AmaHubo
Kumqondisi; ngenothi elithi “Iminduze.” ElikaDavide.
69 O Nkulunkulu ngisindise, ngoba amanzi asongela ukuphila kwami. +
2 Ngishone phansi odakeni olubishayo, lapho kungenandawo yokuma. +
Ngingene emanzini ajulile,
Umfudlana onesikhukhula ungikhukhulile. +
3 Ngikhathele ukumemeza; +
Umphimbo wami ushile.
Amehlo ami akhathele ngilokhu ngilinde uNkulunkulu wami. +
4 Labo abangizonda ngaphandle kwesizathu +
Baningi kunezinwele zekhanda lami.
Labo abangangibulala,
Izitha zami ezingathembekile* seziziningi.
Ngaphoqwa ukuba ngibuyise engangingakwebanga.
5 O Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,
Icala lami alifihlekile kuwe.
6 Kwangathi labo abathemba wena bangehlazeke ngenxa yami,
O Nkosi EnguMbusi, Jehova wamabutho.
Kwangathi labo abakufunayo bangephoxeke ngenxa yami,
Nkulunkulu ka-Israyeli.
8 Sengifana nesifiki kubafowethu,
Emadodaneni kamama ngingowesinye isizwe. +
9 Uthando lwami ngendlu yakho lunjengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi, +
Nesihlamba sabakuhlambalazayo sehlele phezu kwami. +
10 Lapho ngizithoba ngokuzila ukudla,*
Ngahlanjalazwa.
11 Lapho ngigqoka indwangu yesaka,
Ngaba yinhlekisa* kubo.
12 Abahlezi esangweni ledolobha bakhuluma ngami,
Nezidakwa zihlabelela ngami.
13 Kodwa kwangathi umthandazo wami ungafika kuwe,
O Jehova, ngesikhathi esamukelekayo kuwe. +
Ngokuchichima kothando lwakho oluqotho, O Nkulunkulu,
Ngiphendule ngezenzo zakho zensindiso. +
14 Ngikhiphe odakeni;
Ungangivumeli ngibishe.
Ngikhulule kulabo abangizondayo
Nasemanzini ajulile. +
15 Ungazivumeli izikhukhula zingikhukhule, +
Ungangivumeli ukuba ngiminze emanzini ajulile,
16 Ngiphendule, Jehova, ngoba uthando lwakho oluqotho lujulile. +
Ngiphendule ngokushesha ngoba ngicindezelekile. +
18 Sondela eduze kwami, ungikhulule;
Ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19 Wena uyakwazi ukuthukwa kwami nehlazo lami nokululazeka kwami. +
Uzibona zonke izitha zami.
20 Ukuthukwa kwephule inhliziyo yami, leli nxeba alelapheki.*
Benginethemba lokuboniswa uzwela, kodwa akwenzekanga, +
Benginethemba lokuthi kuzoba khona abaduduzi, kodwa angitholanga noyedwa. +
22 Itafula labo malibe yisicupho kubo,
Nempumelelo yabo ibe ugibe. +
23 Amehlo abo mawabe mnyama ukuze bangaboni,
Yenza imilenze yabo* iqhaqhazele njalo.
26 Ngoba bayamjaha lowo omshayile,
Balokhu bekhuluma ngezinhlungu zalabo obagwazile.
27 Mabajeziswe ngenxa yecala labo,
Ungababheki njengabalungile.
28 Amagama abo mawasulwe encwadini yabaphilayo, *+
Kwangathi amagama abo angebhalwe kanye nawabalungile. +
29 Kodwa mina ngihluphekile futhi ngisezinhlungwini. +
O Nkulunkulu, kwangathi ungangisindisa ungivikele.
30 Ngizodumisa igama likaNkulunkulu,
Ngizomphakamisa ngokubonga.
31 Lokhu kuyomjabulisa kakhulu uJehova kunenkunzi,
Kunenkunzi esencane enezimpondo nezinselo. +
32 Abamnene bayokubona lokhu bajabule.
Nina enifuna uNkulunkulu, izinhliziyo zenu maziphile.
34 Izulu nomhlaba makumdumise, +
Izilwandle nakho konke okuhamba kuzo.