IzAga
18 Noma ubani ozihlukanisayo ufuna ukufeza izifiso zakhe zobugovu;
Wenqaba* konke ukuhlakanipha okuwusizo.
2 Umuntu oyisiphukuphuku akajabuli ngokuqonda;
Uncamela ukwambula okusenhliziyweni yakhe. +
3 Lapho kufika omubi, kufika nokwedelela,
Nehlazo lihambisana nesihlamba. +
4 Amazwi aphuma emlonyeni womuntu angamanzi ajulile. +
Umthombo wokuhlakanipha uwumfudlana ophuphumayo.
7 Umlomo wesiphukuphuku uwukubhujiswa kwaso, +
Nezindebe zaso ziwugibe ekuphileni kwaso.
9 Noma ubani ovilaphayo emsebenzini wakhe
Ungumfowabo womuntu obangela incithakalo. +
10 Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. +
Olungile ubalekela kuwo athole isivikelo. *+
11 Ingcebo yomuntu ocebile yidolobha lakhe elinezivikelo eziqinile;
Engqondweni yakhe ifana nodonga oluvikelayo. +
13 Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ezwe amaqiniso,
Lokho kungubuwula nokuhlazeka. +
15 Inhliziyo yoqondayo izuza ulwazi, +
Nendlebe yohlakaniphile ifuna ukuthola ulwazi.
17 Olwethula kuqala udaba lwakhe ubonakala elungile, +
Kuze kube yilapho kufika lowo ommangalele amphenye ngemibuzo. *+
19 Kulula ukuthumba idolobha elinezivikelo eziqinile kunokunqanda ulaka lomfowenu owoniwe, +
Futhi kukhona izingxabano ezinjengemigoqo yenqaba. +
20 Umuntu uyosuthiswa okuvela esithelweni senkulumo yakhe; +
Uyobhekana nemiphumela yezinto azishoyo.
23 Umuntu ohluphekayo uyancenga lapho ekhuluma,
Kodwa ocebile uphendula ngokhahlo.