AmaHubo
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. + Ihubo.
47 Shayani ihlombe, nonke nina zizwe.
Dumisani uNkulunkulu nimemeze ngenjabulo.
3 Uthobisa izizwe ngaphansi kwethu;
Ubeka izizwe ngaphansi kwezinyawo zethu. +
5 UNkulunkulu ufikile, abantu bamemeza ngenjabulo;
UJehova ufike kwakhala uphondo.*
6 Hubelani* uNkulunkulu, hubani ingoma yokudumisa.
Hubelani iNkosi yethu, hubani ingoma yokudumisa.
7 Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yawo wonke umhlaba; +
Hubani ingoma yokudumisa, nibonise ukuqonda.
8 UNkulunkulu useyiNkosi phezu kwezizwe. +
UNkulunkulu uhleli esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
9 Abaholi bezizwe babuthene
Kanye nesizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama.
Ngoba ababusi* bomhlaba bangabakaNkulunkulu.
Uphakeme kakhulu. +