Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 IziKronike 23
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 IziKronike Okuphakathi

      • UJehoyada uyangenela; uJehowashi uba inkosi (1-11)

      • U-Athaliya uyabulawa (12-15)

      • Izinguquko ezenziwa uJehoyada (16-21)

2 IziKronike 23:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 11:4

2 IziKronike 23:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 8:14

2 IziKronike 23:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 5:3
  • +2Sa 7:8, 12; 1Kh 2:4; 9:5; IHu 89:20, 29

2 IziKronike 23:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +1 IziKr. 24:3
  • +2Kh 11:5-8; 1 IziKr. 9:22-25; 26:1

2 IziKronike 23:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “sesigodlweni.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 7:1
  • +1Kh 7:12

2 IziKronike 23:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +1 IziKr. 23:28, 32

2 IziKronike 23:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 11:9-12
  • +1 IziKr. 24:1; 26:1

2 IziKronike 23:9

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ihawu elincane elivame ukuphathwa abacibi.

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 11:4
  • +2Sa 8:7
  • +1 IziKr. 26:26, 27; 2Kr 5:1

2 IziKronike 23:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umcibisholo.”

2 IziKronike 23:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Kungenzeka umqulu oqukethe uMthetho kaNkulunkulu.

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 11:2
  • +Dut 17:18
  • +1Sa 10:1, 24

2 IziKronike 23:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 11:13-16

2 IziKronike 23:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 23:1
  • +1Kh 1:39, 40

2 IziKronike 23:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “lesigodlo.”

2 IziKronike 23:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 11:17, 18; 2Kr 34:1, 31

2 IziKronike 23:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ethempelini.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 10:27, 28
  • +Dut 12:3; 2Kr 34:1, 4
  • +Dut 13:5; 1Kh 18:40

2 IziKronike 23:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +1 IziKr. 23:6, 30, 31
  • +Eks 29:38; Num 28:2

2 IziKronike 23:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +1 IziKr. 9:26; 26:1, 13

2 IziKronike 23:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “esigodlweni.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 11:9
  • +1Kh 7:7
  • +2Kh 11:19, 20

Okunye

2 IziKr. 23:12Kh 11:4
2 IziKr. 23:22Kr 8:14
2 IziKr. 23:32Sa 5:3
2 IziKr. 23:32Sa 7:8, 12; 1Kh 2:4; 9:5; IHu 89:20, 29
2 IziKr. 23:41 IziKr. 24:3
2 IziKr. 23:42Kh 11:5-8; 1 IziKr. 9:22-25; 26:1
2 IziKr. 23:51Kh 7:1
2 IziKr. 23:51Kh 7:12
2 IziKr. 23:61 IziKr. 23:28, 32
2 IziKr. 23:82Kh 11:9-12
2 IziKr. 23:81 IziKr. 24:1; 26:1
2 IziKr. 23:92Kh 11:4
2 IziKr. 23:92Sa 8:7
2 IziKr. 23:91 IziKr. 26:26, 27; 2Kr 5:1
2 IziKr. 23:112Kh 11:2
2 IziKr. 23:11Dut 17:18
2 IziKr. 23:111Sa 10:1, 24
2 IziKr. 23:122Kh 11:13-16
2 IziKr. 23:132Kr 23:1
2 IziKr. 23:131Kh 1:39, 40
2 IziKr. 23:162Kh 11:17, 18; 2Kr 34:1, 31
2 IziKr. 23:172Kh 10:27, 28
2 IziKr. 23:17Dut 12:3; 2Kr 34:1, 4
2 IziKr. 23:17Dut 13:5; 1Kh 18:40
2 IziKr. 23:181 IziKr. 23:6, 30, 31
2 IziKr. 23:18Eks 29:38; Num 28:2
2 IziKr. 23:191 IziKr. 9:26; 26:1, 13
2 IziKr. 23:202Kh 11:9
2 IziKr. 23:201Kh 7:7
2 IziKr. 23:202Kh 11:19, 20
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 IziKronike 23:1-21

Eyesibili YeziKronike

23 Ngonyaka wesikhombisa uJehoyada wabonisa isibindi wenza isivumelwano nezinduna zamakhulu, + okungukuthi, u-Azariya indodana kaJerohamu, u-Ishmayeli indodana kaJehohanani, u-Azariya indodana ka-Obede, uMahaseya indodana ka-Adaya no-Elishafathi indodana kaZikiri. 2 Ngemva kwalokho balizungeza lonke elakwaJuda, baqoqa amaLevi + akuwo wonke amadolobha akwaJuda nezinhloko zemindeni yoyise yakwa-Israyeli. Lapho befika eJerusalema, 3 lonke ibandla lenza isivumelwano + nenkosi endlini kaNkulunkulu weqiniso, okwathi ngemva kwalokho wathi kubo:

“Bhekani! Indodana yenkosi izobusa, njengoba nje uJehova athembisa ngokuphathelene namadodana kaDavide. + 4 Nakhu okumele nikwenze: Kumele nihlukanise abapristi namaLevi abeza + ngeSabatha babe amaqembu amathathu. Iqembu elilodwa lizoba abalindimnyango; + 5 elinye lizoba sendlini yenkosi, *+ elinye libe seSangweni Lesisekelo, bonke abantu bazoba semagcekeni endlu kaJehova. + 6 Ningavumeli muntu angene endlini kaJehova ngaphandle kwabapristi namaLevi akhonzayo. + Laba bangangena ngoba bayiqembu elingcwele futhi bonke abantu bazogcina isibopho kuJehova. 7 AmaLevi kumele ahaqe inkosi nxazonke, ngamunye ephethe izikhali zakhe. Noma ubani ongena endlini uyobulawa. Ningahlukani nenkosi nomaphi lapho iya khona.”

8 AmaLevi nawo wonke uJuda benza njengoba nje uJehoyada umpristi ayeyalile. Ngakho ngamunye wathatha amadoda angaphansi kwakhe ayesebenza ngeSabatha kanye nalawo ayengasebenzi ngeSabatha, + ngoba uJehoyada umpristi wayengazange azikhulule lezi zigaba + emsebenzini wazo. 9 UJehoyada umpristi wanika izinduna zamakhulu + imikhonto namahawu* kanye namahawu ayindilinga okwakungokweNkosi uDavide, + okwakusendlini kaNkulunkulu weqiniso. + 10 Ngemva kwalokho wamisa bonke abantu, ngamunye ephethe isikhali* sakhe, kusukela ngasohlangothini lwesokudla lwendlu kuze kufike ohlangothini lwesobunxele lwendlu, ngase-altare nangasendlini, nxazonke zenkosi. 11 Bakhiphela ngaphandle indodana yenkosi, + bayithwesa umqhele nobuFakazi *+ bayibeka yaba inkosi, uJehoyada namadodana akhe bayigcoba. Bathi: “Mana njalo nkosi!” +

12 Lapho u-Athaliya ezwa umsindo wabantu begijima bedumisa inkosi, waphuthuma waya kubantu endlini kaJehova. + 13 Wabona inkosi imi ngasensikeni yayo ngasekungeneni. Izikhulu + nabashaya amacilongo babekanye nenkosi, nabo bonke abantu bezwe babejabule + beshaya amacilongo, abahlabelela ngezinsimbi zomculo babehola ekuculeni izindumiso. Lapho ebona lokhu, u-Athaliya waklebhula izingubo zakhe wamemeza wathi: “Uzungu! Uzungu!” 14 Kodwa uJehoyada umpristi wakhipha izinduna zamakhulu, ezaziphethe ibutho lempi, wathi kuzo: “Mkhipheni phakathi kwebutho, uma kukhona omlandelayo, mbulaleni ngenkemba!” Ngoba umpristi wayethe: “Ningambulaleli endlini kaJehova u-Athaliya.” 15 Ngakho bambamba, kwathi lapho efika ekungeneni kweSango Lamahhashi lendlu yenkosi,* bambulalela lapho ngaso leso sikhathi.

16 Ngakho uJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabo bonke abantu nenkosi sokuthi babeyoqhubeka bengabantu bakaJehova. + 17 Ngemva kwalokho bonke abantu baya endlini* kaBhali bayidiliza, + baphihliza ama-altare akhe nemifanekiso yakhe, + babulala noMathani umpristi kaBhali + phambi kwama-altare. 18 UJehoyada wabe esenza ukuba indlu kaJehova yenganyelwe abapristi namaLevi, uDavide ayebabeke ngezigaba phezu kwendlu kaJehova ukuba banikele imihlatshelo kaJehova eshiswayo + ngokuvumelana nalokho okulotshwe eMthethweni KaMose, + ngokujabula nangengoma njengoba uDavide ayeyalile. 19 Wamisa nabalindisango + ngasemasangweni endlu kaJehova ukuze kungangeni muntu ongcole nganoma iyiphi indlela. 20 Wathatha izinduna zamakhulu, + izicukuthwane, ababusi babantu nabo bonke abantu bezwe wahamba nenkosi behla besuka endlini kaJehova. Bangena ngesango elingenhla baya endlini yenkosi,* bahlalisa inkosi esihlalweni sobukhosi + sombuso. + 21 Ngakho bonke abantu bezwe bajabula, idolobha laba nokuthula ngoba u-Athaliya babembulale ngenkemba.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela