Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 IziKronike 17
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 IziKronike Okuphakathi

      • UJehoshafati, inkosi yakwaJuda (1-6)

      • Umkhankaso wokufundisa (7-9)

      • Amandla empi kaJehoshafati (10-19)

2 IziKronike 17:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 15:24; 22:41

2 IziKronike 17:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 15:8

2 IziKronike 17:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 8:15

2 IziKronike 17:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “wahamba.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 4:29; 2Kr 26:1, 5
  • +1Kh 12:28-30; 13:33

2 IziKronike 17:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 9:4, 5; IHu 132:12
  • +2Kr 18:1

2 IziKronike 17:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 22:42, 43
  • +Dut 7:5

2 IziKronike 17:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 33:8, 10; Mal 2:7

2 IziKronike 17:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 31:11; Jos 1:7, 8; Neh 8:7

2 IziKronike 17:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 18:1
  • +2Kr 14:2, 6
  • +1Kh 9:19; 2Kr 8:3, 4

2 IziKronike 17:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 13:3; 26:11-13

2 IziKronike 17:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 49:27
  • +2Kr 14:8

2 IziKronike 17:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 11:5, 23

Okunye

2 IziKr. 17:11Kh 15:24; 22:41
2 IziKr. 17:22Kr 15:8
2 IziKr. 17:32Sa 8:15
2 IziKr. 17:4Dut 4:29; 2Kr 26:1, 5
2 IziKr. 17:41Kh 12:28-30; 13:33
2 IziKr. 17:51Kh 9:4, 5; IHu 132:12
2 IziKr. 17:52Kr 18:1
2 IziKr. 17:61Kh 22:42, 43
2 IziKr. 17:6Dut 7:5
2 IziKr. 17:8Dut 33:8, 10; Mal 2:7
2 IziKr. 17:9Dut 31:11; Jos 1:7, 8; Neh 8:7
2 IziKr. 17:122Kr 18:1
2 IziKr. 17:122Kr 14:2, 6
2 IziKr. 17:121Kh 9:19; 2Kr 8:3, 4
2 IziKr. 17:142Kr 13:3; 26:11-13
2 IziKr. 17:17Gen 49:27
2 IziKr. 17:172Kr 14:8
2 IziKr. 17:192Kr 11:5, 23
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 IziKronike 17:1-19

Eyesibili YeziKronike

17 UJehoshafati + indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe, waqinisa isikhundla sakhe phezu kuka-Israyeli. 2 Wabeka amabutho empi kuwo wonke amadolobha anezivikelo eziqinile akwaJuda, wabeka namabutho amasosha ezweni lakwaJuda nasemadolobheni akwa-Efrayimi u-Asa uyise ayewathumbile. + 3 UJehova waqhubeka enoJehoshafati ngoba wahamba ezindleleni zangaphambili zikaDavide + ukhokho wakhe, akazange afune oBhali. 4 Wafuna uNkulunkulu kayise, + walandela* umyalo wakhe, wangenza imikhuba ka-Israyeli. + 5 UJehova wagcina umbuso wakhe umi uqinile esandleni sakhe; + wonke uJuda waqhubeka enika uJehoshafati izipho, wayenengcebo eningi nodumo olukhulu. + 6 Walandela izindlela zikaJehova ngesibindi, wasusa ngisho nezindawo eziphakeme + nezigxobo ezingcwele *+ kwaJuda.

7 Ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathumela ukuba kubizwe izikhulu zakhe, uBheni-hayili, u-Obadiya, uZakariya, uNethaneli noMikhaya, ukuze ziyofundisa emadolobheni akwaJuda. 8 Wathuma kanye nazo amaLevi: uShemaya, uNethaniya, uZebadiya, u-Asaheli, uShemiramoti, uJehonathani, u-Adoniya, uThobija noThobi-adoniya, kanye no-Elishama noJehoramu abapristi. + 9 Baqala ukufundisa kwaJuda, babephethe incwadi yoMthetho kaJehova, + behamba wonke amadolobha akwaJuda befundisa phakathi kwabantu.

10 Yonke imibuso yamazwe eyayizungeze uJuda yamesaba uJehova, ayizange ilwe noJehoshafati. 11 AmaFilisti aletha izipho nemali kuJehoshafati njengenkokhiso. Ama-Arabhu amlethela izinqama ezingu-7 700 nezimpongo ezingu-7 700 zivela emihlanjini yawo.

12 UJehoshafati waqhubeka eba mkhulu kakhulu + futhi waqhubeka akha izindawo ezinezivikelo eziqinile + namadolobha okugcina izinto + kwaJuda. 13 Wenza imisebenzi eminingi emadolobheni akwaJuda, wayenamasosha angamaqhawe anamandla eJerusalema. 14 Ayehlelwe ngokwemindeni yoyise: kwaJuda izinduna zezinkulungwane, u-Adinahi induna, kanye naye kwakukhona amaqhawe anamandla angu-300 000. + 15 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona uJehohanani induna, kanye naye kukhona angu-280 000. 16 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona u-Amasiya indodana kaZikiri owavolontiyela ukwenza umsebenzi kaJehova, kanye naye kukhona amaqhawe anamandla angu-200 000. 17 KwaBhenjamini + kwakukhona u-Eliyada, iqhawe elinamandla, kanye naye kukhona amadoda angu-200 000 ahlome ngomnsalo nangehawu. + 18 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona uJehozabhadi, kanye naye kukhona amadoda angu-180 000 ahlomele impi. 19 Laba yibo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emadolobheni anezivikelo eziqinile kulo lonke elakwaJuda. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela