uJobe
39 “Uyasazi yini isikhathi izimbuzi zezintaba ezizala ngaso? +
Uke wayibona yini inyamazane izala? +
2 Uyazibala yini izinyanga ezisuke zimithi ngazo?
Uyasazi yini isikhathi ezizala ngaso?
3 Ziyakhonkobala lapho zizala amazinyane azo,
Futhi imihelo yazo iyaphela.
4 Amazinyane azo aba namandla, akhulele endle;
Ayahamba, angabuyeli kuzo.
5 Ubani owakhulula imbongolo yasendle, +
Ubani owaqaqa izintambo zayo?
6 Ngenze ithafa eliwugwadule laba ikhaya layo
Nezwe likasawoti laba indawo yayo yokuhlala.
7 Iyayihleka inhlokomo yedolobha;
Ayikuzwa ukumemeza komuntu oyiqondisayo.
8 Ihambahamba emagqumeni ukuze ithole idlelo,
Ifuna zonke izitshalo eziluhlaza.
9 Inkunzi yasendle iyafuna yini ukukukhonza? +
Iyobuchitha yini ubusuku emkhombeni wakho?
10 Uyoyibopha yini ngentambo inkunzi yasendle uyiyise emseleni,
Noma, iyokulandela yini iyolima* esigodini?
11 Uyothembela yini emandleni ayo amakhulu,
Uyivumele ikwenzele umsebenzi onzima?
13 Amaphiko entshe yensikazi abhakuza ngenjabulo,
Kodwa izimpaphe nezinsiba zayo ziyafana yini nezikanogolantethe? +
14 Ngoba ishiya amaqanda ayo emhlabathini
Futhi iwagcina efudumele othulini.
15 Iyakhohlwa ukuthi angase achotshozwe unyawo oluthile
Noma ukuthi isilwane sasendle singase siwanyathele.
16 Ibaphatha kabuhlungu abantwana bayo, njengokungathi akubona abayo; +
Ayisabi ukuthi ingase isebenzele ize.
17 Ngoba uNkulunkulu uyenze yantula* ukuhlakanipha,
Akayinikanga ukuqonda.
18 Kodwa lapho isukuma ibhakuzisa amaphiko ayo,
Iyalihleka ihhashi nomgibeli walo.
19 Nguwe yini onika ihhashi amandla alo? +
Uyayembathisa yini intamo yalo umhlwenga oyimvukumvuku?
20 Ungalenza yini ukuba ligxume njengentethe?
Ukuthimula kwalo ngamandla kuyethusa. +
22 Liyayihleka into esabisayo, alesabi lutho. +
Alibuyeli emuva ngenxa yenkemba.
23 Isikhwama semicibisholo siyakhehlezela njengoba sithinta ihhashi,
Umkhonto nengcula kuyabanika njengoba lihamba.
24 Ligajwe yinjabulo, liyagabavula liye phambili,*
Alikwazi ukuma linganyakazi* lapho kukhala uphondo.
25 Lapho kukhala uphondo, lithi, ‘Nazo-ke!’
Liyihogela lisekude impi,
Lizwe ukumemeza kwezinduna nesiqubulo sempi. +
26 Ingabe ukuqonda kwakho okwenza uheshe undizele phezulu,
Welulele amaphiko awo eningizimu?
27 Noma ingabe ukhozi luyalwa nguwe ukuba lundizele phezulu, +
Lwakhe isidleke salo phezulu, +
28 Ukuba luhlale ubusuku bonke eweni,
Luhlale endaweni yalo eqinile eseweni?
29 Lufuna ukudla lulapho; +
Amehlo alo abona emajukujukwini.
30 Amaphuphu alo amunca igazi;
Nomaphi lapho kunezidumbu khona, lukhona nalo.” +