Eyesibili YeziKronike
22 Ngemva kwalokho, abakhe eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana kaJehoramu encane kunawo wonke ukuba abe inkosi esikhundleni sakhe, ngoba iviyo labaphangi eleza nama-Arabhu ekamu laliwabulele wonke amadodana akhe amadala. + Ngakho u-Ahaziya indodana kaJehoramu waqala ukubusa kwaJuda. + 2 U-Ahaziya wayeneminyaka engu-22 lapho eba inkosi, wabusa unyaka owodwa eJerusalema. Igama likanina kwakungu-Athaliya + umzukulu* ka-Omri. +
3 Naye wahamba ezindleleni zendlu ka-Ahabi, + ngoba unina waba umeluleki wakhe ekwenzeni ngokukhohlakala. 4 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, njengoba kwakwenza indlu ka-Ahabi, ngoba yaba umeluleki wakhe ngemva kokufa kukayise, kwaba ukuchithwa kwakhe. 5 Wahamba ngeseluleko sayo, wahamba noJehoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli eyokulwa noHazayeli + inkosi yaseSiriya eRamoti-gileyadi, + lapho abacibisheli balimaza khona uJehoramu. 6 Wabuyela eJizreyeli + ukuze kuphole amanxeba ayewathole eRama ngesikhathi elwa noHazayeli inkosi yaseSiriya. +
U-Ahaziya* indodana kaJehoramu + inkosi yakwaJuda wehla waya eJizreyeli eyobona uJehoramu + indodana ka-Ahabi, ngoba wayelimele. *+ 7 Kodwa uNkulunkulu wabangela ukuba u-Ahaziya awe ngokuza kwakhe kuJehoramu; lapho efika waphuma noJehoramu bayohlangana noJehu + umzukulu* kaNimshi, uJehova ayemgcobe ukuba aqothule* indlu ka-Ahabi. + 8 Lapho uJehu eqala ukukhipha isahlulelo endlini ka-Ahabi, wathola izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya, izikhonzi zika-Ahaziya, wababulala. + 9 Wabe esefuna u-Ahaziya; bambamba lapho ayecashe khona eSamariya, bamletha kuJehu. Bambulala bamngcwaba, + ngoba bathi: “Ungumzukulu kaJehoshafati, owafuna uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe.” + Kwakungekho muntu wendlu ka-Ahaziya owayenamandla okubusa.
10 Lapho u-Athaliya + unina ka-Ahaziya ebona ukuthi indodana yakhe ifile, wabulala yonke inzalo yasebukhosini* yendlu yakwaJuda. + 11 Nokho, uJehoshabeyati indodakazi yenkosi wathatha uJehowashi + indodana ka-Ahaziya wameba emadodaneni enkosi ayezobulawa, wamfaka ekamelweni lokulala elingaphakathi yena nomzanyana* wakhe. UJehoshabeyati indodakazi yeNkosi uJehoramu + (wayengumkaJehoyada + umpristi futhi engudadewabo ka-Ahaziya) wakwazi ukumcashisa ukuze u-Athaliya angambulali. + 12 Wahlala nabo iminyaka eyisithupha ecashiswe endlini kaNkulunkulu weqiniso ngesikhathi u-Athaliya ebusa izwe.