uJobe
4 U-Elifazi + umThemani waphendula wathi:
2 “Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe, ingabe wena uzophelelwa isineke?
Ngoba ubani ongazibamba angakhulumi?
3 Yiqiniso, usulungise abaningi,
Futhi wawuvame ukuqinisa izandla ezibuthakathaka.
4 Amazwi akho ayevusa noma ubani okhubekayo,
Futhi wawuqinisa namadolo alabo abase bephelelwa amandla.
5 Kodwa manje sekwenzeke kuwe, awusazi ukuthi wenzeni;*
Kuthinta wena uqobo, manje usukhathazekile.
6 Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu akukuniki yini ithemba?
Ubuqotho bakho + abukuniki yini ithemba?
7 Siza ukhumbule: Yimuphi umuntu omsulwa owake washabalala?
Kunini lapho oqotho ake abhujiswa khona?
8 Engikubonile ukuthi labo abahlwanyela* okulimazayo
Nalabo abahlwanyela izinkathazo bayovuna kona futhi.
9 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu bayashabalala,
Nangokuvutha kwentukuthelo yakhe bayaphela.
10 Ibhubesi liyabhonga, nebhubesi eliselincane liyagwavuma,
Kodwa ngisho namazinyo amabhubesi anamandla* aphukile.
11 Ibhubesi liyashabalala ngokungabi bikho kwenyamazane,
Namawundlu ebhubesi ahlakazekile.
12 Manje izwi lalethwa kimi ngasese,
Ukunyenyezwa* kwalo kwafika endlebeni yami.
13 Emicabangweni engincisha ubuthongo engifikela emibonweni yasebusuku,
Lapho abantu behlelwa ubuthongo obukhulu,
14 Ngafikelwa ukuthuthumela okukhulu,
Kwagcwalisa wonke amathambo ami ngengebhe.*
15 Kwadlula umoya ebusweni bami;
Kwasiphuzela uboya.
16 Wama wanganyakaza,
Kodwa angizange ngibone ukuthi wawubukeka kanjani.
Kwakunesithunzi phambi kwamehlo ami;
Kwathuleka, ngabe sengizwa izwi:
17 ‘Umuntu ofayo angaba yini olunge ngaphezu kukaNkulunkulu?
Indoda ingaba yini ehlanzeke ngaphezu koMenzi wayo?’
18 Lalela! Akazethembi izinceku zakhe,
Nasezingelosini* zakhe ubona amaphutha.
19 Kangakanani-ke ngalabo abahlala ezindlini zobumba,
Abasisekelo sabo sisothulini, +
Abachobozeka kalula njengenundu!*
20 Bachotshozwa babe izicucu kusukela ekuseni kuze kuhlwe;
Bashabalala unomphela futhi akekho nobonayo.
21 Abafani yini netende elikhishwe intambo yalo?
Bafa bengahlakaniphile.