Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 Samuweli 3
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 Samuweli Okuphakathi

      • Indlu kaDavide iba namandla nakakhulu (1)

      • Amadodana kaDavide (2-5)

      • U-Abhineri uhlubukela kuDavide (6-21)

      • UJowabe ubulala u-⁠Abhineri (22-30)

      • UDavide ulilela u-⁠Abhineri (31-39)

2 Samuweli 3:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 15:27, 28; 24:17, 20; 26:25
  • +2Sa 2:17

2 Samuweli 3:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +1 IziKr. 3:1-4
  • +2Sa 13:1
  • +1Sa 25:43

2 Samuweli 3:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 25:42
  • +2Sa 15:12
  • +2Sa 13:37

2 Samuweli 3:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 1:5

2 Samuweli 3:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 2:8

2 Samuweli 3:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 21:8-11
  • +2Sa 2:10
  • +2Sa 16:21; 1Kh 2:22

2 Samuweli 3:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 15:27, 28; IHu 78:70; 89:20

2 Samuweli 3:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 20:1; 2Sa 24:2

2 Samuweli 3:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 3:39

2 Samuweli 3:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “bheka! isandla sami sinawe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 5:3

2 Samuweli 3:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 18:20; 19:11; 1 IziKr. 15:29

2 Samuweli 3:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 2:10
  • +1Sa 18:25, 27

2 Samuweli 3:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 25:44

2 Samuweli 3:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 16:5; 1Kh 2:8

2 Samuweli 3:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 13:14; 15:27, 28; 16:1, 13; IHu 89:3, 20; 132:17; IzE 13:22

2 Samuweli 3:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 10:20, 21; 1 IziKr. 12:29

2 Samuweli 3:21

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “phezu kwakho konke umphefumulo wakho okufisayo.”

2 Samuweli 3:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 8:16
  • +1Sa 14:50; 2Sa 2:8, 22
  • +1Sa 14:51

2 Samuweli 3:27

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ngenxa yegazi lomfowabo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 3:20
  • +1Kh 2:5
  • +2Sa 2:22, 23

2 Samuweli 3:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 9:6; Eks 21:12; Num 35:33; Dut 21:9

2 Samuweli 3:29

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Mhlawumbe ubhekisela endodeni ekhubazekile okudingeka yenze umsebenzi wabantu besifazane.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 7:16; 55:23; IzA 5:22
  • +Lev 15:2
  • +Lev 13:44; Num 5:2
  • +Dut 27:24; IHu 109:2, 10

2 Samuweli 3:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 2:24
  • +2Sa 2:8
  • +2Sa 2:23

2 Samuweli 3:34

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “bezingafakiwe ithusi.”

  • *

    NgesiHebheru, “amadodana okungalungi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 2:31, 32

2 Samuweli 3:35

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “isinkwa sokulila.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 20:26

2 Samuweli 3:37

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 3:28; 1Kh 2:5

2 Samuweli 3:38

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 14:50; 2Sa 2:8; 3:12

2 Samuweli 3:39

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 2:4
  • +1 IziKr. 2:15, 16
  • +2Sa 19:13; 20:10
  • +2Sa 3:29; 1Kh 2:5, 34

Okunye

2 Sam. 3:11Sa 15:27, 28; 24:17, 20; 26:25
2 Sam. 3:12Sa 2:17
2 Sam. 3:21 IziKr. 3:1-4
2 Sam. 3:22Sa 13:1
2 Sam. 3:21Sa 25:43
2 Sam. 3:31Sa 25:42
2 Sam. 3:32Sa 15:12
2 Sam. 3:32Sa 13:37
2 Sam. 3:41Kh 1:5
2 Sam. 3:62Sa 2:8
2 Sam. 3:72Sa 21:8-11
2 Sam. 3:72Sa 2:10
2 Sam. 3:72Sa 16:21; 1Kh 2:22
2 Sam. 3:91Sa 15:27, 28; IHu 78:70; 89:20
2 Sam. 3:10Hlu 20:1; 2Sa 24:2
2 Sam. 3:112Sa 3:39
2 Sam. 3:122Sa 5:3
2 Sam. 3:131Sa 18:20; 19:11; 1 IziKr. 15:29
2 Sam. 3:142Sa 2:10
2 Sam. 3:141Sa 18:25, 27
2 Sam. 3:151Sa 25:44
2 Sam. 3:162Sa 16:5; 1Kh 2:8
2 Sam. 3:181Sa 13:14; 15:27, 28; 16:1, 13; IHu 89:3, 20; 132:17; IzE 13:22
2 Sam. 3:191Sa 10:20, 21; 1 IziKr. 12:29
2 Sam. 3:232Sa 8:16
2 Sam. 3:231Sa 14:50; 2Sa 2:8, 22
2 Sam. 3:231Sa 14:51
2 Sam. 3:272Sa 3:20
2 Sam. 3:271Kh 2:5
2 Sam. 3:272Sa 2:22, 23
2 Sam. 3:28Gen 9:6; Eks 21:12; Num 35:33; Dut 21:9
2 Sam. 3:29IHu 7:16; 55:23; IzA 5:22
2 Sam. 3:29Lev 15:2
2 Sam. 3:29Lev 13:44; Num 5:2
2 Sam. 3:29Dut 27:24; IHu 109:2, 10
2 Sam. 3:302Sa 2:24
2 Sam. 3:302Sa 2:8
2 Sam. 3:302Sa 2:23
2 Sam. 3:341Kh 2:31, 32
2 Sam. 3:35Hlu 20:26
2 Sam. 3:372Sa 3:28; 1Kh 2:5
2 Sam. 3:381Sa 14:50; 2Sa 2:8; 3:12
2 Sam. 3:392Sa 19:13; 20:10
2 Sam. 3:392Sa 3:29; 1Kh 2:5, 34
2 Sam. 3:392Sa 2:4
2 Sam. 3:391 IziKr. 2:15, 16
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
  • 39
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 Samuweli 3:1-39

Eyesibili KaSamuweli

3 Impi phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide yadonsa isikhathi eside; uDavide wayelokhu eba namandla, + indlu kaSawule yona yayilokhu iba buthaka. +

2 Phakathi naleso sikhathi, uDavide wazalelwa amadodana eHebroni. + Izibulo lakhe kwakungu-Amnoni + owayezalwa u-Ahinohama + waseJizreyeli. 3 Indodana yakhe yesibili kwakunguKileyabi owayezalwa u-Abhigayili + waseKarmeli, umfelokazi kaNabali; eyesithathu kwakungu-Absalomu + indodana kaMahakha, indodakazi kaTalimayi + inkosi yaseGeshuri. 4 Eyesine kwakungu-Adoniya + indodana kaHagiti, eyesihlanu kunguShefathiya indodana ka-Abhithali. 5 Eyesithupha kwakungu-Itereyamu owayezalwa u-Egila, umkaDavide. Yilawa uDavide azalelwa wona eHebroni.

6 Njengoba impi yayiqhubeka phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri + wayelokhu eqinisa isikhundla sakhe endlini kaSawule. 7 USawule wayenesancinza esigama laso kwakunguRizpa, + indodakazi ka-Aya. Kamuva u-Ishi-bhosheti + wathi ku-Abhineri: “Kungani ulale nesancinza sikababa?” + 8 U-Abhineri wathukuthela kakhulu ngenxa yamazwi ka-Ishi-bhosheti wathi: “Ingabe ngiyinja yakwaJuda yini? Kuze kube namuhla, bengilokhu ngiyibonisa uthando oluqotho indlu kayihlo uSawule kanye nabafowabo nabangani bakhe, angizange ngikunikele esandleni sikaDavide; nokho wena namuhla ungibeka icala ngendaba yomuntu wesifazane. 9 Kwangathi uNkulunkulu angamjezisa kanzima u-Abhineri, uma ngingenzi kuDavide njengoba nje uJehova afunga kuye: + 10 ukuba ngidlulise umbuso usuke endlini kaSawule futhi ngimise isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kube seBheri-sheba.” + 11 Akabange esakwazi ukusho lutho olunye ku-Abhineri ngoba wayemesaba. +

12 Ngaso leso sikhathi u-Abhineri wathumela izithunywa kuDavide, wathi: “Lingelikabani leli zwe?” Wanezela: “Yenza isivumelwano nami, mina ngizokwenza konke okusemandleni ami* ukuba ngiphendulele wonke u-Israyeli ohlangothini lwakho.” + 13 Yena waphendula wathi: “Kuhle! Ngizosenza isivumelwano nawe. Yinye kuphela into engiyicelayo kuwe, ukuba ungezi ukuzongibona ngaphandle kokuba uqale ulethe uMikhali + indodakazi kaSawule kimi.” 14 UDavide wayesethumela izithunywa ku-Ishi-bhosheti, + indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali engamlobola ngamajwabu amaFilisti angu-100.” + 15 Ngakho u-Ishi-bhosheti wathumela izithunywa zayomlanda kumyeni wakhe, uPhalitiyeli + indodana kaLayishi. 16 Kodwa umyeni wakhe wayelokhu ehamba naye, ekhala njengoba emlandela waze wayofika eBhahurimi. + U-Abhineri wayesethi kuPhalitiyeli: “Hamba, buyela emuva!” Ngakho wabuyela emuva.

17 Phakathi naleso sikhathi, u-Abhineri wathumela umyalezo emadodeni amadala akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Sekuyisikhathi nifuna ukuba uDavide abe yinkosi phezu kwenu. 18 Manje thathani isinyathelo, ngoba uJehova wathi kuDavide: ‘Ngesandla senceku yami uDavide + ngizosindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ” 19 Ngemva kwalokho, u-Abhineri wakhuluma nabantu bakwaBhenjamini. + U-Abhineri wahamba futhi wayokhuluma noDavide ngasese eHebroni ukuze amtshele ngalokho u-Israyeli nayo yonke indlu kaBhenjamini ababevumelane ngakho.

20 Lapho u-Abhineri efika kuDavide eHebroni ekanye namadoda angu-20, uDavide wamenzela idili u-Abhineri namadoda ayekanye naye. 21 U-Abhineri wayesethi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqela ndawonye wonke u-Israyeli enkosini yami, ukuze enze isivumelwano nawe, bese uba yinkosi phezu kwabo bonke abantu.”* Ngakho uDavide wamdedela u-Abhineri wahamba ngokuthula.

22 Ngemva nje kwalokho, kwafika izinceku zikaDavide zihamba noJowabe zibuya ukuyophanga, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebroni, ngoba wayesemkhululile wahamba ngokuthula. 23 Lapho uJowabe + nalo lonke ibutho elalikanye naye befika, uJowabe wabikelwa, kwathiwa: “U-Abhineri + indodana kaNeri + ubefikile enkosini, yamdedela wahamba ngokuthula.” 24 Ngakho uJowabe wangena enkosini wathi: “Yini le oyenzile? U-Abhineri ufikile kuwe. Kungani umdedelile waphunyuka? 25 Umazi kahle u-Abhineri indodana kaNeri. Ubezele ukuzokukhohlisa nokuba azi konke ngawe nangakho konke okwenzayo.”

26 Ngakho uJowabe wasuka kuDavide, wathumela izithunywa ukuba zilandele u-Abhineri, zamfica emthonjeni waseSira zabuya naye; kodwa uDavide wayengazi lutho ngako. 27 Lapho u-Abhineri ebuyela eHebroni, + uJowabe wamchezukisela eceleni ngaphakathi kwesango ukuze akhulume naye ngasese. Nokho, beselapho wamgwaza esiswini wafa; + lokhu wakwenza ngenxa yokuthi wabulala umfowabo* u-Asaheli. + 28 Lapho kamuva uDavide ezwa ngakho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi + lika-Abhineri indodana kaNeri. 29 Kwangathi lingabuyela phezu kwekhanda likaJowabe + naphezu kwawo wonke umndeni kayise. Kwangathi endlini kaJowabe kungahlale kunomuntu ophuma ukungcola esithweni sangasese + noma onochoko + noma osebenza ngenduku yokuphotha* noma obulawa ngenkemba noma oswele ukudla!” + 30 Ngakho uJowabe nomfowabo u-Abhishayi + babulala u-Abhineri, + ngenxa yokuthi wayebulale u-Asaheli umfowabo empini + eGibheyoni.

31 Ngemva kwalokho uDavide wathi kuJowabe nakubo bonke abantu ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu nibhince indwangu yesaka nililele u-Abhineri.” INkosi uDavide nayo yayihamba ngemva kohlaka olwaluthwele isidumbu. 32 U-Abhineri wangcwatshwa eHebroni; inkosi yakhala kakhulu ethuneni lika-Abhineri, nabo bonke abantu bakhala. 33 Inkosi yahaya ingoma yokulilela u-Abhineri yathi:

“Kungani u-Abhineri efe ngendlela ehlazisa kangaka?

34 Izandla zakho bezingaboshiwe,

Nezinyawo zakho bezingaboshiwe.*

Ufe njengomuntu obulawe yizigebengu.” *+

Ngemva kwalokho bonke abantu baphinda bamkhalela.

35 Kamuva bonke abantu beza kuDavide ukuzomnika isinkwa sokumduduza* kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Kwangathi uNkulunkulu angangijezisa kanzima uma ngingadla isinkwa nanoma yini enye ngaphambi kokushona kwelanga!” + 36 Bonke abantu bakubona okwakwenzeka, futhi kwabajabulisa. Njengazo zonke ezinye izinto ezazenziwa yinkosi, nalokhu kwabajabulisa bonke abantu. 37 Ngakho bonke abantu no-Israyeli wonke bazi ngalolo suku ukuthi kwakungeyona inkosi eyayiyale ukuba kubulawe u-Abhineri indodana kaNeri. + 38 Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufe isikhulu nomuntu omkhulu namuhla kwa-Israyeli? + 39 Namuhla ngibuthakathaka nakuba ngigcotshwe njengenkosi, + futhi la madoda, amadodana kaZeruya, + anonya kakhulu. + Kwangathi uJehova angabuyisela umenzi wobubi ngobubi bakhe.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela