U-Isaya
59 Bheka! Isandla sikaJehova asisifushane ukuba singehluleka ukusindisa, +
Nendlebe yakhe ayithuntubezekile* ukuba ingehluleka ukuzwa. +
2 Cha, iziphambeko zenu zinihlukanisile noNkulunkulu wenu. +
Izono zenu zimenze wanifihlela ubuso bakhe,
Uyenqaba ukunilalela. +
3 Ngoba izintende zezandla zenu zingcoliswe yigazi +
Neminwe yenu yisiphambeko.
Izindebe zenu zikhuluma amanga, + nolimi lwenu luvungazela ukungalungi.
4 Akekho omemezayo efuna ukulunga, +
Akekho oya enkantolo ngokwethembeka.
Bathembela entweni engekho + bakhulume into engathi shu.
Bakhulelwa inkathazo bazale okulimazayo. +
5 Bachamisela amaqanda enyoka enesihlungu,
Beluka ulwembu lwesicabucabu. +
Noma ubani odla amaqanda ayo angafa,
Eqandeni eliphihlizwayo kuphuma inyoka enesihlungu.
6 Ulwembu lwabo ngeke lusebenze njengengubo,
Ngeke bazimboze ngalokho abakwenzayo. +
Imisebenzi yabo iyalimaza,
Izenzo zabo zobudlova zisezandleni zabo. +
7 Izinyawo zabo zigijimela ekwenzeni okubi,
Bayashesha ukuchitha igazi elingenacala. +
Imicabango yabo iyimicabango elimazayo;
Ukucekela phansi nokubhubhisa kusezindleleni zabo. +
8 Abayazanga indlela yokuthula,
Abukho ubulungisa ezindleleni zabo. +
Izindlela zabo bayazigwegwisa;
Akekho ohamba kuzo oyoba nokuthula. +
9 Yingakho ubulungisa bukude nathi,
Nokulunga kungasifici.
Silokhu sithembe ukuthola ukukhanya, kodwa kukhona ubumnyama;
Ukuthola ukukhanya okukhulu, kodwa silokhu sihamba ebumnyameni. +
10 Silokhu siphumputha udonga njengezimpumputhe;
Njengalabo abangenawo amehlo siyaqhubeka siphumputha. +
Sikhubeka emini bebade njengasebumnyameni bakusihlwa;
Phakathi kwabayizidlakela sinjengabantu abafile.
11 Sonke siqhubeka sibhonga njengamabhere
Sikhale njengamajuba.
Sethemba ukuthola ubulungisa kodwa abukho;
Ukuthola insindiso kodwa ikude nathi.
Sikwazi kahle ukuvukela kwethu;
Sizazi kahle iziphambeko zethu. +
13 Seqe umthetho samphika uJehova;
Simfulathele uNkulunkulu wethu.
Sikhulume ngokucindezela nangokuvukela; +
Sikhulelwe amanga savungazela amazwi angamanga avela enhliziyweni. +
14 Ubulungisa buhlehlisiwe, +
Nokulunga kumele kude; +
Ngoba iqiniso* likhubekile esigcawini,
Okulungile akukwazi ukungena.
16 Wabona ukuthi kwakungekho muntu,
Wamangala ukuthi kwakungekho muntu olamulayo.
Ngakho ingalo yakhe yaletha insindiso,*
Nokulunga kwakhe kwamsekela.
17 Khona-ke wagqoka ukulunga njengokungathi yijazi lensimbi
18 Uyobanika umvuzo ngenxa yalokho abakwenzile: +
Uyoba nolaka ezitheni zakhe, aphindisele ezitheni zakhe. +
Uyobuyisela iziqhingi okuzifanele.
19 Kusukela entshonalanga bayokwesaba igama likaJehova
Kusukela empumalanga besabe inkazimulo yakhe,
Ngoba uyofika njengomfula okhukhulayo,
Oqhutshwa ngumoya kaJehova.
21 “Kodwa mina, yilesi isivumelwano sami nabo,” + kusho uJehova. “Umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwafake emlonyeni wakho—ngeke kususwe emlonyeni wakho, emlonyeni wezingane zakho* noma emlonyeni wabazukulu bakho,”* kusho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”