Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 50
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UJosefa ungcwaba uJakobe eKhanani (1-14)

      • UJosefa uqinisekisa abafowabo ngokuthi ubaxolele (15-21)

      • Izinsuku zokugcina zikaJosefa nokufa kwakhe (22-26)

        • Iziyalezo zikaJosefa ngamathambo akhe (25)

Genesise 50:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:4

Genesise 50:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Lena inqubo yokugcoba isidumbu ngezinto ezifana namafutha anuka kamnandi ukuze singaboli.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 50:26

Genesise 50:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nendlu kaFaro.”

Genesise 50:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 47:29-31
  • +Gen 48:21
  • +Gen 46:4; 47:29
  • +Gen 23:17, 18; 49:29, 30

Genesise 50:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 47:31

Genesise 50:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 105:21, 22

Genesise 50:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:27

Genesise 50:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 41:43; 46:29

Genesise 50:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Indawo okubhulelwa kuyo ukudla okusanhlamvu.

Genesise 50:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Ukulila KwamaGibhithe.”

Genesise 50:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 47:29

Genesise 50:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 23:17, 18; 25:9, 10; 35:27; 49:29, 30

Genesise 50:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 37:18, 28; 42:21; IHu 105:17

Genesise 50:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 37:7, 9

Genesise 50:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 37:18
  • +Gen 45:5; IHu 105:17

Genesise 50:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 47:12

Genesise 50:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “Azalelwa emadolweni kaJosefa.” Okuwukuthi, aphathwa njengamadodana akhe aboniswa umusa okhethekile.

Izikhombo Zezincwadi

  • +1 IziKr. 7:20
  • +Jos 17:1; 1 IziKr. 7:14

Genesise 50:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 4:31
  • +Gen 12:7; 17:8; 26:3; 28:13

Genesise 50:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 13:19; Jos 24:32; Heb 11:22

Genesise 50:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 50:2

Okunye

Gen. 50:1Gen 46:4
Gen. 50:2Gen 50:26
Gen. 50:5Gen 47:29-31
Gen. 50:5Gen 48:21
Gen. 50:5Gen 46:4; 47:29
Gen. 50:5Gen 23:17, 18; 49:29, 30
Gen. 50:6Gen 47:31
Gen. 50:7IHu 105:21, 22
Gen. 50:8Gen 46:27
Gen. 50:9Gen 41:43; 46:29
Gen. 50:12Gen 47:29
Gen. 50:13Gen 23:17, 18; 25:9, 10; 35:27; 49:29, 30
Gen. 50:15Gen 37:18, 28; 42:21; IHu 105:17
Gen. 50:18Gen 37:7, 9
Gen. 50:20Gen 37:18
Gen. 50:20Gen 45:5; IHu 105:17
Gen. 50:21Gen 47:12
Gen. 50:231 IziKr. 7:20
Gen. 50:23Jos 17:1; 1 IziKr. 7:14
Gen. 50:24Eks 4:31
Gen. 50:24Gen 12:7; 17:8; 26:3; 28:13
Gen. 50:25Eks 13:19; Jos 24:32; Heb 11:22
Gen. 50:26Gen 50:2
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 50:1-26

Genesise

50 UJosefa wabe eseziphonsa kuyise + wamkhalela, wamqabula. 2 Ngemva kwalokho uJosefa wayala izinceku zakhe, odokotela, ukuba bagcobe* + uyise. Ngakho odokotela bamgcoba u-Israyeli, 3 bathatha izinsuku ezingu-40 ezigcwele, ngoba yilesi sikhathi esasidingeka ukuze kugcotshwe isidumbu futhi amaGibhithe aqhubeka emkhalela izinsuku ezingu-70.

4 Lapho sezidlulile izinsuku zokumlilela, uJosefa wakhuluma nezikhulu zikaFaro,* wathi: “Uma ngithole umusa kini, ngidluliseleni lo myalezo kuFaro: 5 ‘Ubaba wangifungisa, + wathi: “Bheka! Sengiyafa. + Kumele ungingcwabe endaweni yami + engazilungisela yona ezweni laseKhanani.” + Ngicela ungivumele ngikhuphuke ngiyongcwaba ubaba, ngemva kwalokho ngizobuya.’” 6 UFaro waphendula: “Hamba uyongcwaba uyihlo njengoba nje akufungisa.” +

7 Ngakho uJosefa wakhuphuka wayongcwaba uyise, zonke izinceku zikaFaro zahamba naye, amadoda amadala + endlu yakhe nawo wonke amadoda amadala asezweni laseGibhithe 8 nabo bonke abomndeni kaJosefa nabafowabo nomndeni kayise. + Bashiya abantwana babo abancane nemihlambi yabo kuphela ezweni laseGosheni. 9 Kwakhuphuka kanye naye izinqola + nabagibeli bamahhashi, iqembu lalilikhulu kakhulu. 10 Bafika esibuyeni* sase-Athadi, esisesifundeni saseJordani, bafike balila kakhulu ngendlela edabukisayo, uJosefa waqhubeka elilela uyise izinsuku eziyisikhombisa. 11 Abantu bakulelo zwe, amaKhanani, bababona belila esibuyeni sase-Athadi, bababaza bathi: “Yisililo esikhulu samaGibhithe!” Yingakho saqanjwa ngokuthi i-Abela-mizirayimi,* esesifundeni saseJordani.

12 Ngakho amadodana akhe enza njengoba nje ayewayalile. + 13 Amadodana akhe amthwala amyisa ezweni laseKhanani amngcwaba emhumeni wensimu yaseMakaphela, insimu ephambi kwaseMamre u-Abrahama ayeyithenge ku-Efroni umHeti njengendawo yokungcwaba. + 14 Ngemva kokungcwaba uyise, uJosefa wabuyela eGibhithe nabafowabo nabo bonke ababehambe naye beyongcwaba uyise.

15 Lapho abafowabo bakaJosefa bebona ukuthi uyise wayesefile, bathi: “Kungenzeka ukuthi uJosefa ufukamele inzondo ngathi futhi uzoziphindiselela kithi ngakho konke okubi esikwenze kuye.” + 16 Ngakho bathumela umyalezo kuJosefa: “Uyihlo wakhipha lo myalo ngaphambi kokuba afe: 17 ‘Yilokhu eniyokusho kuJosefa: “Ngiyakuncenga, siza uxolele isiphambeko sabafowenu nesono abasenza ngokwenza okubi kuwe.”’ Manje sicela uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala lapho bekhuluma naye. 18 Ngemva kwalokho abafowabo beza bawa phambi kwakhe bathi: “Bheka, sifana nezigqila kuwe!” + 19 UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Ingabe ngisesikhundleni sikaNkulunkulu? 20 Nakuba nina nanifuna ukungilimaza, + uNkulunkulu wayehlose ukukushintsha lokho asindise abantu abaningi, njengoba enza namuhla. + 21 Ngakho manje ningesabi. Mina ngizoqhubeka ngininika ukudla nina nabantwana benu abancane.” + Wabaduduza wabaqinisekisa.

22 UJosefa waqhubeka ehlala eGibhithe, yena nomndeni kayise, futhi waphila iminyaka engu-110. 23 Wabona isizukulwane sesithathu samadodana ka-Efrayimi, + namadodana kaMakiri, + indodana kaManase. KuJosefa ayefana nezingane zakhe.* 24 Ekugcineni uJosefa wathi kubafowabo: “Sengiyafa, kodwa ngokuqinisekile uNkulunkulu uyoninaka, + nakanjani uyonikhuphula anikhiphe kuleli zwe aniyise ezweni afunga ngalo ku-Abrahama, ku-Isaka nakuJakobe.” + 25 Ngakho uJosefa wafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “Nakanjani uNkulunkulu uyoninaka. Kumele nithathe amathambo ami niwakhuphule niwakhiphe lapha.” + 26 UJosefa wafa eneminyaka engu-110, bamgcoba + ukuze angaboli, wayesefakwa ebhokisini lokungcwaba eGibhithe.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela