UMika
7 Maye kimi! Nginjengomuntu okuthi
Ngemva kokubuthwa kwezithelo zasehlobo
Nangemva kokukhothoza okwenziwa ngemva kokuvunwa kwamagilebhisi
Angatholi magilebhisi azowadla,
Kungabi nakhiwane elivuthwe kuqala engilihalelayo.
2 Oqotho ushabalele emhlabeni;
Akekho oqotho phakathi kwabantu. +
Bonke bacuthela ukuchitha igazi. +
Ngamunye uzingela umfowabo ngenethi.
3 Izandla zabo zingompetha ekwenzeni okubi; +
Isikhulu sifuna izinto ngenkani,
Umahluleli ufuna isifumbathiso, +
Ovelele wenza izifiso zakhe zaziwe, +
Futhi bayasebenzisana ekwenzeni lokhu.*
4 Ongcono kunabo bonke kubo unjengameva,
Oqotho kunabo bonke kubo mubi kunothango lwameva.
Usuku lwabalindi bakho nolokwahlulelwa kwakho luyeza. +
Manje bazotatazela. +
5 Ungabi nokholo kumngani wakho
Noma uthembe umngani wakho omkhulu. +
Qapha okushoyo kulowo osuke elele esifubeni sakho.
6 Ngoba indodana idelela uyise,
Indodakazi ivukela unina, +
Umalokazana umelana noninazala; +
Izitha zomuntu abantu bomndeni wakhe. +
7 Kodwa mina, ngizohlala ngibheke uJehova. +
Ngizomlinda ngesineke* uNkulunkulu wensindiso yami. +
UNkulunkulu wami uzongizwa. +
8 Ungajabuli ngami sitha* sami.
Nakuba ngiwile, ngizovuka;
Nakuba ngihlala ebumnyameni, uJehova uzoba ukukhanya kwami.
9 Ulaka lukaJehova ngizoluthwala
—Ngoba ngonile kuye +—
Kuze kube yilapho esingatha icala lami angenzele ubulungisa.
Uyongikhiphela ekukhanyeni;
Ngiyokubona ukulunga kwakhe.
10 Nesitha sami siyobona,
Siyombozwa amahloni, sona esathi kimi:
“Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” +
Amehlo ami ayosibuka.
Manje sizodovadovwa njengodaka ezitaladini.
11 Kuyoba usuku lokwakha izindonga zakho zamatshe;
Ngalolo suku umngcele uyonwetshwa.*
12 Ngalolo suku bayofika kuwe
Bevela e-Asiriya nasemadolobheni aseGibhithe,
EGibhithe kuze kuyofika eMfuleni;*
Olwandle kuze kuyofika kolunye ulwandle, nasezintabeni kuze kuyofika kwezinye izintaba. +
13 Izwe liyoba incithakalo ngenxa yabahlala kulo,
Ngenxa yalokho abakwenzile.*
14 Yalusa abantu bakho ngenduku yakho, umhlambi wefa lakho, +
Owawuhlala wodwa ehlathini—phakathi kwengadi yezithelo.
Mabadle* eBhashani naseGileyadi + njengasezinsukwini zakudala.
15 “Njengasezinsukwini owaphuma ngazo ezweni laseGibhithe,
Ngizombonisa izinto ezimangalisayo. +
16 Izizwe ziyobona zibe namahloni naphezu kwawo wonke amandla azo. +
Ziyobeka isandla sazo emlonyeni wazo;
Izindlebe zazo ngeke zizwe.
17 Ziyokhotha uthuli njengezinyoka; +
Njengezilwane ezihuquzelayo zasemhlabeni, ziyophuma zithuthumela ezindaweni zazo ezivikelekile.
Ziyoza kuJehova uNkulunkulu wethu zivevezela
Futhi ziyokwesaba.” +
18 Ubani onguNkulunkulu onjengawe,
Othethelela iphutha labasele befa lakhe + kanye nesiphambeko sabo? +
Ngeke athukuthele kuze kube phakade
Ngoba ujabula ngothando oluqotho. +
19 Uzophinde asibonise isihe; + uzozinqoba* iziphambeko zethu.
Wena uzoziphonsa ekujuleni kolwandle zonke izono zabo. +
20 Uyobonisa ukwethembeka kuJakobe,
Ubonise uthando oluqotho ku-Abrahama,
Njengoba wafunga kokhokho bethu kusukela ezinsukwini zakudala. +