Eyesibili YeziKronike
30 UHezekiya wathumela izwi kuwo wonke u-Israyeli + noJuda, walobela ngisho no-Efrayimi noManase + izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema bazogubhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iPhasika. + 2 Nokho inkosi, izikhulu zayo nalo lonke ibandla eJerusalema banquma ukugubha iPhasika ngenyanga yesibili, + 3 ngoba babengazange bakwazi ukuligubha ngesikhathi esifanele, + ngoba babenganele abapristi ababezingcwelisile + nabantu babengabuthene eJerusalema. 4 Leli lungiselelo labonakala likahle enkosini nakulo lonke ibandla. 5 Ngakho banquma ukwenza isimemezelo ku-Israyeli wonke, kusukela eBheri-sheba kuze kufike kwaDani, + sokuba abantu beze bagubhele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iPhasika eJerusalema, ngoba babengaligubhanga njengeqembu ngokuvumelana nokulotshiwe. +
6 Izithunywa* zabe seziya kulo lonke elakwa-Israyeli nelakwaJuda ziphethe izincwadi ezivela enkosini nasezikhulwini zayo, njengoba inkosi yayiyalile, ithi: “Bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama, u-Isaka no-Israyeli, ukuze abuyele kwabasele abaphunyuke esandleni samakhosi ase-Asiriya. + 7 Ningabi njengokhokho benu nanjengabafowenu abenza ngokungathembeki kuJehova uNkulunkulu wokhokho babo, kangangokuba wabenza baba yinto eshaqisayo, njengoba nje nibona. + 8 Manje ningabi nenkani njengokhokho benu. + Zithobeni kuJehova, nize endlini yakhe engcwele + ayingcwelisile kuze kube phakade nikhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze intukuthelo yakhe evuthayo isuke kini. + 9 Ngoba lapho nibuyela kuJehova, abafowenu namadodana enu bayoboniswa isihe ngabantu ababathumbile, + bavunyelwe ukuba babuyele kuleli zwe, + ngoba uJehova uNkulunkulu wenu unozwela* nesihe + futhi ngeke abususe ubuso bakhe kini uma nibuyela kuye.” +
10 Ngakho izithunywa* zasuka kwelinye idolobha zaya kwelinye kulo lonke izwe lakwa-Efrayimi nelakwaManase, + zafika ngisho nakwaZebhuloni, kodwa abantu babezigcona behlekisa ngazo. + 11 Nokho abantu abathile kwa-Asheri, kwaManase nakwaZebhuloni bazithoba beza eJerusalema. + 12 Isandla sikaNkulunkulu weqiniso saba khona nakwaJuda ukuba sibenze babe munye* ekufezeni umyalo wenkosi nowezikhulu ngokwezwi likaJehova.
13 Abantu abaningi babuthana ndawonye eJerusalema bezogubha uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo + ngenyanga yesibili; + kwakuyibandla elikhulu kakhulu. 14 Basukuma basusa ama-altare ayeseJerusalema, + basusa nawo wonke ama-altare empepho + bawaphonsa eSigodini SaseKidroni. 15 Ngemva kwalokho bahlaba umhlatshelo wePhasika ngosuku luka-14 lwenyanga yesibili. Abapristi namaLevi bazizwa bephoxekile, ngakho bazingcwelisa futhi baletha iminikelo eshiswayo endlini kaJehova. 16 Bama ezindaweni zabo ezivamile, ngokoMthetho KaMose umuntu kaNkulunkulu weqiniso; abapristi babe sebefafaza igazi + abalithathe esandleni samaLevi. 17 Babebaningi ebandleni ababengazingcwelisanga, amaLevi ayengamele ukuhlatshwa kwemihlatshelo yePhasika yabo bonke ababengcolile, + ukuze babangcwelisele uJehova. 18 Ngoba abantu abaningi ikakhulukazi ababevela kwa-Efrayimi, kwaManase, + kwa-Isakare nakwaZebhuloni, babengazihlanzanga, kodwa noma kunjalo balidla iPhasika, ngokuphambene nalokho okulotshiwe. Kodwa uHezekiya wabathandazela, wathi: “Kwangathi uJehova omuhle + angabonelela 19 wonke umuntu olungise inhliziyo yakhe ukuba ifune uNkulunkulu weqiniso + uJehova, uNkulunkulu wokhokho bakhe, nakuba engahlanzwanga ngokuvumelana nomthetho wobungcwele.” + 20 UJehova wamlalela uHezekiya wabaxolela* abantu.
21 Ngakho ama-Israyeli ayeseJerusalema awugubha uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo + izinsuku eziyisikhombisa ngokujabula okukhulu, + amaLevi nabapristi babedumisa uJehova usuku nosuku, bezidlalela phezulu izinsimbi zomculo bedumisa uJehova. + 22 Ngaphezu kwalokho, uHezekiya wakhuluma nawo wonke amaLevi ayekhonza uJehova ngokuqonda futhi wawakhuthaza.* Adla izinsuku eziyisikhombisa phakathi nalo mkhosi, + enza imihlatshelo ehlanganyelwayo + futhi ebonga uJehova uNkulunkulu wokhokho bawo.
23 Lonke ibandla lanquma ukuwugubha ezinye futhi izinsuku eziyisikhombisa, ngakho lawugubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa ngokujabula. + 24 UHezekiya inkosi yakwaJuda wanikelela ibandla izinkunzi ezingu-1 000 nezimvu ezingu-7 000, izikhulu zanikelela ibandla izinkunzi ezingu-1 000 nezimvu ezingu-10 000; + abapristi abaningi kakhulu babezingcwelisa. + 25 Lonke ibandla lakwaJuda, abapristi, amaLevi, lonke ibandla elalivela kwa-Israyeli, + izifiki + ezazivela ezweni lakwa-Israyeli nalabo ababehlala kwaJuda baqhubeka bejabula. 26 Kwaba khona injabulo enkulu eJerusalema, ngoba kusukela ezinsukwini zikaSolomoni indodana kaDavide inkosi yakwa-Israyeli, yayingazange yenzeke into enjengale eJerusalema. + 27 Ekugcineni abapristi abangamaLevi basukuma babusisa abantu; + uNkulunkulu walilalela izwi labo, umthandazo wabo wafika endaweni yakhe yokuhlala engcwele, emazulwini.