Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 IziKronike 32
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 IziKronike Okuphakathi

      • USaneheribi usongela iJerusalema (1-8)

      • USaneheribi udelela uJehova (9-19)

      • Ingelosi ihlasela ibutho lase-Asiriya (20-23)

      • Ukugula kukaHezekiya nokuzidla kwakhe (24-26)

      • Izinto ezafezwa uHezekiya nokufa kwakhe (27-33)

2 IziKronike 32:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 31:20
  • +2Kh 18:7, 13; Isay 36:1

2 IziKronike 32:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 20:20

2 IziKronike 32:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “neMilo.” Igama lesiHebheru elisho “ukugcwalisa.”

  • *

    Noma, “yemicibisholo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 5:9; 1Kh 9:24; 11:27; 2Kh 12:20

2 IziKronike 32:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “wakhuluma nenhliziyo yabo.”

2 IziKronike 32:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 19:6
  • +Dut 31:6, 8; Jos 1:6, 9; 2Kh 6:16, 17; 2Kr 20:15

2 IziKronike 32:8

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “inamandla omuntu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Num 14:9; Dut 20:1, 4; Jos 10:42; Jer 17:5
  • +2Kr 20:20

2 IziKronike 32:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 37:8
  • +2Kh 18:17; Isay 36:2

2 IziKronike 32:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 18:19; Isay 36:4

2 IziKronike 32:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 18:29, 30; 19:10

2 IziKronike 32:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 18:1, 4
  • +2Kr 31:1
  • +2Kh 18:22; Isay 36:7

2 IziKronike 32:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 15:29; 17:5; Isay 37:12
  • +2Kh 18:33, 34; 19:17, 18

2 IziKronike 32:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 14:3; 15:9

2 IziKronike 32:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 18:29
  • +Eks 5:2; Dut 32:27; Dan 3:14, 15

2 IziKronike 32:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 19:14
  • +Isay 37:29
  • +2Kh 17:6; 19:12

2 IziKronike 32:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 18:26, 28; Isay 36:11, 13

2 IziKronike 32:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 19:2, 20; Isay 37:2
  • +2Kh 19:14, 15; 2Kr 14:11

2 IziKronike 32:21

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ethempelini.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 76:5
  • +2Kh 19:35-37; Isay 37:37, 38

2 IziKronike 32:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 4:21; 2Kr 17:1, 5

2 IziKronike 32:24

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ibika.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 20:1, 2; Isay 38:1, 2
  • +2Kh 20:5, 9; 2Kr 32:31; Isay 38:8

2 IziKronike 32:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 26:18, 19
  • +2Kh 20:19

2 IziKronike 32:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 1:11, 12; 17:1, 5
  • +1Kh 9:17-19

2 IziKronike 32:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 32:4
  • +1Kh 1:33, 45
  • +2Sa 5:9

2 IziKronike 32:31

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngebika.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 20:8-11; Isay 38:8
  • +2Kh 20:12; Isay 39:1
  • +Gen 22:1
  • +Dut 8:2; IHu 7:9; 139:23

2 IziKronike 32:32

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 31:20, 21
  • +Isay 1:1
  • +2Kh 20:20

2 IziKronike 32:33

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 11:43

Okunye

2 IziKr. 32:12Kr 31:20
2 IziKr. 32:12Kh 18:7, 13; Isay 36:1
2 IziKr. 32:32Kh 20:20
2 IziKr. 32:52Sa 5:9; 1Kh 9:24; 11:27; 2Kh 12:20
2 IziKr. 32:72Kh 19:6
2 IziKr. 32:7Dut 31:6, 8; Jos 1:6, 9; 2Kh 6:16, 17; 2Kr 20:15
2 IziKr. 32:8Num 14:9; Dut 20:1, 4; Jos 10:42; Jer 17:5
2 IziKr. 32:82Kr 20:20
2 IziKr. 32:9Isay 37:8
2 IziKr. 32:92Kh 18:17; Isay 36:2
2 IziKr. 32:102Kh 18:19; Isay 36:4
2 IziKr. 32:112Kh 18:29, 30; 19:10
2 IziKr. 32:122Kh 18:1, 4
2 IziKr. 32:122Kr 31:1
2 IziKr. 32:122Kh 18:22; Isay 36:7
2 IziKr. 32:132Kh 15:29; 17:5; Isay 37:12
2 IziKr. 32:132Kh 18:33, 34; 19:17, 18
2 IziKr. 32:14Eks 14:3; 15:9
2 IziKr. 32:152Kh 18:29
2 IziKr. 32:15Eks 5:2; Dut 32:27; Dan 3:14, 15
2 IziKr. 32:172Kh 19:14
2 IziKr. 32:17Isay 37:29
2 IziKr. 32:172Kh 17:6; 19:12
2 IziKr. 32:182Kh 18:26, 28; Isay 36:11, 13
2 IziKr. 32:202Kh 19:2, 20; Isay 37:2
2 IziKr. 32:202Kh 19:14, 15; 2Kr 14:11
2 IziKr. 32:21IHu 76:5
2 IziKr. 32:212Kh 19:35-37; Isay 37:37, 38
2 IziKr. 32:231Kh 4:21; 2Kr 17:1, 5
2 IziKr. 32:242Kh 20:1, 2; Isay 38:1, 2
2 IziKr. 32:242Kh 20:5, 9; 2Kr 32:31; Isay 38:8
2 IziKr. 32:26Jer 26:18, 19
2 IziKr. 32:262Kh 20:19
2 IziKr. 32:272Kr 1:11, 12; 17:1, 5
2 IziKr. 32:271Kh 9:17-19
2 IziKr. 32:302Kr 32:4
2 IziKr. 32:301Kh 1:33, 45
2 IziKr. 32:302Sa 5:9
2 IziKr. 32:312Kh 20:8-11; Isay 38:8
2 IziKr. 32:312Kh 20:12; Isay 39:1
2 IziKr. 32:31Gen 22:1
2 IziKr. 32:31Dut 8:2; IHu 7:9; 139:23
2 IziKr. 32:322Kr 31:20, 21
2 IziKr. 32:32Isay 1:1
2 IziKr. 32:322Kh 20:20
2 IziKr. 32:331Kh 11:43
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 IziKronike 32:1-33

Eyesibili YeziKronike

32 Ngemva kwalezi zinto nalezi zenzo zokwethembeka, + uSaneheribi inkosi yase-Asiriya weza wahlasela uJuda. Wavimbezela amadolobha anezivikelo eziqinile, efuna ukuwafohla ukuze awathathe. +

2 Lapho uHezekiya ebona ukuthi uSaneheribi wayefikile futhi ehlose ukulwa neJerusalema, 3 ngemva kokuxoxa nezikhulu zakhe namaqhawe akhe, wanquma ukuba kuvalwe amanzi eziphethu ngaphandle kwedolobha; + ngakho bamsiza. 4 Abantu abaningi babeqoqene ndawonye, bazivala zonke iziphethu nemifudlana egeleza phakathi kwezwe, bethi: “Kungani amakhosi ase-Asiriya kufanele eze athole amanzi amaningi?”

5 Ngaphezu kwalokho, ngokuzimisela walwakha kabusha lonke udonga olwalubhidlikile wamisa imibhoshongo kulo, nangaphandle wakha olunye udonga. Walungisa neNdunduma *+ Yedolobha LikaDavide, wenza nenqwaba yezikhali* namahawu. 6 Wabe esemisa izinduna zempi phezu kwabantu, wabaqoqela esigcawini sesango ledolobha wabakhuthaza* wathi: 7 “Yibani nesibindi niqine. Ningesabi noma nethuke ngenxa yenkosi yase-Asiriya + naso sonke lesi sixuku esinayo, ngoba baningi kakhulu abanathi kunabanayo. + 8 Yona inengalo yenyama,* kodwa thina sinoJehova uNkulunkulu wethu ozosisiza futhi alwe izimpi zethu.” + Abantu baqina ngenxa yamazwi kaHezekiya inkosi yakwaJuda. +

9 Ngemva kwalokho, ngesikhathi uSaneheribi inkosi yase-Asiriya eseLakishi + ekanye nawo wonke amabutho akhe asebukhosini, wathumela izinceku zakhe eJerusalema kuHezekiya inkosi yakwaJuda nakubo bonke abaseJudiya eJerusalema, + wathi:

10 “Yilokhu uSaneheribi inkosi yase-Asiriya akushoyo, ‘Nithembeni njengoba nihleli eJerusalema libe livinjezelwe? + 11 Akanikhohlisi yini uHezekiya futhi akaninikeli yini ukuba nibulawe indlala nokoma, ethi: “UJehova uNkulunkulu wethu uzosisindisa esandleni senkosi yase-Asiriya”? + 12 Akuyena yini lo Hezekiya owasusa izindawo eziphakeme zikaNkulunkulu wenu + nama-altare aKhe + wayesethi kuJuda naseJerusalema: “Kufanele nikhothame phambi kwe-altare elilodwa, nishunqise umusi womhlatshelo kulo”? + 13 Anikwazi yini lokho mina nokhokho bami esakwenza kuzo zonke izizwe zamazwe? + Onkulunkulu bezizwe zamazwe bakwazi yini ukusindisa izwe labo esandleni sami? + 14 Ubani phakathi kwabo bonke onkulunkulu balezi zizwe okhokho bami abazibhubhisa owakwazi ukusindisa abantu bakhe esandleni sami, ukuze uNkulunkulu wenu akwazi ukunisindisa esandleni sami? + 15 Ningamvumeli uHezekiya anikhohlise noma anidukise ngale ndlela! + Ningamethembi ngoba akukho nkulunkulu wanoma isiphi isizwe noma umbuso owakwazi ukusindisa abantu bakhe esandleni sami nasesandleni sokhokho bami. Ayisaphathwa ekaNkulunkulu wenu, ngeke akwazi ukunisindisa esandleni sami!’ ” +

16 Izinceku zakhe zasho okubi nakakhulu ngoJehova uNkulunkulu weqiniso nangoHezekiya inceku yakhe. 17 Wabhala ngisho nezincwadi + ukuze ahlambalaze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli + futhi akhulume kabi ngaye, ethi: “Njengonkulunkulu bezizwe zamazwe abangakwazanga ukusindisa abantu babo esandleni sami, + noNkulunkulu kaHezekiya naye ngeke abasindise abantu bakhe esandleni sami.” 18 Babelokhu bememeza kakhulu ngolimi lwamaJuda bememeza abantu baseJerusalema ababesodongeni, ukuze babesabise futhi babathuse bese bethumba idolobha. + 19 Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu waseJerusalema ngendlela efanayo nababekhuluma kabi ngayo ngonkulunkulu bezizwe zomhlaba, abawumsebenzi wezandla zomuntu. 20 Kodwa iNkosi uHezekiya nomprofethi u-Isaya + indodana ka-Amozi, babelokhu bethandaza ngalokhu futhi bekhala becela usizo emazulwini. +

21 UJehova wabe esethuma ingelosi, yaqothula wonke amaqhawe anamandla, + umholi kanye nenduna ekamu lenkosi yase-Asiriya, kangangokuba le nkosi yaphindela ezweni layo ihlazekile. Kamuva yangena endlini* kankulunkulu wayo, amanye amadodana ayo ayibulalela khona ngenkemba. + 22 Ngakho uJehova wamsindisa uHezekiya nabakhile eJerusalema esandleni sikaSaneheribi inkosi yase-Asiriya nasesandleni sabo bonke abanye, wabanika ukuphumula kuzo zonke izitha zabo ezazibazungezile. 23 Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema nezinto zekhethelo kuHezekiya inkosi yakwaJuda + futhi zonke izizwe zamhlonipha kakhulu ngemva kwalokho.

24 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wacishe wafa futhi wathandaza kuJehova + owamphendula, wamnika isibonakaliso. *+ 25 Kodwa uHezekiya yena akazange abonise ukubonga ngokuhle ayenzelwe kona, ngoba inhliziyo yakhe yazidla, wazibizela yena noJuda neJerusalema intukuthelo kaNkulunkulu. 26 Nokho, uHezekiya wayithobisa inhliziyo yakhe ezidlayo, + yena nabakhe eJerusalema, nentukuthelo kaJehova ayizange ibehlele ezinsukwini zikaHezekiya. +

27 UHezekiya waba nengcebo eningi nodumo; + wazenzela izinqolobane + zesiliva, zegolide, zamatshe ayigugu, zamafutha ebhalsamu, zamahawu nezazo zonke izinto ezifiselekayo. 28 Wenza nezindawo zokugcina imikhiqizo yokudla okusanhlamvu newayini elisha namafutha, kanye nezibaya zazo zonke izinhlobo zezilwane ezifuywayo nezibaya zemihlambi. 29 Wazitholela namadolobha nemfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimvu nezimbuzi neyezinkomo, ngoba uNkulunkulu wamnika impahla eningi kakhulu. 30 UHezekiya nguye owavala umthombo ongenhla wamanzi + aseGihoni, + wawaqondisa ngqo entshonalanga aya eDolobheni LikaDavide, + uHezekiya waphumelela kuyo yonke imisebenzi yakhe. 31 Nokho lapho abakhulumeli bezikhulu zaseBhabhiloni bethunyelwa kuye ukuze bambuze ngesibonakaliso *+ esasenzeke ezweni, + uNkulunkulu weqiniso wamshiya ukuze amvivinye, + ukuze azi konke okwakusenhliziyweni yakhe. +

32 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaHezekiya nezenzo zakhe zothando oluqotho, + ulotshwe embonweni ka-Isaya + umprofethi, indodana ka-Amozi, eNcwadini Yamakhosi AkwaJuda Nakwa-Israyeli. + 33 Ngemva kwalokho uHezekiya washona, bamngcwaba emqanseni oya emangcwabeni amadodana kaDavide; + wonke uJuda nabakhe eJerusalema bamngcwaba ngenhlonipho. UManase indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela