uJobe
13 “Yebo, iso lami likubonile konke lokhu,
Indlebe yami ikuzwile yakuqonda.
2 Lokho enikwaziyo nami ngiyakwazi;
Angikho phansi kunani.
3 Mina, bengingancamela ukukhuluma noMninimandla Onke uqobo lwakhe;
Ngifisa ukukhuluma udaba lwami noNkulunkulu. +
4 Kodwa nina ningibheca ngamanga;
Nonke ningodokotela abangasizi ngalutho. +
5 Ukube nje beningathula du,
Lokho bekuyobonisa ukuthi nihlakaniphile. +
6 Ngicela nilalele uvo* lwami,
Ninake ukuncenga kwami.
7 Ingabe niyokhuluma ngendlela engenabulungisa ngoNkulunkulu,
Futhi ingabe niyokhuluma inkohliso ngaye?
8 Ingabe niyoba ngasohlangothini lwakhe,*
Nizame ukulwela uNkulunkulu weqiniso?
9 Kuyonihambela kahle yini uma enihlola? +
Ingabe niyomenza isiphukuphuku ngendlela eningenza ngayo umuntu ofayo?
10 Nakanjani uyonisola
Uma nizama ukubonisa ukukhetha ekusithekeni. +
11 Ngeke yini nethuswe ngisho nayisithunzi sakhe,
Nifikelwe ukumesaba?
12 Amazwi enu okuhlakanipha* ayizaga zomlotha;
Enizivikela ngakho kuntekenteke njengezivikelo zobumba.
13 Thulani ukuze ngikhulume.
Ngemva kwalokho noma yini engase ingehlele mayingehlele!
14 Kungani ngizifaka engozini,
Ngibeka ukuphila* kwami ezandleni zami?
17 Lilalelisiseni izwi lami;
Nakani engikushoyo.
18 Bhekani manje, ngikulungele ukwethula icala lami enkantolo;
Ngiyazi ukuthi ngimsulwa.
19 Ubani ozophikisana nami?
Ngingafa uma ngingathula!
20 Nkulunkulu, zimbili izinto engizicela kuwe.
Ngemva kwalokho ngeke ngisazifihla kuwe:
21 Dedisela kude nami isandla sakho esisindayo,
Ungavumeli ukukwesaba kwami kungethuse. +
22 Kungaba ngcono ubize, mina ngiphendule,
Noma mina ngikhulume, wena ungiphendule.
23 Ziyini iziphambeko nezono zami?
Ngambulele iseqo sami nesono sami.
25 Ingabe uyozama ukwesabisa iqabunga elipheshulwa umoya
Noma uxoshane nezinhlanga ezomile?
26 Ngoba ulokhu uloba izinsolo ezimbi ngami,
Futhi ungenza ngiphendule ngezono zasebusheni bami.
28 Ngakho umuntu* ubola njengento ebolile,
Njengengubo edliwe inundu.