UJeremiya
13 Yilokhu uJehova angitshele khona: “Hamba uzithengele ibhande lelineni, ulibophe okhalweni lwakho, kodwa ungalifaki emanzini.” 2 Ngakho ngalithenga ibhande njengoba uJehova ayeshilo, ngalibopha okhalweni. 3 UJehova waphinde wathi kimi: 4 “Thatha leli bhande olithengile, elisokhalweni lwakho, usuke uye e-Ewufrathe, ulifihle lapho emfantwini wedwala.” 5 Ngakho ngahamba ngalifihla ngase-Ewufrathe, njengoba nje uJehova ayengiyalile.
6 Kodwa ngemva kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka, uye e-Ewufrathe ufike uthathe ibhande engakuyala ukuba ulifihle khona.” 7 Ngakho ngaya e-Ewufrathe ngafike ngalimba ibhande endaweni engangilifihle kuyo ngalithatha, ibhande lase ligugile; lalingasenamsebenzi.
8 Khona-ke izwi likaJehova lafika kimi: 9 “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ukuziqhenya kukaJuda nokuziqhenya kweJerusalema kuyoba njengaleli bhande. + 10 Laba bantu ababi abenqaba ukulalela amazwi ami, + abalandela izinhliziyo zabo ngenkani, + abaqhubeka belandela abanye onkulunkulu, bebakhulekela bebakhothamela, nabo bayoba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.’ 11 ‘Njengoba nje ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngabangela yonke indlu ka-Israyeli nayo yonke indlu kaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uJehova, ‘ukuze zibe abantu bami, + inkazimulo yami, + udumo nokuthile okuhle kimi. Kodwa azizange zilalele.’ +
12 “Kumele uzitshele lo myalezo, ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: “Zonke izimbiza ezinkulu kufanele zigcwaliswe ngewayini.” ’ Ziyothi kuwe, ‘Asazi yini ukuthi zonke izimbiza ezinkulu kufanele zigcwaliswe ngewayini?’ 13 Ngakho-ke uyothi kuzo, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Ngizigcwalisa ngewayini zonke izakhamuzi zaleli zwe, + amakhosi ahleli esihlalweni sikaDavide sobukhosi, abapristi nabaprofethi nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema baze badakwe. 14 Ngizobaphahlaza omunye komunye, oyise namadodana ngendlela efanayo,” kusho uJehova. + “Ngeke ngibazwele noma ngibadabukele, noma ngibe nomusa kubo; ayikho into eyongivimbela ukuba ngibabhubhise.” ’ +
15 Yizwani, nilalelisise.
Ningaqhoshi, ngoba uJehova ukhulumile.
16 Mdumiseni uJehova uNkulunkulu wenu
Ngaphambi kokuba alethe ubumnyama
Nangaphambi kokuba izinyawo zenu ziqhuzuke ezintabeni ngenxa yokuhwalala.
17 Uma ningalaleli,
Ngiyokhala ngisekusithekeni ngenxa yokuziqhenya kwenu.
18 Tshela inkosi nonina *+ uthi, ‘Hlalani phansi ngokuhlazeka,
Ngoba umqhele wenu omuhle uyowa emakhanda enu.’
19 Amadolobha aseningizimu avaliwe* akekho ozowavula.
UJuda wonke udingisiwe, udingiswe ngokuphelele. +
20 Phakamisa amehlo akho ubone labo abaqhamuka enyakatho. +
Uphi umhlambi owanikwa wona, izimvu zakho ezinhle? +
21 Uyothini lapho ujeziswa
Yilabo owawubabheka njengabangani bakho abaseduze? +
Ngeke yini ufikelwe yimihelo, enjengeyowesifazane obelethayo? +
22 Lapho uthi enhliziyweni yakho, ‘Kungani ngehlelwe yilezi zinto?’ +
Ukhunyulwe iziketi zakho ngenxa yobukhulu besono sakho +
Izithende zakho zizwe ubuhlungu obukhulu.
23 UmKushe* angasishintsha yini isikhumba sakhe, noma ingwe amabala ayo? +
Uma kunjalo, nani ningakwenza okuhle,
Nina enifundiswe ukwenza okubi.
24 Ngakho ngiyobahlakaza njengezinhlanga ezipheshulwa umoya wasogwadule. +
25 Yilokhu okuzokwenzeka kuwe. Lena ingxenye engikwabele yona,” kusho uJehova,
26 Ngakho ngizophakamisela iziketi zakho ebusweni bakho,
Ihlazo lakho liyohlala obala, +
27 Izenzo zakho zokuphinga + nenkanuko yakho,
Ubufebe bakho obungamanyala.*
Emagqumeni, endle,
Ngikubonile ukuziphatha kwakho okunyanyisayo. +
Maye kuwe Jerusalema!
Kuyoze kube nini ulokhu ungahlanzekile?” +