AmaHubo
135 Dumisani uJah!*
Dumisani igama likaJehova;
Mdumiseni, zinceku zikaJehova, +
2 Nina enimi endlini kaJehova,
Emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. +
3 Dumisani uJah, ngoba uJehova muhle. +
Hubelani* igama lakhe, ngoba kumnandi.
5 Ngoba ngazi kahle ukuthi uJehova mkhulu;
INkosi yethu ingaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. +
6 UJehova wenza konke athanda ukukwenza +
Ezulwini nasemhlabeni, ezilwandle nasekujuleni kwazo.
7 Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba;
Wenzela imvula imibani;*
Ukhipha umoya ezinqolobaneni zakhe. +
8 Wabulala amazibulo aseGibhithe,
Abantu nezilwane. +
9 Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, +
KuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe. +
10 Washaya izizwe eziningi +
Wabulala amakhosi anamandla +
11 —USihoni inkosi yama-Amori, +
U-Ogi inkosi yaseBhashani, +
Nayo yonke imibuso yaseKhanani.
12 Wanikela ngezwe labo laba yifa,
Ifa ku-Israyeli isizwe sakhe. +
13 O Jehova, igama lakho lihlala kuze kube phakade.
O Jehova, udumo lwakho* luhlala isizukulwane ngesizukulwane. +
15 Izithixo zezizwe ziyisiliva negolide,
Umsebenzi wezandla zomuntu. +
Akukho moya emlonyeni wazo. +
19 O wena ndlu ka-Israyeli, dumisani uJehova.
O wena ndlu ka-Aroni, dumisani uJehova.
20 O wena ndlu kaLevi, dumisani uJehova. +
Nina enesaba uJehova, dumisani uJehova.
Dumisani uJah! +