weNdodana yakhe ezinhliziyweni zethu + futhi usenza simemeze sithi: “Abha,* Baba!” + 7 Ngakho ngamunye wenu akaseyona inceku kodwa useyindodana; uma eyindodana, uyindlalifa futhi ngoNkulunkulu. +

8 Noma kunjalo, ngesikhathi ningakamazi uNkulunkulu, naniyizigqila zalabo abangebona ngempela onkulunkulu. 9 Kodwa njengoba senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho, njengoba senaziwa uNkulunkulu, kwenzeka kanjani ukuba niphinde nibuyele ezintweni zokucathula ezibuthakathaka + neziwubala nifune ukubuye nibe izigqila zazo futhi? + 10 Nigcina ngokucophelela izinsuku nezinyanga + nezinkathi neminyaka. 11 Nginovalo lokuthi imizamo yami yokunisiza ibe yize.

12 Bazalwane ngiyanincenga, yibani njengami, ngoba nami nganginjengani. + Aningonanga. 13 Kodwa niyazi ukuthi ngathola ithuba lokuqala lokumemezela izindaba ezinhle kini ngenxa yokugula kwami. 14 Nakuba isimo sami sempilo sasiwuvivinyo kini, aningiphathanga ngendelelo noma ningenyanye;* kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu. 15 Iphi leyo njabulo enaninayo? Ngoba ngiyanifakazela ukuthi, uma kwakungenzeka, ngabe nakopolota namehlo enu nanginika wona. + 16 Ngakho-ke, ingabe sengiyisitha senu ngoba nginitshela iqiniso? 17 Banifuna ngazo zonke izindlela, kodwa abanifuneli injongo enhle; bafuna ukunihlukanisa nami, ukuze nibe nogqozi lokubalandela. 18 Nokho, kuhle ngaso sonke isikhathi ukuba umuntu anifune ngentshiseko enenjongo enhle, kungabi kuphela lapho nginani, 19 bantwanyana bami, + engiphinde ngaba sezinhlungwini zokunibeletha, kuze kube yilapho uKristu akheka kini. 20 Kodwa bengingafisa ukuba ngibe kanye nani njengamanje, ngikhulume ngendlela ehlukile, ngoba ngididekile ngenxa yenu.*

21 Ngitsheleni, nina enifuna ukuba ngaphansi komthetho, Aniwuzwa yini uMthetho? 22 Ngokwesibonelo, kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye encekukazini + nenye kowesifazane okhululekile; + 23 kodwa lena yencekukazi empeleni yazalwa ngendlela engokwemvelo, *+ lena enye yowesifazane okhululekile yazalwa ngesithembiso. + 24 Lezi zinto zingase zibe isenzakalo esingumfanekiso; ngoba laba besifazane basho izivumelwano ezimbili, esinye esaseNtabeni iSinayi, + esizala abantwana bobugqila, futhi singuHagari. 25 UHagari usho iSinayi, + intaba ese-Arabhiya, uhambelana neJerusalema lanamuhla, ngoba lisebugqileni nabantwana balo. 26 Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, futhi lingumama wethu.

27 Ngoba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza, wena wesifazane oyinyumba; memeza kakhulu ngenjabulo, wena wesifazane ongenazo izinhlungu zokubeletha; ngoba abantwana bowesifazane olahliwe baningi kakhulu kunabalowo onomyeni.” + 28 Manje nina bazalwane, ningabantwana besithembiso njengoba ayenjalo no-Isaka. + 29 Kodwa njengoba nje ngaleso sikhathi lowo owazalwa ngendlela engokwemvelo* aqala ukushushisa lowo owazalwa ngomoya, + kunjalo namanje. + 30 Noma kunjalo, uthini umbhalo? “Xosha lesi sigqilakazi kanye nendodana yaso, ngoba indodana yalesi sigqilakazi ayisoze yaba indlalifa kanye nendodana yowesifazane okhululekile.” + 31 Ngakho bazalwane, asibona abantwana besigqilakazi kodwa singabowesifazane okhululekile.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela