Eyesibili KaSamuweli
4 Lapho u-Ishi-bhosheti + indodana kaSawule ezwa ukuthi u-Abhineri ufile eHebroni, + waphela amandla* nawo wonke ama-Israyeli akhathazeka. 2 Kwakukhona amadoda amabili ayehola amaviyo abaphangi ayengawendodana kaSawule: igama lenye kwakunguBhahana, enye kunguRekabi. Ayengamadodana kaRimoni waseBheyeroti, wesizwe sakwaBhenjamini. (Ngoba iBheyeroti + nalo lalibhekwa njengengxenye yakwaBhenjamini. 3 AbaseBheyeroti babalekela eGitayimi, + bayizakhamuzi zokufika khona kuze kube namuhla.)
4 UJonathani + indodana kaSawule, wayenendodana ekhubazekile ezinyaweni. + Yayineminyaka emihlanu ubudala lapho kufika umbiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli, + umzanyana* wayo wayithatha wabaleka nayo, kodwa njengoba ayebaleka ethukile, yawa yakhubazeka. Igama layo kwakunguMefibhosheti. +
5 Amadodana kaRimoni waseBheyeroti, uRekabi noBhahana, aya endlini ka-Ishi-bhosheti emini ilanga lishisa, njengoba ayesathathe isihlwathi sasemini. 6 Bangena endlini njengabantu abalande ukolweni, base bemgwaza esiswini; ngemva kwalokho uRekabi noBhahana + umfowabo babaleka. 7 Ngesikhathi bengena endlini, bamfica elele embhedeni ekamelweni lakhe base bemgwaza bambulala, ngemva kwalokho bamnquma ikhanda. Bathatha ikhanda lakhe, bahamba ubusuku bonke ngomgwaqo oya e-Araba. 8 Ikhanda lika-Ishi-bhosheti + baliyisa kuDavide eHebroni bafike bathi enkosini: “Nali ikhanda lika-Ishi-bhosheti indodana kaSawule isitha sakho + esasifuna ukuphila kwakho. + Namuhla uJehova uyiphindiselele inkosi yami kuSawule nasenzalweni yakhe.”
9 Nokho, uDavide wabaphendula oRekabi noBhahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBheyeroti, wathi kubo: “Ngimfunge uJehova owangikhulula kukho konke ukucindezeleka, + 10 lapho umuntu othile engibikela ethi, ‘USawule ufile,’ + yena ecabanga ukuthi ungilethele izindaba ezinhle, ngambamba ngambulala + eZikilagi. Yilowo umvuzo wesithunywa engamnika wona! 11 Kakhulu kangakanani-ke lapho abantu ababi bebulele umuntu olungile endlini yakhe phezu kombhede wakhe! Akufanele yini ngilifune igazi lakhe ezandleni zenu, + nginisuse emhlabeni?” 12 Ngemva kwalokho uDavide wayala izinsizwa ukuba zibabulale. + Zabanquma izandla nezinyawo, zase zibalengisa + ngasechibini eHebroni. Kodwa bathatha ikhanda lika-Ishi-bhosheti balingcwaba ethuneni lika-Abhineri eHebroni.