IzAga
5 Ukulunga kongasoleki kwenza indlela yakhe iqonde,
Kodwa omubi uyowa ngenxa yobubi bakhe. +
7 Lapho umuntu omubi efa, ithemba lakhe liyashabalala;
Namathemba asekelwe emandleni akhe ayashabalala. +
8 Olungile uyakhululwa osizini,
Omubi angene esikhundleni sakhe. +
10 Ubuhle babalungile benza idolobha lijabule,
Futhi lapho ababi beshabalala, kuba khona ukukhamuluka kwenjabulo. +
12 Noma ubani ontula ukuhlakanipha* udelela* umakhelwane wakhe,
Kodwa umuntu onokuqonda kwangempela uyathula. +
14 Lapho singekho isiqondiso esihlakaniphile,* abantu bayawa,
15 Noma ubani owenza isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu somuntu oyisihambi nakanjani kuyomhambela kabi, +
Kodwa noma ubani okugwemayo* ukwenza isivumelwano* uyolondeka.
19 Okumela ngokuqinile ukulunga uyothola ukuphila, +
Kodwa ojahana nokubi uzibizela ukufa.
20 Abanezinhliziyo eziyizigwegwe bayanengeka kuJehova, +
Kodwa labo abandlela yabo ayisoleki bayamjabulisa. +
21 Qiniseka ngalokhu: Umuntu omubi ngeke ayekwe angajeziswa, +
Kodwa izingane zabalungile ziyophunyuka.
22 Njengendandatho yegolide ekhaleni lengulube
Unjalo owesifazane omuhle owenqaba ukuhlakanipha.
23 Isifiso sabalungile siholela kokuhle, +
Kodwa ithemba lababi libangela ulaka.
24 Umuntu upha ngokukhululekile agcine esenokuningi; +
Omunye uyakugodla okufanele akuphe abanye, kodwa abe mpofu. +
26 Abantu bayomqalekisa umuntu ogodla ukudla okusanhlamvu,
Kodwa bayombusisa lowo okudayisayo.
29 Noma ubani olethela indlu yakhe inkathazo* uyothola umoya, +
Umuntu oyisiwula uyoba inceku yohlakaniphile enhliziyweni.
31 Uma olungile ethola umvuzo ngakwenzile emhlabeni,
Kangakanani-ke ngomubi nesoni! +