Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 24
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • U-Isaka ufunelwa umfazi (1-58)

      • URebheka uyohlangana no-Isaka (59-67)

Genesise 24:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 13:2

Genesise 24:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 15:2, 3

Genesise 24:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:1; Dut 7:1, 3; 2Ko 6:14

Genesise 24:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 22:20-23

Genesise 24:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 11:27, 28; 15:7

Genesise 24:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Heb 11:15

Genesise 24:7

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “imbewu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 12:1; Heb 11:8
  • +Mik 7:20; Luk 1:72, 73; Heb 6:13, 14
  • +Gen 13:14, 15; 26:3, 4; Dut 34:4; IzE 7:4, 5
  • +Heb 11:18
  • +Heb 1:7, 14
  • +Gen 12:5

Genesise 24:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:2, 3

Genesise 24:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 22:23
  • +Gen 11:29
  • +Gen 11:26

Genesise 24:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Lesi yisitsha esikhulu esisetshenziselwa ukufaka ukudla namanzi ezilwane.

Genesise 24:22

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.

  • *

    Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.

Genesise 24:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 22:23
  • +Gen 11:29

Genesise 24:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 25:20; 29:10

Genesise 24:32

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Kungenzeka kubhekiselwa kuLabani.

Genesise 24:34

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 15:2, 3

Genesise 24:35

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 12:15, 16; 13:2; 24:1

Genesise 24:36

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 21:1, 2; Rom 4:19; Heb 11:11
  • +Gen 25:5

Genesise 24:37

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:2, 3; 28:1

Genesise 24:38

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 22:20-23
  • +Gen 24:4

Genesise 24:39

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:5

Genesise 24:40

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 48:15
  • +Heb 1:7, 14
  • +Gen 11:25

Genesise 24:41

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:9

Genesise 24:43

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:16

Genesise 24:44

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:14

Genesise 24:45

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:15, 17

Genesise 24:46

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:18

Genesise 24:47

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:22, 23

Genesise 24:48

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:27

Genesise 24:49

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ngiphendukele kwesokudla noma kwesobunxele.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 24:8

Genesise 24:50

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Asikwazi ukukhuluma okubi noma okuhle kuwe.”

Genesise 24:59

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Okuwukuthi, umzanyana wakhe manje owayeseyisikhonzi.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 28:5
  • +Gen 35:8

Genesise 24:60

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ungaba unina wezinkulungwane ezingenakubalwa.”

  • *

    NgesiHebheru, “imbewu.”

  • *

    NgesiHebheru, “lesango.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 22:15, 17

Genesise 24:62

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 16:14; 25:11
  • +Gen 12:9; 20:1; Num 13:22; Hlu 1:9

Genesise 24:63

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 77:12; 143:5

Genesise 24:67

Izikhombo Zezincwadi

  • +Heb 11:9
  • +Gen 26:8
  • +Gen 23:2, 19

Okunye

Gen. 24:1Gen 13:2
Gen. 24:2Gen 15:2, 3
Gen. 24:3Gen 28:1; Dut 7:1, 3; 2Ko 6:14
Gen. 24:4Gen 22:20-23
Gen. 24:5Gen 11:27, 28; 15:7
Gen. 24:6Heb 11:15
Gen. 24:7Gen 12:1; Heb 11:8
Gen. 24:7Mik 7:20; Luk 1:72, 73; Heb 6:13, 14
Gen. 24:7Gen 13:14, 15; 26:3, 4; Dut 34:4; IzE 7:4, 5
Gen. 24:7Heb 11:18
Gen. 24:7Heb 1:7, 14
Gen. 24:7Gen 12:5
Gen. 24:9Gen 24:2, 3
Gen. 24:15Gen 22:23
Gen. 24:15Gen 11:29
Gen. 24:15Gen 11:26
Gen. 24:24Gen 22:23
Gen. 24:24Gen 11:29
Gen. 24:29Gen 25:20; 29:10
Gen. 24:34Gen 15:2, 3
Gen. 24:35Gen 12:15, 16; 13:2; 24:1
Gen. 24:36Gen 21:1, 2; Rom 4:19; Heb 11:11
Gen. 24:36Gen 25:5
Gen. 24:37Gen 24:2, 3; 28:1
Gen. 24:38Gen 22:20-23
Gen. 24:38Gen 24:4
Gen. 24:39Gen 24:5
Gen. 24:40Gen 48:15
Gen. 24:40Heb 1:7, 14
Gen. 24:40Gen 11:25
Gen. 24:41Gen 24:9
Gen. 24:43Gen 24:16
Gen. 24:44Gen 24:14
Gen. 24:45Gen 24:15, 17
Gen. 24:46Gen 24:18
Gen. 24:47Gen 24:22, 23
Gen. 24:48Gen 24:27
Gen. 24:49Gen 24:8
Gen. 24:59Gen 28:5
Gen. 24:59Gen 35:8
Gen. 24:60Gen 22:15, 17
Gen. 24:62Gen 16:14; 25:11
Gen. 24:62Gen 12:9; 20:1; Num 13:22; Hlu 1:9
Gen. 24:63IHu 77:12; 143:5
Gen. 24:67Heb 11:9
Gen. 24:67Gen 26:8
Gen. 24:67Gen 23:2, 19
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
  • 39
  • 40
  • 41
  • 42
  • 43
  • 44
  • 45
  • 46
  • 47
  • 48
  • 49
  • 50
  • 51
  • 52
  • 53
  • 54
  • 55
  • 56
  • 57
  • 58
  • 59
  • 60
  • 61
  • 62
  • 63
  • 64
  • 65
  • 66
  • 67
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 24:1-67

Genesise

24 Manje u-Abrahama wayesemdala, iminyaka isihambile, futhi uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke. + 2 U-Abrahama wathi encekwini yakhe endala kunazo zonke emndenini wakhe, eyayiphethe konke ayenakho: + “Ngicela ubeke isandla sakho ngaphansi kwethanga lami, 3 ngizokwenza ufunge uJehova, uNkulunkulu wamazulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, engihlala phakathi kwawo. + 4 Esikhundleni salokho kumele uye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami + uyithathele khona indodana yami u-Isaka umfazi.”

5 Inceku yathi kuye: “Kuthiwani uma lowo wesifazane engathandi ukuza nami kuleli zwe? Ingabe-ke kumele ngibuyisele indodana yakho ezweni owaphuma kulo?” + 6 U-Abrahama wathi kuyo: “Qiniseka ukuthi awuyisi indodana yami lapho. + 7 UJehova uNkulunkulu wamazulu, owangithatha endlini kababa nasezweni lezihlobo zami, + owakhuluma nami wafunga kimi, + wathi: ‘Leli zwe + ngiyolinika inzalo* + yakho,’ uzothumela ingelosi yakhe phambi kwakho, + nakanjani uyoyithathela kulo indodana yami umfazi. + 8 Kodwa uma lowo wesifazane engathandi ukuza nawe, uyobe ukhululekile kulesi sifungo. Kodwa ungayisi indodana yami lapho.” 9 Ngemva kwalokho inceku yabeka isandla sayo ngaphansi kwethanga lika-Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngokuphathelene nale ndaba. +

10 Ngakho inceku yathatha amakamela ayishumi enkosi yayo yabe isihamba, yathatha nazo zonke izinhlobo zezinto ezinhle zenkosi yayo. Yabe isisuka yaya eMesophothamiya edolobheni likaNahori. 11 Yaguqisa amakamela emthonjeni wamanzi ngaphandle kwedolobha. Kwakukusihlwa, ngesikhathi abesifazane ababephuma ngaso bayokha amanzi. 12 Ngemva kwalokho yathi: “Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngicela ungenze ngiphumelele namhlanje, uyibonise uthando oluqotho inkosi yami u-Abrahama. 13 Bheka ngimi emthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bedolobha ayaphuma azokha amanzi. 14 Intombi engizothi kuyo, ‘Ngicela wehlise isitsha sakho samanzi ngiphuze,’ yona iphendule ithi, ‘Phuza, ngizophuzisa namakamela akho,’ kwangathi kungaba yiyo oyikhethela inceku yakho u-Isaka; ungibonise ngalokho ukuthi uyibonise uthando oluqotho inkosi yami.”

15 Kwathi ingakaqedi nokukhuluma, kwaphuma uRebheka, owayeyindodakazi kaBhetuweli + indodana kaMilka + umkaNahori, + umfowabo ka-Abrahama, etshethe isitsha samanzi. 16 Le ntombi yayiyinhle kakhulu, iyintombi nto; yayingakaze ilale nendoda. Yehlela emthonjeni, yagcwalisa amanzi esitsheni sayo, yayisikhuphuka. 17 Ngaso leso sikhathi, inceku yagijima yayihlangabeza, yathi: “Ngicela ungiphuzise kancane amanzi esitsheni sakho.” 18 Intombi yathi: “Phuza nkosi yami.” Ngokushesha yehlisela isitsha esandleni sayo, yayiphuzisa. 19 Lapho isiqedile ukuyiphuzisa, yathi: “Ngizokhelela namakamela akho amanzi aze aqede ukuphuza.” 20 Ngokushesha yathululela isitsha sayo samanzi emkhombeni* wokuphuzela yagijima iphindelela iya emthonjeni iyokha amanzi, yawakhelela wonke amakamela ayo. 21 Sonke leso sikhathi lo muntu wayeyigqolozele emangele, ethule ezibuza ukuthi uJehova wayeluphumelelisile yini uhambo lwakhe noma cha.

22 Lapho amakamela eseqedile ukuphuza, lo muntu wakhiphela le ntombi indandatho yegolide yasekhaleni enesisindo esiwuhhafu weshekeli* namabhengela egolide amabili, anesisindo esingamashekeli* ayishumi, 23 wathi: “Ngicela ungitshele, uyindodakazi kabani? Ingabe ikhona indawo esingalala kuyo endlini kayihlo?” 24 Yaphendula yathi kuye: “Ngiyindodakazi kaBhetuweli + indodana kaMilka, ayizalela uNahori.” + 25 Yenezela: “Sinabo utshani nefolishi eliningi kanye nendawo yokulala.” 26 Ngemva kwalokho lo muntu waguqa wayesekhothama phambi kukaJehova 27 wathi: “Kwangathi uJehova angadunyiswa, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngoba akalulahlanga uthando lwakhe oluqotho nokwethembeka kwakhe enkosini yami. UJehova ungiholele endlini yabafowabo benkosi yami.”

28 Le ntombi yagijima yayotshela umndeni kanina ngalezi zinto. 29 URebheka wayenomfowabo ogama lakhe linguLabani. Ngakho uLabani + wagijima waya kule ndoda eyayingaphandle emthonjeni. 30 Lapho ebona indandatho yasekhaleni namabhengela ezandleni zikadadewabo, ezwa namazwi kadadewabo uRebheka, ethi: “Le ndoda ikhulume ngale ndlela nami,” wahamba wayohlangabeza le ndoda, eyayisame eduze kwamakamela emthonjeni. 31 Ngaso leso sikhathi wathi: “Woza, wena obusiswe uJehova. Kungani ulokhu umi lapha ngaphandle? Sengiyilungisile indlu nendawo yamakamela.” 32 Ngemva kwalokho le ndoda yeza yangena endlini, wakhumula* amakamela isihlalo namatomu wawanika utshani nefolishi, wayinika namanzi ukuba igeze izinyawo zayo nezinyawo zabantu ababenayo. 33 Nokho, lapho kubekwa ukudla phambi kwayo, yathi: “Ngeke ngidle ngingakakutsheli okufanele ngikutshele kona.” Ngakho uLabani wathi: “Khuluma!”

34 Yabe isithi: “Ngiyinceku ka-Abrahama. + 35 UJehova uyibusise kakhulu inkosi yami, uyenze yaceba kakhulu ngokuyinika izimvu nezinkomo, isiliva negolide, izinceku nezincekukazi namakamela nezimbongolo. + 36 Ngaphezu kwalokho, uSara umkankosi yami wazalela inkosi yami indodana esegugile, + futhi inkosi yami izoyinika konke enakho. + 37 Inkosi yami yangifungisa, yathi: ‘Ungayithatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, engihlala ezweni lawo. + 38 Cha, kodwa uzoya endlini kababa nasemndenini wakithi, + uyithathele khona indodana yami umfazi.’ + 39 Kodwa ngathi enkosini yami: ‘Kuthiwani uma lowo wesifazane engathandi ukuza nami?’ + 40 Yathi kimi: ‘UJehova, engiye ngahamba phambi kwakhe, + uzothumela ingelosi yakhe + ukuba ibe nawe futhi nakanjani uzoluphumelelisa uhambo lwakho, kumele uthathele indodana yami umfazi emndenini wakithi nasendlini kababa. + 41 Uyokhululwa esifungweni sakho osenze kimi uma uya emndenini wakithi futhi bengakuniki yena. Lokhu kuyokukhulula esifungweni sakho.’ +

42 “Lapho ngifika emthonjeni namhlanje, ngithe: ‘Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uzoluphumelelisa uhambo lwami, 43 bheka ngimi emthonjeni wamanzi. Okumele kwenzeke ukuthi lapho intombi + iphuma izokha amanzi, ngizothi kuyo, “Ngicela ungiphuzise amanzi kancane esitsheni sakho,” 44 yona ithi kimi, “Phuza, futhi ngizokhelela namakamela akho amanzi.” Lowo wesifazane makube nguye uJehova amkhethele indodana yenkosi yami.’ +

45 “Ngingakaqedi nakukhuluma enhliziyweni yami, nangu uRebheka ephuma etshethe isitsha, wehlela emthonjeni waqala ukukha amanzi. Ngibe sengithi kuye: ‘Ngicela ungiphuzise.’ + 46 Usethule ngokushesha isitsha sakhe wathi: ‘Phuza, + ngizophuzisa namakamela akho.’ Ngibe sengiphuza, waphuzisa namakamela. 47 Ngemva kwalokho ngimbuzile, ‘Uyindodakazi kabani wena?’ yena wathi, ‘Ngiyindodakazi kaBhetuweli indodana kaNahori, ayizalelwa uMilka.’ Ngakho ngifake indandatho ekhaleni lakhe namabhengela ezandleni zakhe. + 48 Ngibe sengiguqa ngakhothama phambi kukaJehova, ngamdumisa uJehova uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, + ongiholele endleleni efanele ukuba ngithathele indodana yenkosi yami indodakazi yomfowabo. 49 Manje ngitsheleni uma nifisa ukuyibonisa uthando oluqotho nokwethembeka inkosi yami; kodwa uma kungenjalo, ngitsheleni, ukuze ngiyobheka kwenye indawo.”* +

50 Ngemva kwalokho uLabani noBhetuweli baphendula: “Le nto ivela kuJehova. Asikwazi ukuthi yebo noma cha kuwe.* 51 Nangu uRebheka phambi kwakho. Mthathe uhambe, makabe umkandodana yenkosi yakho, njengoba nje uJehova ekhulumile.” 52 Lapho inceku ka-Abrahama izwa abakushoyo, ngaso leso sikhathi yaguqa yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova. 53 Inceku yabe isikhipha izinto zesiliva nezegolide nezingubo yazinika uRebheka, yanika umfowabo nonina izinto eziyigugu. 54 Ngemva kwalokho yona namadoda ayekanye nayo badla baphuza, balala lapho.

Lapho ivuka ekuseni yathi: “Ngivumeleni ngiye enkosini yami.” 55 Umfowabo wentombi nonina bathi: “Intombi mayihlale nathi okungenani izinsuku eziyishumi. Ngemva kwalokho ingahamba.” 56 Kodwa inceku yathi kubo: “Ningangibambezeli, ngoba uJehova uluphumelelisile uhambo lwami. Ngivumeleni ngihambe, ukuze ngiye enkosini yami.” 57 Ngakho bathi: “Masiyibize intombi sizwe ukuthi ithini.” 58 Bambiza uRebheka bathi kuye: “Uzohamba yini nalo muntu?” Yena wathi: “Ngizimisele ukuhamba.”

59 Ngakho bamvalelisa udadewabo uRebheka + nomzanyana* + wakhe nenceku ka-Abrahama namadoda ayekanye nayo. 60 Bambusisa uRebheka bathi kuye: “Dadewethu, kwangathi ungaba izigidi eziningi,* inzalo* yakho mayidle ifa ledolobha* labayizondayo.” + 61 Ngemva kwalokho uRebheka nezikhonzi zakhe zesifazane basukuma, bagibela amakamela balandela lowo muntu. Ngakho inceku yamthatha uRebheka yahamba.

62 Manje u-Isaka wayeqhamuke ngaseBheri-lahayi-royi, + ngoba wayehlala ezweni laseNegebhi. + 63 U-Isaka wayephumile ezihambela esigangeni kusihlwa ukuze azindle. + Lapho ephakamisa amehlo, wabona amakamela eza! 64 Lapho uRebheka ephakamisa amehlo, wabona u-Isaka, wayesehla ngokushesha ekamelini. 65 Wabe esebuza inceku: “Ubani leya ndoda ehamba esigangeni izosihlangabeza?” Inceku yathi: “Inkosi yami.” Ngakho wathatha iduku wazimboza. 66 Inceku yatshela u-Isaka zonke izinto eyayizenzile. 67 Ngemva kwalokho u-Isaka wamngenisa etendeni likaSara unina. + Wamthatha uRebheka waba umkakhe; wamthanda, + u-Isaka waduduzeka ngemva kokushona kukanina. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela