Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 16
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UHagari no-Ishmayeli (1-16)

Genesise 16:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 15:2, 3
  • +Gal 4:25

Genesise 16:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 30:1, 3

Genesise 16:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “esifubeni sakho.”

Genesise 16:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 25:17, 18; Eks 15:22

Genesise 16:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “imbewu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 17:20; 25:13-16; 1 IziKr. 1:29-31

Genesise 16:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “UNkulunkulu Uyezwa.”

Genesise 16:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “njenge-onager,” uhlobo lwembongolo yasendle, nakuba abanye becabanga ukuthi yidube. Cishe libhekisela esimweni sengqondo sokuzibusa.

  • *

    Noma kungaba, “iyobazonda bonke abafowabo.”

Genesise 16:13

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “esebiza.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzA 15:3

Genesise 16:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Umthombo Wophilayo Ongibonayo.”

Genesise 16:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 21:9; Gal 4:22, 24

Okunye

Gen. 16:1Gen 15:2, 3
Gen. 16:1Gal 4:25
Gen. 16:2Gen 30:1, 3
Gen. 16:7Gen 25:17, 18; Eks 15:22
Gen. 16:10Gen 17:20; 25:13-16; 1 IziKr. 1:29-31
Gen. 16:13IzA 15:3
Gen. 16:15Gen 21:9; Gal 4:22, 24
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 16:1-16

Genesise

16 Manje umka-Abrama uSarayi, wayengamzalelanga bantwana, + kodwa wayenencekukazi engumGibhithe egama layo linguHagari. + 2 Ngakho uSarayi wathi ku-Abrama: “Ngicela ungilalele! UJehova ungivimbile ukuba ngingabatholi abantwana. Ngiyacela, lala nencekukazi yami. Mhlawumbe ngingathola abantwana ngayo.” + Ngakho u-Abrama wakulalela okwakushiwo uSarayi. 3 Ngemva kweminyaka eyishumi u-Abrama ehlala ezweni laseKhanani, umka-Abrama uSarayi, wathatha incekukazi yakhe engumGibhithe uHagari, wayinika umyeni wakhe u-Abrama njengomkakhe. 4 Ngakho walala noHagari, wakhulelwa. Lapho eqaphela ukuthi ukhulelwe, waqala ukudelela umka-Abrama.

5 Ngenxa yalokho uSarayi wathi ku-Abrama: “Into ebuhlungu engenziwe yona iyiphutha lakho. Yimina engabeka incekukazi yami ezingalweni zakho,* kodwa lapho iqaphela ukuthi ikhulelwe, yaqala ukungidelela. Kwangathi uJehova angahlulela phakathi kwami nawe.” 6 U-Abrama wathi kuSarayi: “Incekukazi yakho ingaphansi kwegunya lakho. Yenza kuyo noma ikuphi okubona kukuhle.” Ngemva kwalokho uSarayi wayihlazisa, yase imbalekela.

7 Kamuva ingelosi kaJehova yayithola emthonjeni wamanzi osehlane, umthombo osendleleni eya eShuri. + 8 Yathi: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi futhi uyaphi?” UHagari wathi: “Ngibalekela indlovukazi yami uSarayi.” 9 Ingelosi kaJehova yabe isithi kuye: “Buyela endlovukazini yakho uzithobe ngaphansi kwesandla sayo.” 10 Ngemva kwalokho ingelosi kaJehova yathi: “Ngizoyandisa kakhulu inzalo* yakho, ibe ningi kakhulu ukuba ingabalwa.” + 11 Ingelosi kaJehova yanezela: “Manje ukhulelwe futhi uzozala indodana. Kumele uyiqambe ngokuthi u-Ishmayeli,* ngoba uJehova ukuzwile ukuhlupheka kwakho. 12 Yona, iyoba njengembongolo yasendle.* Isandla sayo siyomelana nawo wonke umuntu, nesandla sawo wonke umuntu siyomelana nayo, iyohlala eduze kwabo bonke abafowabo.”*

13 UHagari wabe esedumisa* igama likaJehova, owayekhuluma naye, wathi: “UnguNkulunkulu obonayo,” + ngoba wathi: “Ingabe ngempela ngimbonile ongibonayo?” 14 Yingakho lowo mthombo kwathiwa iBheri-lahayi-royi.* (Uphakathi kweKadeshi neBeredi.) 15 UHagari wazalela u-Abrama indodana, u-Abrama waqamba indodana yakhe ayizalelwa uHagari ngokuthi u-Ishmayeli. + 16 U-Abrama wayeneminyaka engu-86 lapho uHagari emzalela u-Ishmayeli.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela