IzAga
30 Umyalezo onamandla osemazwini ka-Aguri indodana kaJakhe, awakhuluma ku-Ithiyeli, ku-Ithiyeli no-Ukhali.
2 Ngingumuntu ontula ulwazi ukwedlula noma ubani omunye, +
Futhi anginakho ukuqonda umuntu okufanele abe nako.
3 Angikufundanga ukuhlakanipha,
Anginalo nolwazi loNgcwelengcwele.
4 Ubani onyukele ezulwini wabuye wehla? +
Ubani oqoqele umoya kuzo zombili izandla zakhe?
Ubani osonge amanzi ngengubo yakhe? +
Ubani omise* yonke imikhawulo yomhlaba? +
Ubani igama lakhe negama lendodana yakhe—uma wazi?
5 Wonke amazwi kaNkulunkulu acwengekile. +
Uyihawu lalabo abaphephela kuye. +
7 Zimbili izinto engizicela kuwe.
Ungangigodleli zona uma nje ngisaphila.
8 Dedisela kude nami amanga nezinto ezingelona iqiniso. +
Unganginiki ubumpofu noma ingcebo.
Futhi ungangenzi ngibe mpofu bese ngiyeba ngihlaze* igama likaNkulunkulu wami.
10 Ungayinyundeli inceku enkosini yayo,
Ngoba ingase ikuqalekise futhi utholakale unecala. +
11 Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise
Esingambusisi nonina. +
13 Kukhona isizukulwane esinamehlo azidlayo
Esimehlo aso aqhosha kakhulu! +
14 Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba
Esimihlathi yaso iyimimese yokuhlaba;
Sishwabadela abaphansi emhlabeni
Nabampofu esintwini. +
15 Iminyundu* inamadodakazi amabili amemezayo athi, “Sinike! Sinike!”
Kunezinto ezintathu ezingasuthi,
Ezine ezingalokothi zithi, “Kwanele!”
17 Iso elenza uyise inhlekisa nelidelela ukulalela unina +
—Amagwababa asesigodini* ayolikopolota,
Nabantwana bokhozi bayolidla. +
18 Kukhona izinto ezintathu engingazazi,*
Nezine engingaziqondi:
19 Indlela ukhozi olundiza ngayo emazulwini,
Indlela inyoka ehamba ngayo edwaleni,
Indlela umkhumbi ohamba ngayo olwandle,
Nendlela yendoda lapho inowesifazane.
20 Nansi indlela yowesifazane ophingayo:
Uyadla asule umlomo;
Bese ethi, “Angenzanga lutho olubi.” +
21 Kunezinto ezintathu ezizamazamisa umhlaba
Nezine abantu abangeke bakwazi ukuzithwala:
22 Lapho isigqila sibusa njengenkosi, +
Lapho isiwula sinokudla okuningi,
23 Lapho kuthathwa owesifazane ozondwayo* ukuze abe umfazi,
Nalapho intombazane eyisisebenzi ithatha indawo yenkosikazi. +
24 Lezi zinto ezine emhlabeni ziphakathi kwezinto ezincane kunazo zonke,
28 Isigcilikisha + sibambelela ngezinyawo zaso,
Futhi siya esigodlweni senkosi.
29 Kukhona izinto ezintathu okumnandi ukuzibuka,
Ezine ezihamba kamnandi:
30 Ibhubesi, isilwane esinamandla kunazo zonke izilwane,
Esingagudlukeli lutho; +
31 Ibhansi;* impongo;
Nenkosi ekanye nebutho layo.
33 Ngoba njengoba ukuphehla ubisi kuveza ibhotela
Nokupitshiza ikhala kukhipha igazi,
Kanjalo nokubhebhezela intukuthelo kudala izingxabano. +