uJobe
25 UBhilidadi + umShuhi waphendula wathi:
2 “Ububusi namandla asabekayo kungokwakhe;
Wenza kube nokuthula ezulwini.*
3 Angabalwa yini amabutho akhe?
Ubani ongakutholi ukukhanya kwakhe?
4 Ngakho umuntu ofayo angaba kanjani olungile phambi kukaNkulunkulu, +
Noma kungenzeka kanjani ukuba ozalwa owesifazane abe msulwa? *+
5 Uma ngisho nenyanga ingakhanyi kakhulu kuye
Nezinkanyezi zingakhanyi ngokucacile emehlweni akhe,
6 Kangakanani-ke umuntu ofayo, oyimpethu,
Nendodana yomuntu, eyisibungu!”