Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 AmaKhosi 16
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

1 AmaKhosi Okuphakathi

      • UJehova wahlulela uBhahasha (1-7)

      • U-Elahi uba inkosi kwa-Israyeli (8-14)

      • UZimri uba inkosi kwa-Israyeli (15-20)

      • U-Omri uba inkosi kwa-Israyeli (21-28)

      • U-Ahabi uba inkosi kwa-Israyeli (29-33)

      • UHiyeli wakha kabusha iJeriko (34)

1 AmaKhosi 16:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 19:2; 20:34
  • +2Kr 16:7

1 AmaKhosi 16:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 2:8
  • +1Kh 13:33

1 AmaKhosi 16:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 14:10, 11; 15:29

1 AmaKhosi 16:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 15:21, 33

1 AmaKhosi 16:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 15:25-29

1 AmaKhosi 16:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 9:31

1 AmaKhosi 16:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “noyedwa ochamela udonga.” Inkulumo yesiHebheru yokwedelela ebhekisela kwabesilisa.

  • *

    Noma, “baphindiseleli begazi.”

1 AmaKhosi 16:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 16:1-3

1 AmaKhosi 16:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 32:21; 1Sa 12:21; 2Kh 17:15; Isay 41:29

1 AmaKhosi 16:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 19:44, 48; 21:20, 23; 1Kh 15:27

1 AmaKhosi 16:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 8:26; Mik 6:16

1 AmaKhosi 16:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “wesigodlo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 9:53, 54; 1Sa 31:4; 2Sa 17:23

1 AmaKhosi 16:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 12:28-30; 14:7, 9

1 AmaKhosi 16:24

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ithalenta lalilingana no-34,2 kg. Bheka iSithasiselo B14.

  • *

    NgesiHebheru, “inkosi.”

  • *

    Incazelo: “Elesizwe SikaShemeri.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 20:1; 2Kh 17:24; Amo 6:1; IzE 8:5

1 AmaKhosi 16:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mik 6:16

1 AmaKhosi 16:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 12:28-30; 13:33

1 AmaKhosi 16:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 16:33; 21:4, 20-22; 2Kh 10:1

1 AmaKhosi 16:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 16:23, 24; Isay 7:9

1 AmaKhosi 16:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 16:25; 21:25; 2Kh 3:1, 2

1 AmaKhosi 16:31

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 12:28-30
  • +1Kh 18:4, 19; 21:7; 2Kh 9:30; IsA 2:20
  • +Gen 10:15
  • +Hlu 2:11; 10:6; 2Kh 10:19; 17:16

1 AmaKhosi 16:32

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ethempelini.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 10:21, 27

1 AmaKhosi 16:33

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 34:13; 2Kh 10:26, 28; 13:6

1 AmaKhosi 16:34

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 6:26

Okunye

1 AmaKh. 16:12Kr 19:2; 20:34
1 AmaKh. 16:12Kr 16:7
1 AmaKh. 16:21Sa 2:8
1 AmaKh. 16:21Kh 13:33
1 AmaKh. 16:31Kh 14:10, 11; 15:29
1 AmaKh. 16:61Kh 15:21, 33
1 AmaKh. 16:71Kh 15:25-29
1 AmaKh. 16:102Kh 9:31
1 AmaKh. 16:121Kh 16:1-3
1 AmaKh. 16:13Dut 32:21; 1Sa 12:21; 2Kh 17:15; Isay 41:29
1 AmaKh. 16:15Jos 19:44, 48; 21:20, 23; 1Kh 15:27
1 AmaKh. 16:162Kh 8:26; Mik 6:16
1 AmaKh. 16:18Hlu 9:53, 54; 1Sa 31:4; 2Sa 17:23
1 AmaKh. 16:191Kh 12:28-30; 14:7, 9
1 AmaKh. 16:241Kh 20:1; 2Kh 17:24; Amo 6:1; IzE 8:5
1 AmaKh. 16:25Mik 6:16
1 AmaKh. 16:261Kh 12:28-30; 13:33
1 AmaKh. 16:281Kh 16:33; 21:4, 20-22; 2Kh 10:1
1 AmaKh. 16:291Kh 16:23, 24; Isay 7:9
1 AmaKh. 16:301Kh 16:25; 21:25; 2Kh 3:1, 2
1 AmaKh. 16:311Kh 12:28-30
1 AmaKh. 16:311Kh 18:4, 19; 21:7; 2Kh 9:30; IsA 2:20
1 AmaKh. 16:31Gen 10:15
1 AmaKh. 16:31Hlu 2:11; 10:6; 2Kh 10:19; 17:16
1 AmaKh. 16:322Kh 10:21, 27
1 AmaKh. 16:33Eks 34:13; 2Kh 10:26, 28; 13:6
1 AmaKh. 16:34Jos 6:26
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
1 AmaKhosi 16:1-34

Eyokuqala YaMakhosi

16 Izwi likaJehova lokwahlulela uBhahasha lafika kuJehu + indodana kaHanana, + lathi: 2 “Ngakuvusa othulini ngakwenza umholi phezu kwabantu bami u-Israyeli, + kodwa wena wahamba ngendlela kaJerobowamu wabangela abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangicasula ngezono zabo. + 3 Ngakho ngizombhuqa uBhahasha nendlu yakhe, ngizokwenza indlu yakhe ibe njengendlu kaJerobowamu + indodana kaNebhati. 4 Noma ubani ongokaBhahasha ofela edolobheni uyodliwa yizinja; noma ubani ongowakhe ofela endle uyodliwa yizinyoni zezulu.”

5 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaBhahasha, lokho akwenza namandla akhe, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 6 Ekugcineni uBhahasha walala nokhokho bakhe wangcwatshwa eTiriza; + u-Elahi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 7 Ngomprofethi uJehu indodana kaHanana, izwi likaJehova lafika ngokumelene noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi abenza emehlweni kaJehova ngokumcasula ngomsebenzi wezandla zakhe, enza njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuthi wabulala uNadabi. +

8 Ngonyaka ka-26 wokubusa kuka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Elahi indodana kaBhahasha waba yinkosi phezu kuka-Israyeli eTiriza, wabusa iminyaka emibili. 9 Inceku yakhe uZimri induna yengxenye yebutho labahamba ngezinqola, yamakhela uzungu ngesikhathi eseTiriza ephuze waze wadakwa endlini ka-Ariza, owayengamele indlu yakhe eTiriza. 10 UZimri wangena wamshaya + wambulala ngonyaka ka-27 ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 11 Lapho eba yinkosi, ngokushesha nje lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBhahasha. Akazange ashiye noyedwa kwabesilisa,* akashiyanga zihlobo* noma abangani bakhe. 12 Ngakho uZimri wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha, ngokwezwi likaJehova ayelikhulumile ngokumelene noBhahasha ngoJehu umprofethi. + 13 Lokhu kwakungenxa yazo zonke izono uBhahasha nendodana yakhe u-Elahi abazenza nezono ababangela u-Israyeli ukuba azenze ngokucasula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithixo zabo eziyize. + 14 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Elahi, konke akwenza, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli.

15 Ngonyaka ka-27 ka-Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTiriza ngesikhathi amabutho ekanise ngokumelene neGibhethoni, + elalingelamaFilisti. 16 Ngemva kwesikhathi, amabutho ayekanisile ezwa kuthiwa uZimri wakhe uzungu wabulala inkosi. Ngakho wonke u-Israyeli wabeka u-Omri, + induna yebutho, ukuba abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu. 17 U-Omri ekanye nawo wonke u-Israyeli bakhuphuka besuka eGibhethoni bavimbezela iTiriza. 18 Lapho uZimri ebona ukuthi idolobha linqotshiwe, wangena embhoshongweni oqinile wendlu* yenkosi wathungela indlu ngomlilo engaphakathi kuyo, wafa. + 19 Lokhu kwakungenxa yezono zakhe ayezenzile ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nangesono ayebangele u-Israyeli ukuba asenze. + 20 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaZimri nozungu alwakha, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli.

21 Kungaleso sikhathi lapho abantu bakwa-Israyeli bahlukana khona baba amaqembu amabili. Elinye iqembu lalandela uThibini indodana kaGinati, lifuna ukumenza inkosi, kanti elinye lalandela u-Omri. 22 Kodwa abantu ababelandela u-Omri babanqoba abantu ababelandela uThibini indodana kaGinati. Ngakho uThibini wafa, u-Omri waba yinkosi.

23 Ngonyaka ka-31 ka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka engu-12. ETiriza wabusa iminyaka eyisithupha. 24 Wathenga intaba yaseSamariya kuShemeri ngamathalenta* amabili esiliva, wakha idolobha kuleyo ntaba. Waqamba lelo dolobha ayelakhile ngegama likaShemeri umnikazi* waleyo ntaba, wathi iSamariya. *+ 25 U-Omri wayelokhu enza okubi emehlweni kaJehova, wenza okubi kakhulu kunabo bonke ababengaphambi kwakhe. + 26 Wahamba ngazo zonke izindlela zikaJerobowamu indodana kaNebhati nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli ngokucasula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithixo zakhe eziyize. + 27 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Omri, lokho akwenza namandla akhe, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 28 Ekugcineni u-Omri walala nokhokho bakhe wangcwatshwa eSamariya; u-Ahabi indodana yakhe + waba yinkosi esikhundleni sakhe.

29 U-Ahabi indodana ka-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka ka-38 ka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Ahabi indodana ka-Omri wabusa phezu kuka-Israyeli eSamariya + iminyaka engu-22. 30 U-Ahabi indodana ka-Omri wenza okubi kakhulu emehlweni kaJehova kunabo bonke ababengaphambi kwakhe. + 31 Njengokungathi kwakuyinto encane ukuba ahambe ezonweni zikaJerobowamu + indodana kaNebhati, wabuye wathatha uJezebeli + indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni + ukuba abe ngumkakhe, waqala ukukhonza uBhali + nokumkhothamela. 32 Ngaphezu kwalokho, wamisela uBhali i-altare endlini* kaBhali + ayakha eSamariya. 33 U-Ahabi wenza nesigxobo esingcwele. *+ U-Ahabi wenza okuningi ukuze acasule uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukwedlula wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe.

34 Ezinsukwini zakhe, uHiyeli waseBhethele wakha kabusha iJeriko. Wabeka isisekelo salo wafelwa u-Abhiramu izibulo lakhe, wafaka iminyango yalo wafelwa uSegubi uthunjana wakhe, ngokwezwi uJehova alikhuluma esebenzisa uJoshuwa indodana kaNuni. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela