Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 35
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UJakobe ulahla onkulunkulu bezizwe (1-4)

      • UJakobe ubuyela eBhethele (5-15)

      • Ukuzalwa kukaBhenjamini; ukufa kukaRaheli (16-20)

      • Amadodana ka-Israyeli angu-12 (21-26)

      • Ukufa kuka-Isaka (27-29)

Genesise 35:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:19; 31:13
  • +Gen 27:42-44

Genesise 35:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 31:19; Dut 5:7; Jos 23:7; 1Ko 10:14

Genesise 35:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “endleleni engiyihambile.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:13, 15; 31:42

Genesise 35:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “wabangcwaba.”

Genesise 35:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:19

Genesise 35:7

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “UNkulunkulu WaseBhethele.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:20-22

Genesise 35:8

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Intombazane egada umntwana.

  • *

    Noma, “kwe-oki.”

  • *

    Incazelo: “I-oki Yokulila.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:59

Genesise 35:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 25:26; 27:36
  • +Gen 32:28

Genesise 35:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ezinkalweni zakho.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 17:1; Eks 6:3; IsA 15:3
  • +Gen 48:3, 4
  • +Gen 17:5, 6; Joh 12:13

Genesise 35:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “nembewu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 15:18; Dut 34:4

Genesise 35:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:18

Genesise 35:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:19

Genesise 35:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 30:22-24

Genesise 35:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Indodana Yosizi Lwami.”

  • *

    Incazelo: “Indodana Yesandla Sokudla.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:21; 49:27; Dut 33:12

Genesise 35:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 48:7; Mik 5:2; Mat 2:6

Genesise 35:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 49:3, 4; 1 IziKr. 5:1

Genesise 35:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 49:3

Genesise 35:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 31:17, 18
  • +Gen 15:13; Heb 11:9

Genesise 35:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 25:20, 26

Genesise 35:29

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “esemdala futhi anelisiwe izinsuku.”

  • *

    Lena inkulumo esankondlo emayelana nokufa.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 49:30, 31

Okunye

Gen. 35:1Gen 28:19; 31:13
Gen. 35:1Gen 27:42-44
Gen. 35:2Gen 31:19; Dut 5:7; Jos 23:7; 1Ko 10:14
Gen. 35:3Gen 28:13, 15; 31:42
Gen. 35:6Gen 28:19
Gen. 35:7Gen 28:20-22
Gen. 35:8Gen 24:59
Gen. 35:10Gen 25:26; 27:36
Gen. 35:10Gen 32:28
Gen. 35:11Gen 17:1; Eks 6:3; IsA 15:3
Gen. 35:11Gen 48:3, 4
Gen. 35:11Gen 17:5, 6; Joh 12:13
Gen. 35:12Gen 15:18; Dut 34:4
Gen. 35:14Gen 28:18
Gen. 35:15Gen 28:19
Gen. 35:17Gen 30:22-24
Gen. 35:18Gen 46:21; 49:27; Dut 33:12
Gen. 35:19Gen 48:7; Mik 5:2; Mat 2:6
Gen. 35:22Gen 49:3, 4; 1 IziKr. 5:1
Gen. 35:23Gen 49:3
Gen. 35:27Gen 31:17, 18
Gen. 35:27Gen 15:13; Heb 11:9
Gen. 35:28Gen 25:20, 26
Gen. 35:29Gen 49:30, 31
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 35:1-29

Genesise

35 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi kuJakobe: “Sukuma ukhuphukele eBhethele + uhlale khona, umakhele lapho i-altare uNkulunkulu weqiniso, owabonakala kuwe ngesikhathi ubalekela u-Esawu umfowenu.” +

2 UJakobe wabe esethi kwabomndeni wakhe nakubo bonke ababenaye: “Lahlani onkulunkulu bezizwe abaphakathi kwenu + nizihlanze nishintshe izingubo zenu, 3 futhi masisuke sikhuphukele eBhethele. Ngizomakhela lapho i-altare uNkulunkulu weqiniso, owangiphendula ngosuku lokucindezeleka kwami nobelokhu enami nomaphi lapho bengiya khona.”* + 4 Ngakho banika uJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo namacici ayesezindlebeni zabo, uJakobe wabagqiba* ngaphansi kwesihlahla esikhulu esasiseduze kwaseShekemi.

5 Lapho sebesendleleni, uNkulunkulu wabangela ukwesaba okukhulu emadolobheni ayebazungezile, ngakho abazange bawajahe amadodana kaJakobe. 6 Ekugcineni uJakobe wafika eLuze, + okungukuthi iBhethele, ezweni laseKhanani, yena nabo bonke abantu ababenaye. 7 Walakha lapho i-altare wabiza leyo ndawo ngokuthi i-Eli-bhethele,* ngoba yilapho uNkulunkulu weqiniso ayezibonakalise khona kuye ngesikhathi ebalekela umfowabo. + 8 Kamuva uDebora + umzanyana* kaRebheka wafa, wangcwatshwa eduze kweBhethele ngaphansi kwesihlahla esikhulu.* Ngakho wasiqamba ngokuthi i-Aloni-bakhuti.*

9 UNkulunkulu waphinda wabonakala kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani-aramu, wambusisa. 10 UNkulunkulu wathi kuye: “Igama lakho unguJakobe. + Igama lakho ngeke kusaba uJakobe, kodwa uzoba u-Israyeli.” Wayeseqala ukumbiza ngokuthi u-Israyeli. + 11 UNkulunkulu waqhubeka wathi kuye: “NginguNkulunkulu uMninimandla Onke. + Zala wande. Kuyophuma kuwe izizwe namaqembu ezizwe, + kuphume namakhosi kuwe.* + 12 Ngokuqondene nezwe engilinike u-Abrahama no-Isaka, ngizolinika wena, ngiyolinika nenzalo* yakho.” + 13 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wasuka kuye endaweni ayekhulume naye kuyo.

14 Ngakho uJakobe wamisa insika endaweni ayekhulume naye kuyo, insika yetshe, wathela kuyo umnikelo ophuzwayo, wathela namafutha kuyo. + 15 UJakobe wabiza indawo uNkulunkulu ayekhulume naye kuyo ngokuthi iBhethele. +

16 Babe sebesuka eBhethele. Ngesikhathi kusasele ibanga elithile ngaphambi kokuba bafike e-Efrathi, uRaheli waqala ukubeletha, kwakunzima kakhulu kuye ukubeletha. 17 Kodwa ngesikhathi eshikashikeka ukuze abelethe umntwana, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngoba uzoba nayo nale ndodana.” + 18 Ngemizuzu yokugcina yokuphila kwakhe—ngoba wayesefa—wayiqamba ngokuthi uBheni-oni,* kodwa uyise wayiqamba ngokuthi uBhenjamini.* + 19 Ngakho uRaheli wafa wangcwatshwa endleleni eya e-Efrathi, okungukuthi, eBhetlehema. + 20 UJakobe wamisa insika phezu kwethuna lakhe; iyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

21 Ngemva kwalokho u-Israyeli wasuka lapho wagxumeka itende lakhe ngale kombhoshongo wase-Edere. 22 Kwathi ngesinye isikhathi u-Israyeli ehlala kulelo zwe, uRubeni wahamba walala noBhiliha isancinza sikayise, u-Israyeli wezwa ngakho. +

Amadodana kaJakobe ayengu-12. 23 Amadodana azalwa uLeya kwakuyizibulo likaJakobe uRubeni, + bese kuba uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakare noZebhuloni. 24 Amadodana azalwa uRaheli kwakunguJosefa noBhenjamini. 25 Amadodana azalwa uBhiliha, incekukazi kaRaheli, kwakunguDani noNafetali. 26 Amadodana azalwa uZilipha, incekukazi kaLeya, kwakunguGadi no-Asheri. Lawa amadodana kaJakobe, azalelwa wona ePhadani-aramu.

27 Ekugcineni uJakobe wafika lapho kwakukhona khona uyise u-Isaka eMamre, + eKiriyati-ariba, okungukuthi, eHebroni, lapho u-Abrahama no-Isaka babehlala khona njengezifiki. + 28 U-Isaka waphila waze waba neminyaka engu-180 ubudala. + 29 Ngemva kwalokho u-Isaka waphefumula okokugcina wafa, ngemva kokuphila isikhathi eside ukuphila okwanelisayo,* bamngcwaba njengoba bangcwaba abantu bakubo;* amadodana akhe u-Esawu noJakobe amngcwaba. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela