IsiHlabelelo SeziHlabelelo
8 “Ukube nje ubunjengomfowethu,
Owancela amabele kamama!
Bengiyokuqabula + uma ngikuthola endaweni yomphakathi
Futhi akekho obeyongidelela.
Bengiyokuphuzisa iwayini elimnandi,
Ijusi ehla esiphundu yamahalananda.
3 Isandla sakhe sobunxele besiyoba ngaphansi kwekhanda lami,
Isandla sakhe sokudla singibambe. +
4 Ngiyanifungisa madodakazi aseJerusalema:
Ningazami ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona.” +
5 “Ubani lona wesifazane okhuphuka evela ehlane,
Encike esithandweni sakhe?”
“Ngakuvusa ngaphansi kwesihlahla sama-apula.
Yilapho unyoko aba khona nemihelo ngawe.
Yilapho lowo owakuzala afikelwa khona imihelo.
6 Ngibeke njengophawu enhliziyweni yakho,
Njengophawu engalweni yakho,
Ngoba uthando lunamandla njengokufa, +
Nokuzinikela ngokuphelele akugwemeki njengeThuna.*
Uthando lunjengamalangabi omlilo ovuthayo, ilangabi likaJah. *+
Uma umuntu ebengakhipha wonke umcebo osendlini yakhe ngenxa yothando,
Lowo mcebo* ubuyodelelwa kakhulu.”
8 “Sinodadewethu omncane, +
Akanawo amabele.
Sizomenzelani udadewethu
Ngosuku ayocelwa ngalo?”
9 “Uma eludonga,
Sizokwakha umbhoshongo wesiliva phezu kwakhe,
Kodwa uma eyisicabha,
Sizomvalela ngepulangwe lomsedari.”
10 “Ngiludonga,
Amabele ami anjengemibhoshongo.
Ngakho emehlweni akhe ngibe
Njengowesifazane onokuthula.
11 “USolomoni wayenensimu yamagilebhisi + eBhali-hamoni.
Wayiphathisa abantu abanakekela insimu.
Ngamunye wayeletha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane ngenxa yezithelo zayo.
12 Nginensimu yamagilebhisi ethi mina.
Izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane* ezakho Solomoni,
Ezingamakhulu amabili ezalabo abanakekela izithelo zayo.”
13 “O wena ohlala emasimini, +
Abangani bakho bayalilalela izwi lakho.
Nami ake ngilizwe.” +