AmaHubo
115 Ungayiniki thina, Jehova, ungayiniki thina,*
Kodwa nika igama lakho inkazimulo +
Ngenxa yothando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho. +
2 Kungani izizwe kufanele zithi:
“Uphi uNkulunkulu wabo?” +
3 UNkulunkulu wethu usemazulwini;
Wenza noma yini ayithandayo.
4 Izithixo zabo ziyisiliva negolide,
Umsebenzi wezandla zomuntu. +
5 Zinomlomo kodwa azikhulumi; +
Zinamehlo kodwa aziboni;
6 Zinezindlebe kodwa azizwa;
Zinamakhala kodwa azikwazi ukuhogela;
7 Zinezandla kodwa azikwazi ukuthinta;
Zinezinyawo kodwa azikwazi ukuhamba; +
Azikwazi ukukhipha izwi ngomphimbo wazo. +
10 O wena nzalo ka-Aroni, + thembela kuJehova
—Uwusizo lwakho nehawu lakho.
12 UJehova uyasikhumbula futhi uzosibusisa;
Uzoyibusisa inzalo ka-Israyeli; +
Uzoyibusisa inzalo ka-Aroni.
13 Uzobabusisa abesaba uJehova,
Abancane kanye nabakhulu.
18 Kodwa thina sizomdumisa uJah
Kusukela manje kuze kube phakade.
Dumisani uJah!*