AmaHubo
Ihubo likaDavide eliyisikhumbuzo.*
38 O Jehova, ungangisoli uthukuthele,
Ungangiqondisi ngolaka. +
2 Ngoba imicibisholo yakho ingene yajula ngaphakathi kimi,
Isandla sakho siyangicindezela. +
3 Wonke umzimba wami uyagula* ngenxa yentukuthelo yakho.
Akukho kuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. +
4 Ngoba iziphambeko zami zinqwabelane zadlula ikhanda lami; +
Njengomthwalo osindayo, ziyangisinda kakhulu.
5 Amanxeba ami anuka kabi, ayabhibha,
Ngenxa yobuwula bami.
6 Ngicindezelekile, ngidikibele;
Usuku lonke ngihambahamba ngidabukile.
8 Sengindikindiki futhi ngidangele kakhulu;
Inhliziyo yami esosizini yenza ngibubule.*
9 O Jehova, uyazazi zonke izifiso zami,
Ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10 Inhliziyo yami ishaya ngamandla, ngiphelelwe amandla,
Nokukhanya kwamehlo ami kungishiyile. +
11 Abangani bami nabantu engazana nabo bayangigwema ngenxa yenhlupho yami,
Nabajwayelene nami sebehambela kude.
12 Labo abazingela ukuphila kwami babeka izicupho;
Labo abazama ukungilimaza bakhuluma okubi; +
Bavungazela inkohliso usuku lonke.
13 Kodwa njengomuntu oyisithulu, ngeke ngilalele; +
14 Senginjengomuntu ongezwa,
Umlomo wami awunalutho ozolusho ukuze ngizivikele.
16 Ngoba ngathi: “Kwangathi bangejabule ngami
Noma baziphakamise lapho unyawo lwami lushelela.”
17 Ngoba ngase ngizoquleka,
Ngangihlale ngizwa ubuhlungu. +
20 Lapho ngenza okuhle bona benza okubi kimi;
Babemelana nami ngenxa yokuphishekela kwami okuhle.
21 O Jehova, ungangishiyi.
O Nkulunkulu, ungaqheleli kude nami. +
22 Shesha uzongisiza,
Jehova msindisi wami. +