U-Amose
2 “Yilokhu uJehova akushoyo,
‘ “Ngenxa yokuvukela* kaningi kukaMowabi, + ngeke ngikushintshe engikunqumile
Ngoba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi ukuze enze umcako.
2 Ngakho ngiyothumela umlilo kwaMowabi,
Uyoshwabadela imibhoshongo eqinile yaseKheriyoti; +
UMowabi uyofa ngesikhathi kunokuxokozela,
Ngesiqubulo sempi, ngomsindo wophondo. +
4 Yilokhu uJehova akushoyo,
‘Ngenxa yokuvukela kaningi kukaJuda, + ngeke ngikushintshe engikunqumile
Ngoba uwenqabile umthetho* kaJehova
Futhi akazigcinanga iziqondiso zakhe; +
Kodwa amanga afanayo ayelandelwa okhokho bakhe, amenze waduka. +
5 Ngakho ngiyothumela umlilo kwaJuda,
Uyoshwabadela imibhoshongo eqinile yaseJerusalema.’ +
6 Yilokhu uJehova akushoyo,
‘Ngenxa yokuvukela kaningi kuka-Israyeli, + ngeke ngikushintshe engikunqumile
Ngoba uthengisa olungile ngesiliva,
Athengise ompofu ngezimbadada. +
Ubaba nendodana baya ocansini nentombazane eyodwa,
Bengcolisa igama lami elingcwele.
8 Uzelulela eceleni kwawo wonke ama-altare + phezu kwezingubo azithathe njengesibambiso; +
Iwayini aliphuza endlini* yonkulunkulu bakhe lalithathwe kulabo ayebahlawulisile.’
9 ‘Kodwa yimi engaqothula umAmori phambi kwakhe, +
Owayemude njengezihlahla zomsedari, eqine njengezihlahla ze-oki;
Ngaqothula izithelo zakhe ngaphezulu nezimpande zakhe ngaphansi. +
10 Nganikhuphula ezweni laseGibhithe, +
Nganenza ukuba nihambe ehlane iminyaka engu-40 +
Ukuze nithathe izwe lomAmori.
Akunjalo yini bantu bakwa-Israyeli?’ kusho uJehova.
12 ‘Kodwa naqhubeka ninika amaNaziri iwayini ukuba aphuze, +
Nayala abaprofethi nithi: “Akumele niprofethe.” +
13 Ngakho ngizonichoboza endaweni yenu,
Njengoba nje inqola egcwele ukudla okusanhlamvu ichoboza okungaphansi kwayo.
14 Onejubane ngeke abe nayo indawo azobalekela kuyo, +
Onamandla ngeke ahlale enamandla,
Alikho iqhawe eliyosindisa ukuphila kwalo.
15 Ophatha umcibisholo ngeke ame,
Onejubane ngeke aphunyuke,
Umgibeli wehhashi ngeke akusindise ukuphila kwakhe.
16 Ngisho neqhawe elinesibindi kunawo wonke
Liyobaleka linqunu ngalolo suku,’ + kusho uJehova.”