Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 Samuweli 4
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 Samuweli Okuphakathi

      • U-Ishi-bhosheti uyabulawa (1-8)

      • UDavide uyala ukuba kubulawe ababulali (9-12)

2 Samuweli 4:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “izandla zakhe zaba buthaka.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 2:8
  • +2Sa 3:27

2 Samuweli 4:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 9:17; 18:21, 25

2 Samuweli 4:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Neh 11:31, 33

2 Samuweli 4:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Intombazane egada umntwana.

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 20:16
  • +2Sa 9:3
  • +1Sa 29:1, 11
  • +2Sa 9:13; 1 IziKr. 8:34

2 Samuweli 4:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 4:2

2 Samuweli 4:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 2:10
  • +1Sa 18:28, 29
  • +1Sa 18:10, 11; 20:1, 33; 23:15

2 Samuweli 4:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:12; 26:25; 2Sa 12:7; IHu 34:7

2 Samuweli 4:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 1:2, 4
  • +2Sa 1:13-15

2 Samuweli 4:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 9:6; Eks 21:12; Num 35:16, 30

2 Samuweli 4:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 55:23
  • +Dut 21:22

Okunye

2 Sam. 4:12Sa 2:8
2 Sam. 4:12Sa 3:27
2 Sam. 4:2Jos 9:17; 18:21, 25
2 Sam. 4:3Neh 11:31, 33
2 Sam. 4:41Sa 20:16
2 Sam. 4:42Sa 9:3
2 Sam. 4:41Sa 29:1, 11
2 Sam. 4:42Sa 9:13; 1 IziKr. 8:34
2 Sam. 4:62Sa 4:2
2 Sam. 4:82Sa 2:10
2 Sam. 4:81Sa 18:28, 29
2 Sam. 4:81Sa 18:10, 11; 20:1, 33; 23:15
2 Sam. 4:91Sa 24:12; 26:25; 2Sa 12:7; IHu 34:7
2 Sam. 4:102Sa 1:2, 4
2 Sam. 4:102Sa 1:13-15
2 Sam. 4:11Gen 9:6; Eks 21:12; Num 35:16, 30
2 Sam. 4:12IHu 55:23
2 Sam. 4:12Dut 21:22
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 Samuweli 4:1-12

Eyesibili KaSamuweli

4 Lapho u-Ishi-bhosheti + indodana kaSawule ezwa ukuthi u-Abhineri ufile eHebroni, + waphela amandla* nawo wonke ama-Israyeli akhathazeka. 2 Kwakukhona amadoda amabili ayehola amaviyo abaphangi ayengawendodana kaSawule: igama lenye kwakunguBhahana, enye kunguRekabi. Ayengamadodana kaRimoni waseBheyeroti, wesizwe sakwaBhenjamini. (Ngoba iBheyeroti + nalo lalibhekwa njengengxenye yakwaBhenjamini. 3 AbaseBheyeroti babalekela eGitayimi, + bayizakhamuzi zokufika khona kuze kube namuhla.)

4 UJonathani + indodana kaSawule, wayenendodana ekhubazekile ezinyaweni. + Yayineminyaka emihlanu ubudala lapho kufika umbiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli, + umzanyana* wayo wayithatha wabaleka nayo, kodwa njengoba ayebaleka ethukile, yawa yakhubazeka. Igama layo kwakunguMefibhosheti. +

5 Amadodana kaRimoni waseBheyeroti, uRekabi noBhahana, aya endlini ka-Ishi-bhosheti emini ilanga lishisa, njengoba ayesathathe isihlwathi sasemini. 6 Bangena endlini njengabantu abalande ukolweni, base bemgwaza esiswini; ngemva kwalokho uRekabi noBhahana + umfowabo babaleka. 7 Ngesikhathi bengena endlini, bamfica elele embhedeni ekamelweni lakhe base bemgwaza bambulala, ngemva kwalokho bamnquma ikhanda. Bathatha ikhanda lakhe, bahamba ubusuku bonke ngomgwaqo oya e-Araba. 8 Ikhanda lika-Ishi-bhosheti + baliyisa kuDavide eHebroni bafike bathi enkosini: “Nali ikhanda lika-Ishi-bhosheti indodana kaSawule isitha sakho + esasifuna ukuphila kwakho. + Namuhla uJehova uyiphindiselele inkosi yami kuSawule nasenzalweni yakhe.”

9 Nokho, uDavide wabaphendula oRekabi noBhahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBheyeroti, wathi kubo: “Ngimfunge uJehova owangikhulula kukho konke ukucindezeleka, + 10 lapho umuntu othile engibikela ethi, ‘USawule ufile,’ + yena ecabanga ukuthi ungilethele izindaba ezinhle, ngambamba ngambulala + eZikilagi. Yilowo umvuzo wesithunywa engamnika wona! 11 Kakhulu kangakanani-ke lapho abantu ababi bebulele umuntu olungile endlini yakhe phezu kombhede wakhe! Akufanele yini ngilifune igazi lakhe ezandleni zenu, + nginisuse emhlabeni?” 12 Ngemva kwalokho uDavide wayala izinsizwa ukuba zibabulale. + Zabanquma izandla nezinyawo, zase zibalengisa + ngasechibini eHebroni. Kodwa bathatha ikhanda lika-Ishi-bhosheti balingcwaba ethuneni lika-Abhineri eHebroni.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela