uJobe
4 Ubani ongaveza ohlanzekile kongcolile? +
Akekho noyedwa!
5 Uma izinsuku zakhe zinqunywa,
Isibalo sezinyanga zakhe sikuwe;
Umbekele umkhawulo ukuze angeqeli ngale. +
6 Susa amehlo akho kuye ukuze aphumule,
Kuze kube yilapho eqeda usuku lwakhe njengesisebenzi esiqashiwe. +
7 Ngoba kukhona ithemba ngisho nangesihlahla.
Uma sigawulwa, siyohluma futhi,
Amahlumela aso ayoqhubeka ekhula.
8 Uma impande yaso iguga emhlabathini
Nesiphunzi saso sifa emhlabathini,
9 Ngephunga lamanzi siyohluma;
Siyoveza amagatsha njengesitshalo esisha.
10 Kodwa umuntu uyafa adindilize engasenamandla;
Lapho umuntu efa, usuke ekuphi? +
11 Amanzi ayanyamalala olwandle,
Nomfula uyasha wome.
12 Umuntu naye uyalala angavuki. +
Ngeke baphaphame kuze kube yilapho izulu lingasekho,
Futhi ngeke bavuswe ebuthongweni babo. +
13 O ukube ubungangithukusa eThuneni, *+
Ukube ubungangifihla kuze kudlule intukuthelo yakho,
Ukube ubungangikalela isikhathi bese uyangikhumbula! +
14 Uma umuntu efa, angabuye aphile futhi? +
15 Uyobiza, mina ngiyokuphendula. +
Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho.
16 Kodwa okwamanje ulokhu ubala zonke izinyathelo zami;
Ubheka isono sami nje kuphela.
17 Iseqo sami sivalelwe esikhwameni,
Ufaka ingcina* phezu kwesiphambeko sami.
18 Njengoba nentaba idilika iphele
Nedwala ligudluzwa endaweni yalo,
19 Njengoba amanzi egugula amatshe
Nezikhukhula zikhukhula inhlabathi,
Ulishabalalise kanjalo ithemba lomuntu ofayo.
20 Ulokhu umhlula kuze kube yilapho eshabalala; +
Ushintsha indlela abukeka ngayo, umhambise.
21 Amadodana akhe ayadunyiswa, kodwa yena akakwazi lokho;
Aba angelutho, kodwa yena akakuqapheli lokho. +
22 Uzwa ubuhlungu kuphela lapho esaphila;
Ulila kuphela lapho esaphila.”