uJobe
27 UJobe waqhubeka nenkulumo* yakhe wathi:
2 “Ngimfunge uNkulunkulu, ongigodlele ubulungisa, +
Ngimfunge uMninimandla Onke, ongenze ngaba lusizi, +
3 Uma nje umoya engiwuphefumulayo usengaphakathi kimi,
Nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami, +
4 Izindebe zami ngeke zikukhulume okungalungile;
Nolimi lwami ngeke lungundaze inkohliso!
5 Anginakulokotha ngithi nilungile nina madoda!
Ngiyoze ngife ngingazange ngibulahle* ubuqotho bami! +
6 Ngizokulondoloza ukulunga kwami, angisoze ngakudedela; +
7 Kwangathi isitha sami singafana nomubi,
Labo abangihlaselayo bafane nongalungile.
8 Ngoba unathemba lini umuntu ongamesabi uNkulunkulu* lapho ebhujiswa, +
Lapho uNkulunkulu ethatha ukuphila kwakhe?
9 Ingabe uNkulunkulu uyokuzwa ukukhala kwakhe
Lapho efikelwa izinkathazo? +
10 Noma ingabe uyojabula ngenxa yoMninimandla Onke?
Uyombiza yini uNkulunkulu ngazo zonke izikhathi?
11 Ngizonifundisa ngamandla* kaNkulunkulu;
Ngeke ngifihle lutho ngoMninimandla Onke.
12 Bhekani! Uma nonke niyibonile imibono,
Kungani enikukhulumayo kuyize leze?
13 Lesi isabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu, +
Ifa omashiqela abalamukela kuMninimandla Onke.
14 Uma amadodana akhe anda, azodliwa inkemba, +
Nenzalo yakhe ngeke ibe nokudla okwanele.
15 Inzalo yakhe esele iyobulawa isifo esibi,
Nabafazi bayo ngeke bayililele.
16 Ngisho noma enqwabelanisa isiliva njengokungathi isiliva liwuthuli
Futhi eqongelela izingubo ezisezingeni eliphezulu njengokungathi uqongelela ubumba,
17 Nakuba engakuqongelela
Olungile uyozigqoka, +
Nomsulwa uyohlukanisa isiliva lakhe.
19 Uyolala ecebile, kodwa akukho lutho ayoluvuna;
Lapho evula amehlo akhe, kuyobe kungenalutho.
20 Izinto ezesabisayo ziyamfica njengesikhukhula;
Isivunguvungu siyamhlwitha ebusuku. +
21 Umoya wasempumalanga uyomthwala uhambe naye aphephuke;
Uyamsusa endaweni yakhe. +