IzAga
26 Njengeqhwa ehlobo nanjengemvula ngesikhathi sokuvuna,
Udumo alumfanele oyisiphukuphuku. +
2 Njengoba nje inyoni inesizathu sokubaleka nenkonjane inesizathu sokundiza,
Nesiqalekiso asizi ngaphandle kwesizathu sangempela.*
4 Ungamphenduli oyisiphukuphuku ngokobuwula bakhe,
Ukuze ungafani naye.*
5 Phendula oyisiphukuphuku ngokobuwula bakhe,
Ukuze angacabangi ukuthi uhlakaniphile. +
6 Njengomuntu owenza izinyawo zakhe zikhubazeke, azilimaze yena
Unjalo umuntu ophathisa isiphukuphuku izindaba zakhe.
7 Njengemilenze exegezelayo yolunyonga,
Sinjalo isaga emlonyeni wabantu abayiziphukuphuku. +
8 Njengokufaka itshe endwayimaneni,
Kunjalo ukunika isiphukuphuku udumo. +
9 Njengesihlahla sameva esandleni sesidakwa,
Sinjalo isaga emlonyeni wabantu abayiziphukuphuku.
10 Njengomcibisheli omane acibe nje noma ikuphi,*
Unjalo umuntu oqasha isiphukuphuku noma oqasha abadlula ngendlela.
12 Uke wambona umuntu ocabanga ukuthi uhlakaniphile? +
Kukhona ithemba elikhulu ngoyisiphukuphuku kunangaye.
13 Ivila lithi: “Kukhona iwundlu lebhubesi emgwaqweni,
Kukhona ibhubesi esigcawini!” +
15 Ivila lifaka isandla esitsheni,
Kodwa likhathele kakhulu ukuba lisibuyisele emlonyeni walo. +
16 Ivila licabanga ukuthi lihlakaniphile
Kunabantu abayisikhombisa abaphendula ngokunengqondo.
17 Njengomuntu obamba inja ngamadlebe
Unjalo umuntu odlulayo othukutheliswa ingxabano* okungeyona eyakhe. +
18 Njengohlanya oluciba izikhali ezivuthayo, imicibisholo nokufa*
19 Unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe bese ethi, “Bengizidlalela!” +
20 Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima,
Nalapho kungekho mnyundeli ukuxabana kuyaphela. +
21 Njengamalahle amasha afakwa kwavuthayo nezinkuni ezifakwa emlilweni,
Unjalo nomuntu onochuku obhebhezela ingxabano. +
23 Njengesiliva elicwebezelayo elinanyekwe odengezini
Anjalo amazwi othando avela enhliziyweni embi. +
24 Ozonda abanye uyakufihla lokho ngezindebe zakhe,
Kodwa ngaphakathi ufukamele inkohliso.
25 Nakuba ekhuluma ngomusa, ungamethembi,
Ngoba enhliziyweni yakhe kukhona izinto eziyisikhombisa ezinengekayo.*
26 Nakuba inzondo yakhe ifihlwe yinkohliso,
Ububi bakhe buyokwembulwa ebandleni.
27 Ogubha umgodi uyowela kuwo,
Nanoma ubani ogingqa itshe—liyobuyela kuye. +
28 Ulimi lwamanga luyabazonda abachotshozwe yilo,
Nomlomo othophayo ubangela umonakalo. +